Now Reading
Izindlovu ezaqala ibhizinisi zayeka ukusebenza endaweni yokugeza izimoto
Dark Light

Izindlovu ezaqala ibhizinisi zayeka ukusebenza endaweni yokugeza izimoto

‘E

than, Angazi ukuthi ngizokwazi yini ukumelana nokwenza le nto. Izinyawo zami ziyaqaqamba kumanje.”

“Kuyafana, nezami ziyaqaqamba Sammy. Mhlawumbe kuzomele siyozihlalela esiqiwini njengoMalume uCarl. Uyondliwa bese eziphumulela usuku lonke,” kusho u-Ethan.

“Ngesikhathi ngithi angazi ukuthi ngisazokwazi yini ukumelana nale nto empeleni bengisho lo msebenzi.  Bengingasho ukuphonsa ithawula ephusheni lethu lokuba yizindlovu ezizimele.”

“Khululeka. Lelo phupho ngisabambelele kulo nami, Sammy. Bheka nje ngoba ngikwamukele ngezandla ezimhlophe okwenziwe nguMnu uDilley esinika umsebenzi endaweni yakhe yokuwasha izimoto, kodwa ukusebenzisa umboko wami ukuthwala amanzi akuyona impilo engifuna ukuyiphila zinsuku zonke.”

“Ucabanga ukuthi mina ngiyathanda? Nginephupho elilodwa empilweni, elilodwa vo.”

“Ngiyalwazi, lolu daba sengiluzwe izikhathi eziningi. Ufisa ukuba umpheki ngaphezu kwazo zonke izinto emhlabeni,” kusho u-Ethan.

“Usho khona, umpheki,” kusho uSammy. “Kodwa lokho angeke kwenzeke, ngoba akekho umuntu ofuna ukudla isidlo esiphekwe yindlovu.”

“Ukuthi awukayitholi indawo ekahle epheka ukudla okwamanje,” kusho u-Ethan.  “Ungalilahli ithemba, Sammy. Kukhona umuntu ozogcina ekunikile umsebenzi ekugcineni.” “Kulungile, Sengifake izicelo ezindaweni eziningi ezidayisa ukudla zonke zisho into eyodwa: “Siyaxolisa, kulesi sitolo asidayisi ngisho nesitshulu sepeanut butter.” Bacabangani? Ngabe isitolo esinjani sokudla esingasidayisi isitshulu sepeanut butter?”

“Ngiyavuma nami. Akwenzi mqondo lokho,” kusho u-Ethan. “Akuyona into engaze ikuthukuthelise leyo Sammy. Kusobala ukuthi abazi kahle ukuthi bakhuluma ngani, njengoba bengadayisi ngisho isitshulu sepeanut butter nje.”

“Ngiyabonga Ethan.  Sengikhathele ukulinda umuntu ozonginika ithuba. Ngakho-ke into yokuqala kusasa ekuseni ngizonikela ebhange ngiyotsheleka imali. Sizovula indawo yethu. Futhi kule ndawo yethu lonke ikhasimende elingena lapha lizodla lizophathwa ngendlela linikwe nenhlonipho eliyidingayo. Ngiqinisile uma ngithi lonke ikhasimende. izingane ezincane zamantombazane nezabafana, asebekhulile, izinja ezincane, izindlovu ngisho nezilo uma zizimisele ngokuziphatha kahle.”

“Ngingaba ngasemnyango kube yimi engibabingelelayo uma bengena ngibamukele ngomculo?” kubuza u-Ethan. “Ngihlala njalo ngiphupha ukuba ngumculi.”

“Nakanjani,” kusho uSammy. “Ngizokwenza isitshulu bese wena usho ngephimbo elimnandi lokwamukela amakhasimende ethu.

U-Ethan wathatha isiponji ayekade esisebenzisa ukusula imoto eluhlaza okwesibhakabhaka wasenza sengathi umbhobho wokukhuluma. Kwashaqeka uSammy nendoda engumnikazi wemoto eyayihleli ngaphakathi kuyo ngesikhathi isawashwa lapho u-Ethan eqala ukucula:

“Izinsuku zethu sezifikile,  

Doot-doot, doot–doot, doot-doot, doot-doot, doot;

Sekuphelile ngobunzima bokuwasha izimoto, Doot-doot, doot–doot, doot-doot, doot-doot, doot;

Ngoba sesinezinto ezingcono esizozenza,

Njengokucula kamnandi. Senze nesitshulu esimnandi, Yilokho empeleni esifuna ukukwenza,

Doot-doot, doot–doot, doot-doot, doot-doot, doot.”

