Now Reading
Isasasa nenjabulo kubuya umqhudelwano ohlonipha uMntwana wakwaPhindangene
Dark Light

Isasasa nenjabulo kubuya umqhudelwano ohlonipha uMntwana wakwaPhindangene

Kube yinjabulo yodwa kuthulwa ngokusemthethweni umqhudelwano okuhlonishwa kuwo uMntwana waKwaPhindangene.  Lo mqhudelwano ubizwa ngokuthi iPrince Mangosuthu Legacy Cup.

Kuzobe kungokwesithathu lo mqhudelwano ubanjwa kusuka ngowezi 2017 nangowezi-2018. Uzobanjwa  mhla zingama-23 kwephezulu, enkundleni yasoLundi ngaphansi kukaMasipala iZululand oholwa iNkosi uThulasizwe Buthelezi.

Amaqembu azoba yingxenye yalo mqhudelwano kuzoba AmaZulu FC, iRichards Bay FC engomakoti kuDStv Premiership, iMamelodi Sundowns okuyiyo ezovikela isicoco bese kuba iZululand X1 ezobe ihlanganisa abadlali abancane abanekusasa eliqhakazile.

IMeya uButhelezi uthe kuyabajabulisa kakhulu ukuthi lo mqhudelwano ukhuze ibuya, futhi bazimisele ukumhlonipha ngezinga eliphezulu uMntwana waKwaPhindangele ongumsunguli weqembu i-Inkatha Freedom Party (IFP).

“Kuyintokozo ukuthi lo mqhudelwano uzoba khona kulo nyaka. Uzonyusa igama laseZululand, nesifundazwe iKwaZulu-Natal imbala,” kusho uButhelezi.

Okunye okuvezwe uButhelezi ukuthi lo mqhudelwano uzothuthukisa umnotho endaweni yaseZululand, kuzoba khona izinto ezizokwenziwa ngaphambi kwemidlalo kanobhutshuzwayo.

See Also

“Ngaphandle kokungabaza lo mqhudelwano uzowunyusa kakhulu umnotho wasendaweni yaseZululand. Izindawo zokulala zizobe zigcwele phama, kwazise baningi abantu abazobe beqhamuka ezindaweni zangaphandle. Izitolo zasendaweni, izindawo zokufaka uphethroli zizobe zisebenza ngokuphindiwe. Onogada abazobe besebenza enkundleni ngalolo suku bazothola umsebenzi, omama abadayisa ematafuleni bazothola ithuba lokwenza inkece njengoba bezobe bevumelekile ukudayisa enkundleni eimdlalweni ezothatha usuku lonke,” kusho uButhelezi.

Ngomhla zingama-21 okuzobe kunguLwesine kuzoba namahubo okuzobe kusahlonishwa ngawo uMntwana waKwaPhindangene, kuthi ngokusuku olulandelayo abaqeqeshi bala maqembu adlala esigabeni elikhokhelayo baqeqeshe intsha kanye nabaqeqeshi abancane. Kusihlwa bese kwamukelwa zonke izivakashi ezizobe zihambele iMangosuthu Buthelezi Legacy Cup. 

Ukungena enkundleni kuzoba ama-R20, inkundla imumatha abantu abalinganiselwa ezinkulungwane eziyisi-8.

Scroll To Top