UMalema uthi uZondo uthunywe ugwayi wabuya neboza



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uJulius Malema, usenxuse ukuthi kube nemfundo yamahhala neqedwe ubukoloni ezweni. Ngonyaka wezi-2015, amanyuvesi ezweni lonke abona imibhikisho emikhulu mayelana nokutholakala kwemfundo ezikhungweni zikahulumeni. UMalema ukhale ngokungafinyeleleki kwemfundo embuthanweni waleli qembu ngeSonto, eKliptown, eSoweto, eJohannanesburg, wokukhumbula ukwamukelwa koMquu Wenkululeko ngowe-1955.
Lo Mqulu wamukelwa eNgqungqutheleni Yabantu ngowe-1955 futhi usuphenduke umhlahlandlela wesakhiwo sezombusazwe, ezomnotho, kanye nezenhlalakahle abantu baseNingizimu Afrika ababezifuna. Kamuva kwakuzovula indlela yentando yeningi yezwe ngemuva kwesikhathi sobandlululo.
UMalema uthi isimo sezemfundo ezweni siphambene nalokho okubekwe wumqulu wenkululeko. “Sithe emqulwini wenkululeko kumele kuvuleke iminyango yokufunda namasiko kodwa ihlale ivaliwe. Kumele silwele imfundo yamahhala elinganayo, esuswe ubukoloni, yawo wonke umuntu. Kungakhathaliseki ukuthi ucebile noma umpofu, Sidinga futhi imfundo ekhishwe ikoloni efundiswa izingane zabantu abacebile ukuze zibe nokushisekela izwe. Uma bengena enyuvesi yethu sibafundisa amasiko ethu, sibafundise umlando wethu ofanele, sibafundise umqulu wenkululeko,” kusho uMalema.
I-EFF iyakuchitha okutholwe yiKhomishini kaZondo:
Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe eKliptown, uSoweto Malema ukuchithile okutholwe yiKhomishini embikweni wokugwamandwa kwamandla ombuso. UMalema uthi lo mbiko usuveze obala ngezinto ezenziwa abaholi boHlanga ngesikhathi benganaki inkohlakalo yabantu abamhlophe.
USihlalo Wekhomishini ebibheka izinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso , uRaymond Zondo unikeze ngokusemthethweni Ingxenye Yesihlanu Neyesithupha yombiko kuMengameli uCyril Ramaphosa ngesonto eledlule, ngoLwesithathu. UMalema uthi umbiko kaZondo awumfanele neze iphepha obhalwe kulo. Uthi ukuphenywa kokugwamandwa kwamandla ombuso abakwesekayo akukona okuveziwe nguZondo.
Ukugcizelele ukuthi bebengaphenyi ukuthi ngobani abathumbe umbuso, kodwa bebephenya ukuthi yimuphi umuntu woHlanga owenze ibhizinisi nabamhlophe. “Esakucela kuKhomishini ukuthi ihlole ubudlelwano phakathi kukaZuma nabakwaGupta futhi ibheke ukuthi abakwaGupta abazange yini babe nomthelela ekukhishweni kukaMnu uNhlanhla Nene ngobusuku obubodwa. Kungani ungekho umbiko ngezinkampani zamazwe ngamazwe ezigwema intela eNingizimu Afrika zisebenzisane namabhange? Yingoba zingabamhlophe. Siyawenqaba umbiko weKhomishini kaZondo.”