“Ushayile. Ushaye kakhulu,” kusho indoda emotweni eluhlaza. Kodwa okwamanje ngicela uqedele ukuwasha imoto yami?”

U-Ethan noSammy baqeda ukuwasha imoto encane eluhlaza njengoba indoda yayicelile, futhi yayimoyizela ngaso sonke isikhathi ngesikhathi beyihlanza. Noma izinyawo zabo zaziqaqamba kodwa kwakulula kubona babeqhubeka nabo nokumamatheka, ngoba babazi ukuthi amaphupho abo ayeseseduze ukuba afezeke. Izinsuku zabo zokusebenza endaweni ewasha izimoto zozifika ekugcineni kungekudala.

UMnu uDilley wayekhokhela u-Ethan noSammy amakinati, okuyinto ababeyibona njengokuyiyo enhle ngokusebenza kule ndawo yokugeza izimoto. Kodwa kwakuthi uma uSammy ezama ukusebenzisa izikhwama zamakinati ebhange, wayetshelwa ukuthi kuzomele afake okunye ngaphezulu ukuze athole imali.

USammy waphuka kakhulu inhliziyo. Yena nomngani wakhe u-Ethan babengenayo ngisho nendibilishi, kanti nezindleko zokuqala isitolo sokudla kwakuyinto engaphezulu kwamandla abo. Wayengazi ukuthi uma wayezoqala ngaphi uma sekumele achazele u-Ethan lapho esebuyela ekhaya. Kodwa uSammy kwakungadingi ukuba akhulume kakhulu, indlela ayebukeka ngayo ebusweni yayixoxa yonke indaba.

“Kulungile Sammy. Sizobona ukuthi sithathani sihlanganisa nani.”

USammy wanqekuzisa ikhanda zehla kancane izinyembezi esihlathini sakhe.

See Also

Ngakusasa ekuseni kwenzeka into enhle, noma uMnu uDilley wayesevumile ukukhokhela lezi zindlovu ngemali esikhundleni samakinati, kodwa nalapho babehola imali encane kakhulu, ngakho-ke uma bezama ukuqongelela isenti phezu kwelinye ababelithola kwakuzothatha iminyaka ukuthi bagcine bekwazile ukuvula isitolo sokudla esithi bona. Bazama ukusebenza ngokuzikhandla. Izinsuku zaphenduka amasonto, kodwa uSammy wayengamtholi umuntu owayezobatsheleka imali ukuze bavule indawo edayisa ukudla.

Base bezibona impilo yabo yonke iyophelela kule ndawo yokuwasha izimoto, kodwa kwenzeka into eyayingalindelekile. Kwaba yinto enhle kakhulu!

Kwathi besawasha enye imoto ngesikhathi santambama, bama ngokushesha bayeka ababekwenza bezwa umculo wezinsimbi nephimbo kuqhamuka emoyeni.

“Uqhamukaphi lowo mculo?” kubuza uSammy. “Kuzwakala sengathi uya ngokusondela,” kusho u-Ethan. “Asihambe siye kobuka.”

Babona iloli elikhulu lama olintshi okuyilo elalidlala umculo. Iningi labantu laya kuleli loli liyokhuluma nendoda eyayiphakathi kulo, Wonke umuntu wayejabule futhi ekhululekile.

Le ndoda yabe isidlulisela u-Ice Cream entombazaneni encane eyabe iwuthengile. Bobabili babaza bebona ukuhlakani bale ndoda ukuthi hawu idayisa u-Ice Cream namawolintshi elolini layo. “Icebo elihle leli. Nabo bathola elabo iloli balisebenzisa njengebhizinisi labo. Nelabo iloli lalidle ngomculo omnandi libhalwe ngamagama amakhulu ukuthi “Isitshuli Nomculo”. Kwathatha isikhathi ukuthi abantu balazi kodwa ekugcineni wonke umphakathi wendawo waya ngokulijwayela. Kwase kwaziwa ukuthi seliseduze uma uzwa u-Ethan ecula.

“Siyajabula ukunibona,

Doot-doot, doot–doot, doot-doot, doot-doot, doot;

Sekuphelile ngendawo yokugeza izimoto, 

Doot-doot, doot–doot, doot-doot, doot-doot, doot;

Ngoba sesinezinto ezingcono esizozenza,

Njengokucula amaculo amnandi. Senze nesitshulu

Scroll To Top