Izingxoxo ngemikhiqizo bezigxile kweyasekhaya



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISikhulu Esiphezulu seBusiness Unity South Africa, uCas Coovadia, sithi izinkampani ezizimele zizibophezele ngokutshala imali ekukhiqizeni ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kokhuvethe. Ukusho lokhu izolo ekhuluma nabezindaba ngesikhathi kuqhubeka iManufacturing Indaba eSandton, enyakatho neGoli.
Uthi izinkampani ezizimele zidinga uhulumeni enze ingxenye yawo uma kukhulunywa ngokusetshenziswa kwemithetho elawula embonini. UCoovadia uthi indlela ebanzi yokwenziwa kwasendaweni ingase idinge ukuthi ibuyekezwe ukuze kugqugquzelwe ukubamba iqhaza okukhulu kwemboni ezimele. Kudingeka siqondise izindawo ezithile zomkhiqizo, sibheke ukuthi angakanani amakhono kulezo zindawo nokuthi singakuhlanganisa kanjani ukukhiqizwa kwendawo futhi sibeke imigomo yalezo zindawo.”
“Ngakho-ke sidinga ukubheka ukuthi yini esingayenza nokuthi uHulumeni okufanele akwenze ukuqinisekisa ukuthi lezo zindawo ezithikameza ukukhiqizwa ziyalungiswa.”
Utshalomali kweyasekhaya imikhiqizo
Izinkampani ezikhiqizayo ziya ngokuya zibheke ukususa ubungozi bokukhiqiza ngokuthuthukisa kanye nokutshala imali ekukhiqizeni kwasekhaya. Lokhu njengokuphazamiseka kokuhlinzekwa kwempahla emhlabeni wonke, okuqale kwabangelwa ubhubhane futhi okwabhebhethekiswa izingxabano zaseRussia ne-Ukraine, kuyaqhubeka nokuphoqa ukusimama komnotho womhlaba.
UNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni Nezokuncintisana, u-Ebrahim Patel, uthi iNingizimu Afrika ingase izuze emathubeni okunciphisa ubungozi emhlabeni jikelele uma ingabhekana nezinye zezingqinamba eziphuthumayo emikhakheni ebalulekile yezomnotho. “Isifundo ukubambisana okuningi okusithathayo yisidingo sokwehlukahlukana, singabi sengozini yokuthi zonke izinto ezikhiqizwa emhlabeni zenzeke ezwenikazi lase-Asia kuphela. Lokho kunikeza ithuba e-Afrika.”
Uyanezela: “Uma singathuthuka kahle kwezamandla, kwezokuthutha, emanzini, nasekuthuthukisweni kwamakhono, nengqalasizinda yedijithali, sisesimweni esihle sokuzuza ekusesheni okwenziwa izinkampani zomhlaba wonke ukuze zibhekane nalenkinga ehlasele umhlaba jikelele.”