Now Reading
Amazwibela emibono yabantu ngesifo iCoronavirus
Dark Light

Amazwibela emibono yabantu ngesifo iCoronavirus

Ngemuva nje kokuthi uMnyango Wezempilo uqinisekile ukuthi sekutholakale ukuthi kunowesilisa ohlaselwe yilesi sifo, elaboHlanga ligijime layovimbezela izakhamuzi ngenhloso yokuthola ukuphawula kwazo ngalo mhlola osukhuzwa ebaleni. Abanye bakhombise ukwethuka kanti abanye bazithele ngabandayo, nokudumazile kwazise besibuza ngesifo esesibhuqabhuqe abantu bamazwe athathwa njengezikhondlakhondla ngokuba nezinsiza namandla. UMnu uSiphiwe Mbatha waseShongweni Dam uthuke wacishe waquleka ezekelwa okokuqala iBayede ngalolu daba. “Hhawu uqinisile ngempela mfowethu? Hhawu kodwa engabe sizoba yini thina-ke kuleli njengoba iChina izwe elikhulu futhi elinezinsiza, imali namandla. Okusho kuzolala uyaca lapha eNingizimu Afrika.

Umuntu uzohlala esiguqweni uma sekunje.” UMnu uXolani Luthuli waseMolweni uthe njengoba esebenza ngabantu egaraji, usezoba netwetwe. “Bakithi into ezothiwani lena? Nami besengizwile ngayo. Umuntu usebenza ngabantu nsuku zonke, manje awazi ukuthi lesi sifo sithelelana kanjani. Sengathi uma kukhona indlela yokusinqanda lesi sifo sengathi iziphathimandla zingasheshe ziyisukumele.” Kanti uNks uSindi Bhengu ongumhlengikazi uthe.”Izindaba ezethusayo lezi. Kuduma ikhanda njengoba ngikhuluma ngoba asazi ukuthi sebebangaki esibatholile.” Omunye ophawulile kube nguMnu uNdumiso “Shakes” Dlamini waseGillits nothe; “Umuntu ubeyibukela kude le nto.

See Also

Ngithuke ngacishe ngoma sengizwa emsakazweni ukuthi sesigadle kumuntu walapha eKZN. Okubuhlungu umuntu akazi ukuthi yiziphi izimpawu zokutheleleka ngalesi sifo. Okumele kwenziwe uHulumeni ukuxhumana neChina nalezi zindawo lapho ebibhidlange khona ukuhloma ngolwazi lokuzama ukuyigwema ingabhebhethi. Okunye okumele kwenziwe uHulumeni wethu ukuthi abantu abasuka kula mazwe egadle khona baxilongwe, yize-ke ngingazi ukuthi mhlawumbe lokho kobe kuthuntubeza amalungelo abo yini,” kusho yena. UNks uNosipho Mlangeni waKwaNyuswa naye ubabazile wathi: “Angifuni ukuqamba amanga indaba yaleli gciwane bekuyinto ebengiyithatha kancane, kodwa ngoba sengizwa kuthiwa isifikile kuleli lapha esifundazweni engikusona ngethukile kakhulu. Ngiyathemba ukuthi lo muntu onaso uzokwazi ukuthi asheshe alapheke, singasabalali kubantu abaningi.” Akasalanga ngaphandle oweNkosi, uNks uZanele Zulu waseMolweni nophawule wathi: “Kusukela laba khona leli gciwane bengililandelela nangendlela elibhubhisa ngalo ezweni. Kungithuse kakhulu ukuthi selilapha esifundazweni sethu, umbuzo uthi ngabe lo onaso uhlezi endaweni enjani uHulumeni uzokwazi yini ukuthi kugcina kube ilo onaso kuphela? Ngikubona kuzoba nzima njengoba uHulumeni wethu engenayo imali, iChina ithwele kanzima yize inemali ingabe thina soba njani,” kuphetha uSithuli.

Scroll To Top