Now Reading
Bekuphela engama-67 kwethulwa uMqulu Wenkululeko
Dark Light

Bekuphela engama-67 kwethulwa uMqulu Wenkululeko

Ngosuku lwangeSonto esontweni eledlule bekugujwa iminyaka engama-67 kwasungulwa uMqulu Wenkululeko (Freedom Charter) . Lo Mqulu wemukelwa endaweni evulekile kuCongress of the People e-eKliptown mhla zingama-26 kuNhlangulana ngowe-1955.

“Thina bantu baseNingizimu Afrika simemezela ukuthi izwe lethu lonke nomhlaba wonke wazi ukuthi iNingizimu Afrika ngeyabo bonke abahlala kuyo. Abamnyama nabamhlophe futhi akekho uHulumeni ongafuna igunya ngokufanelekile ngaphandle uma kusekelwe entandweni yabantu bakithi,” kufundeka kanjalo uMqulu.

UMqulu osebenza njengohlaka lwesakhiwo sezombusazwe, ezomnotho kanye nezenhlalakahle abantu baseNingizimu Afrika abawufunayo, uyaqhubeka nokuqondisa iqembu elibusayo ohlelweni lwayo lokulethwa kwezidingo. Ukwengeza, iphinde yasetshenziswa njengesisekelo ekubhalweni koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (iNDP).

Uma ebheka inqubekelaphambili yoMqulu Wenkululeko namuhla, uSihlalo weqembu elibusayo, uGwede Mantashe uthi ukwamukelwa koMqulu wezimayini kuholele ekutheni umbuso kanye nabantu kube ngabagcini bezimbiwa okuyimpumelelo yoMqulu weNkululeko.

“Ngingumsebenzi wasezimayini ngokwemvelaphi futhi ngesikhathi samukela umqulu wezimayini, enye yezinto esizizuzile kwaba wukunikeza umbuso wonke amaminerali angaphansi kwesihlabathi egameni labantu. Umgcini wezimbiwa embusweni nakubantu wonkana nokuyinto eyimpumelelo kumqulu wenkululeko,” kusho uMantashe.

See Also

Lo mbhalo uthi, phakathi kokunye, imfundo iyoba mahhala, iyimpoqo, iyonke futhi ilingane kuzo zonke izingane. Imfundo ephakeme kanye nokuqeqeshwa kwezobuchwepheshe kuyovulelwa wonke umuntu ngezibonelelo zikahulumeni kanye nemifundaze ekhishwa ngokwesisekelo sokufaneleka. UMantashe unombono wokuthi ukufinyelela kwezemfundo kube ngcono kakhulu.

“Konke okunye kuyohlala kuncike emsebenzini esiwenzayo, isibonelo, bheka ukufinyelela emfundweni kube ngcono kakhulu. Sikhiqiza abaneziqu yingakho inkinga enkulu ingasekho, ukuthi asiyitholi imfundo. Inkinga iwukuthi siyathweswa iziqu futhi silwela ukuthola imisebenzi okusho ukuthi kunenqubekela phambili esiyenzayo kodwa njengoba senza leyo ntuthuko kumele sibheke nezinye izici.”

Scroll To Top