UKhisimuzi waboHlanga unini kahle kahle?


Izinkathi zonyaka zine onyakeni ukubala intwaswa hlobo, ihlobo, ikwindla nobusika. Zonke lezi zinkathi zonyaka zisitshela ngokuzungeza komhloba uzungeza ilanga.
Ongoti abancwaninga ukuma komhlaba nesimo sawo bathi ukuma komhlaba kutsheke ngamazinga angama-23 maqondana nensika yomjikelezo. Lokho kwenza umhlaba uthole ukushisa kwelanga ngokungalinga ezindaweni ezisenyakotho neziseningizimu yomhlaba.
Ngenkathi umhlaba utshekele eningizimu kusuke kuyintwasa hlobo nehlobo kodwa enyakotho kusuke kuyikwindla nobusika. Izinkathi zonyaka zeningizimu nenyakatho yomhlaba ziyaphambana ngaso sonke isikhathi. Kanjalo ukuqala konyaka nokuphela kwawo kuyaphambana.
Thina boHlanga esizinze eningizimu ne-Afrika unyaka wethu uqala ngoNcwaba. Imvelo iyakufazela lokho ngoba izihlahla notshani kusuke sekuqala ukuncwaba.
ILanga lisuke selisondela eningizimu. Inyanga yesibili onyakeni uMandulo. Ngokomthetho intwasa iqala zingama-23 kuMandulo. Isizathu salokho ukuthi iLanga lisuke leqa umugqa ohlukanisa inyakatho eningizimu.
Emandulo lolu suku lwalubungazwa kuyiNzalo yeLanga etholakala eMpumalanga. Ngokosemlandweni ovezwa iSanusi uVusamazulu Mutwa, iNzalo YeLanga elinye lamagama esho uMazisakazi. Leli gama lifakazela ukuthi iNzalo YeLanga yiyo ayayizisa aboHlanga ngesimo somkhathi ngenkanyezi ngezikhathi zasendulo.
Ihlobo liqala zingama-23 zikaZibandlela. Yilapha ilanga lisuke fikile ensikeni yesibhakabhaka somhlaba eningizimu. Usuku olude kunazo zonke isinsuku zonyaka eningizimu yomhlaba. Amazinga ekushisa elanga asuke ephezulu kakhulu. Ihlobo livamise ukuba khona kusukela kuZibandlela kuze kuyoba uNdasa. Inkathi yekwindla iqala zingama-23 kuNdasa. Lapho ilanga lisuke selihamba liya eNyakatho. Emandulo kwakuba khona uMkhosi wesililo sikaNomkhubulwane.
Ubusika buvamise ukuqala ngoNhlangulana. Zingama-21 kuNhlangulana ilanga lisuke seliqala ukusondela eningizimu lisuka eNyakatho. Ngokomlando ovezwa uMkhulu Nsingiza uthi emandulo embusweni waseKhemu kwakuba khona uMkhosi kaKhisimuzi (Karese-mas), uKarese usho uMoya (spirit), Mas usho ukuzalwa kabusha lapho kwakubungazwa ukuzwala kweNkosana uHeru ezalwa u-Auset (Nomkhubulwane) no-Ausar (Sokar). Ngokomthetho thina boHlanga ukhisimuzi wethu awukho ngoZibandlela kodwa ungoNhlangulana.
Kubalulekile ukuthi thina boHlanga sibuyele endleleni ekwakuphilwa ngayo emandulo. Izinkathi zonyaka zibalulekile kakhulu kithini boHlanga ngoba ziyasikhumbuza ukuthi kumele siziphathe kanjani singabantu kuleyo nkathi yonyaka. Ziphinde zisikhumbuze ngemikhosi yasendulo. Aziibuye emasisweni!