Abashayeli bavimbe imigwaqo eMpumalanga ngamanani kaphethroli



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Imizila emikhulu engena iphuma ezindaweni eziningi eMpumalanga engena enkabeni yedolobha iMbombela ivalwe ngabashayeli bamatekisi bekhala ngokukhuphuka kwezindleko zikaphethroli.
Kwezinye izimo, abashayeli bamaloli baphoqeleke ukuba baphume ezimotweni zabo ebezisetshenziselwe ukuvala imigwaqo konke lokhu kwenzeke kusukela ngoLwesithathu.
Amaphoyisa esifundazwe abechithiwe ezama ukunqanda isimo ezindaweni ezehlukahlukene. Lesi simo sishiye abantu abaningi bengakwazanga ukufika ezindaweni akade befuna ukuya kuzona.
Iningi lamabhizinisi alikwazanga ukuvulwa ngoLwesithathu njengoba abantu bengakwazanga ukuya emsebenzini.
Amalungu omphakathi akhele iMbombela, iBarberton, iMatsulu, iNgodini namaphethelo angenele umbhikisho, athe ukwenyuka kukaphethroli kubangela ukwenyuka kwentengo yokudla.
Imigwaqo evaliwe ihlanganisa iKaapschehoop, N4 esuka eMatsulu naseMalalane, uR40 osuka eBarberton naseLydenburg, KaBokweni kanye nemigwaqo emincane esenkabeni yeMbombela.
Okhulumela amaphoyisa uBrig Selvy Mohlala uthe kukhona ababoshiwe. “Okwamanje iNelspruit CBD ibukeka izolile kodwa sithuthela kwezinye izindawo, KaNyamazane, Emkhatsini nakwezinye izindawo. Sibophe abasolwa ngamacala okudala uthuthuva emphakathini nokuhlukumeza umphakathi, bayacutshungulwa sikhuluma nje,” kusho uMohlala.
Iloli livale ukungena enkabeni yedolobha laseMbombela ngesikhathi kunombhikisho mayelana nokukhuphuka kwentengo kaphethroli.
USihlalo kasoseshini weTopstar, uMnu uJohan Mavundla, uthe bathwele kanzima, wathi uma uphethroli ungehli imboni izowa.
“Le nto inzima kithina, khumbula ngesonto eledlule besikhuluma ngokunyuka kwemali yokugibela okuyinto ebesingakenzi futhi manje uphethroli ukhuphuka usungaphezu kuka-R2. Kuke kwenzeka njengabaphathi siyakwazi ukukhuluma nabantu bethu ukuthi behlise amaphaphu kodwa kulokhu bebengafuni kuzwa lutho kithina. Kunalokho baqasha abanye ososeshini bangena emigwaqeni njengoba ubona. Akukho esingakwenza ngaphandle kokuthi sihlangane nabo ngoba siyazi ukuthi lokhu kusho ukuthi uzobhidliza ibhizinisi lethu. Ukushayela amatekisi usuku lonke; yithina esithenga kakhulu uphethroli njengoba sithwala abagibeli ngakho-ke le nto isishaya kakhulu,” kusho uMavundla.