Isihawu, isihe, ukubonelela nokuzidela kubusa amantombazane amathathu



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kujwayelekile ukuthi uma usemtholampilo, ubone abantu asebekhulile ngabe ogogo okanye omkhulu, behlala usuku lonke kusukela ngehora lesi-6 ekuseni.
Okubuhlungu ukuthi lokho kwenzeka ezibhedlela zikaHulumeni. Basuke bezolanda imithi, amaphilisi, abanye bezothatha amagazi ngokuhlukana kwabo. Lokhu kusho ukuthi njengoba besuke behlezi usuku lonke, basuke bengadli okuyinto engalunga kubantu abadala ngenxa yalokho abadli isikhathi esingaphezu kwamahora ayisikhombisa.
ETsakane, e-Ekurhuleni abesifazane abathathu benze okungajwayelekile njengoba sebenze lokho kwaba umgomo wabo ukuqinisekisa ukuthi ogogo nomkhulu bayawaphuza amaphilisi abo nemithi ngokubaphakela ukudla njengoba besuke belinde kulayini.
Basuke bebalethela ukudla okunezithelo, amasemishi kanye nesobho elishisayo. Njalo ekuseni laba bobathathu uMalehlogonolo Mokoena, uLerato Mpila noVangile Nkutha babonakala bemi ngaphandle kwemitholampilo eyahlukene nesidlo sasekuseni esilungele ukuphakela iziguli esezikhulile.
UMalehlogonolo oneminyaka engama-29 uthe iningi leziguli ezinezifo ezingalapheki ikakhulukazi abantu abadala baya emtholampilo kusukela ngehora lesihlanu ekuseni ukuze babe ngabokuqala emgqeni ukuze bangaphindiswa emuva. “Balinda bengadlile njengoba umtholampilo uqala ukusebenza kusukela ngehora lesishiyagalombili ekuseni. Ucwaningo lwethu luveze ukuthi abanye baze babuye ekwelashweni kwabo ngoba besaba ukulinda isikhathi eside ukuze bathole usizo lwezempilo belambile,” kusho uMalehlogonolo.
Lokhu akwehlanga kahle kuMalehlogonolo njengoba ubehlezi ebukele abantu abadala emphakathini wangakubo bebeka impilo yabo engcupheni ngokungayitholi imishanguzo ebalulekile ngenxa yobuhlungu bokuma ulayini belambile.
Wathintana nabangani bakhe ababili ukuze baqhamuke nezindlela zokusiza iziguli esezikhulile futhi bobathathu basungula iMosadi ke Bophelo Foundation. Lo msebenzi bawuqale beshaya emaphaketheni abo ngezibonelelo zabo zosizo luka-R350.
Uthe bayazama ukuvala igebe lobubha emphakathini wabo ngokweseka izalukazi. “Emizini eminingi izalukazi zishiywa zinakekele abazukulu bese ziphoqeleka ukuthi zisebenzise imali yempesheni ukuze zizondle. Uhlelo lwethu ukuqoqa imali eyanele ukuze sikwazi ukubanikeza amaphasela okudla masonto onke.” usho kanje.