Now Reading
Kubonakala imithombo yamandla ahlanzekile iyikusasa ekukhiqizweni kukagesi
Dark Light

Kubonakala imithombo yamandla ahlanzekile iyikusasa ekukhiqizweni kukagesi

INingizimu Afrika isendleleni yokufeza izinhloso zayo uma kukhulunywa ngephrojekthi yokuguqula amandla. INingizimu Afrika kanye namanye amazwe amaningi afuna ukusuka emalahleni negesi aye emithonjeni yamandla ahlanzekile njengomoya nelanga.

Inhloko yePresidential Climate Finance Task Team uDaniel Mminele uthe ukubambisana namanye amazwe kubalulekile ekuguquleni iNingizimu Afrika ngendlela efanele. I-United Kingdom, iGermany, iFrance, i-US kanye ne-EU bathembise isamba sokuqala esiyizigidigidi eziyisi-$8.5 kule minyaka emithathu kuya kwemihlanu ezayo ukusiza iNingizimu Afrika ekunciphiseni ukuthembela kwayo emalahleni. Lokhu kumenyezelwe eCOP26 eScotland, eGlasgow.

UMminele utshele abezindaba ePitoli ukuthi lolu hlelo seluzoqala. Uthi, “Sikubeke kwacaca ukuthi amathuluzi okuxhasa ngezimali kufanele abonise izidingo zezimali ezihlukile zaseNingizimu Afrika kanye nezinselele zezimali kanye nezinhlelo ezilinganayo zokwabelana ngobungozi, lokhu kubandakanya noma yimiphi imigomo yemalimboleko kufanele ihehe.”

Ukuhlinzekwa kwamandla 

See Also

Ngasekuqaleni kwale nyanga, uNgqongqoshe Wezimbiwa Namandla uGwede Mantashe umemezele ukuthi amamegawathi ali-150 kagesi omusha kulindeleke ukuthi axhumeke kugridi kazwelonke ezinyangeni ezili-12 kuya kwezili-18 ezizayo.

UMantashe uphethe ukusayinwa kwezivumelwano zokuthengwa kukagesi ezibandakanya amaphrojekthi amathathu okuphakelwa kukagesi anikezwe inkampani ezinze eNorway iScatec. Le miklamo iyingxenye yoHlelo Lokutholakala Kwamandla Kagesi Ozimele Lokunciphisa Ubungozi, okuhloswe ngalo ukubhekana nenkinga kagesi yakwa-Eskom. Bobathathu bazinze eKenhardt eNorthern Cape.

Scroll To Top