Now Reading
Ukhwantshabalisa bonke abazama ukusondela esibayeni
Dark Light

Ukhwantshabalisa bonke abazama ukusondela esibayeni

Ngeledlule kwenzeke into ekade ivele ilindelekile ukuthi kunqobe uDanny Jordaan okhethweni lukaMengameli wenhlangano ephethe unobhutshuzwayo lapha eNingizimu Afrika iSouth Africa Football Association (SAFA). Lolu khetho belubanjelwe eSandton City Convention Centre, eGoli.

UJordaan unqobe ngamaphuzu ali-186, ubebanga noRia Ledwaba othole amaphuzu ali-18 noNgoako “Solly” Mohlalong owathola ayisi-8.

Ngokombono wami ngibona uJordaan eseyiphendule eyakhe le nhlangano. Okwenza kubukeke kanjalo ukuthi bonke abaphikisana naye bakhonjwa indlela abafike ngayo, okanye bamiswe. Uma kungenjalo ubeka imithetho ezovuna yena.

ULucas Radebe wathi uma engenela lolu khetho, uJordaan wabeka umthetho wokuthi kumele okungenani kube ukuthi uphethe iLocal Football Association (LFA) yangakubo. Wathi uma ebona ukuthi uDr Irvin “Iron Duke” Khoza engamphuca iqatha emlonyeni wathi ngeke akwazi ukungenela ukhetho ngoba uneqembu eligijima kuPremier Soccer League (PSL). Wenza esifanayo nakuChippa Mpengesi weChippa United.

Buka nje manje uRia okunguyena obemhlezi ezithendeni uJordaan usekhonjwe afika ngayo, ukwehlulwa kwakhe okhethweni kumkhiphe ngisho ekubeni abe yilungu lesigungu sikazwelonke. Uma efuna ukubuya kuzomele ayoqala phansi kuLFA noma esifundeni seSafa.

Kusukeka athatha izintambo kuKirsten Nematandani ngonyaka wezi-2013. UMengameli uJordaan wake wabhekana necala lokunyukubeza ngokocansi uJennifer Ferguson, lesi sigameko kuthiwa senzeka eminyakeni engama-27 edlule ePort Elizabeth. Lelo cala kwagcina kuphele kanjalo ngalo wena owabona amazola ebona ilanga ekuseni.

Eminyakeni engemingaki edlule uJordaan walwa kanzima nePSL, ngendaba yabaxhasi be-OUTsurance. Laba baxhasi kwathatha isikhathi eside ngaphambi kokuthi bathole inkontileka yokuxhasa onompempe. Ngonyaka wezi-2017 kwake kwaba nombango ophakathi kweSAFA neSouth Africa Football School Football Association (SASFA), okuyinhlangano ephethe ibhola lezikole kuleli.

Yize ziningi izigameko ezenze uJordaan waze waba iqaqa kubantu abaningi baze bamfuna ephumile esikhundleni sobuMengameli, kodwa kukhona okube kuhle okwenzeke ebholeni lakuleli ngaphansi kobuholi bakhe.

Okuhle okwenzekile ukunyuka kwezinga emaqenjini esizwe. Iqembu labaneminyaka engaphansi kwengama-20, likwaze ukuthi lidlale iNdebe YoMhlaba kabili ngonyaka wezi-2017 eSouth Korea nangonyaka wezi-2019 ePoland.

Ngonyaka wezi-2018 iqembu lakuleli labesifazane lakwazi ukubalwa namanye adlala iNdebe YoMhlaba e-Uruguay.

See Also

Iqembu elingaphansi kwabaneminyaka engama-23, likwaze ukuthi linqobe ukuhlungela ukudlala ku-Olympics. Ngonyaka wezi-2016 ladlala eRio de Janeiro, eBrazil, nanyakenye liye eToyko kuyona i-Olympics.

Iqembu labesifazane iBanyana Banyana iqophe umlando ingena okokuqala kweYoMhlaba ebibanjelwe eFrance ngowezi-2020.

Yize kunjalo kodwa kuze kube imanje kuyakhombisa ukuthi uJordaan, uma umthinte ubhozo uyayibona ofike ngayo okanye wehliswe kuleso sihlalo okusona.

Sengigoqa  ngibona ukuthi sesifikile isikhathi sokuba kudedelwe abantu abasha ekuphatheni izikhundla eziphezulu ebholeni kuleli. Noma abantu abaseke baba senkundleni. Angimbongeli nakancane nje uJordaan ngokunqoba kwakhe.

Scroll To Top