Intsha, abazali, umphakathi nabezinhlaka ezahlukene bakhala bayazithulisa ngesigameko sokufa kwezingane



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
“Uma umnikazi wendawo engazi ukuthi kwenzakalani ngosuku lwesigameko, kungani engeyona ingxenye yethu lapha sizokhuphunda le miphefumulo ehambile”.
Lona ngumbuzo obubuzwa amalungu omphakathi, ngesikhathi kunesikhumbuzo sezingane ezingama-21 ezadlula emhlabeni ngeSonto endaweni yokucima ukoma eyaziwa ngokuthi iseNyobeni Tarven.
NgoLwesithathu bekungumunyu wodwa intsha iphethe izibani ikhumbula labo abahambile emhlabeni, ikhalisana nemindeni elahlekelwe. Imindeni ilekelwe ngokudla, kanye namavawusha njengoba isemanzini.
U-Ondela Sokomani we-African National Congress Youth League (ANCYL), uthe kubuhlungu ukuthi umnizaki wendawo wabonakala ngosuku kwenzeka isigameko kodwa akasabonwa nangokhalo uma sekukhunjulwa izingane.
“Kubuhlungu ukuthi lo mnikazi wale ndawo uyena obedayisela izingane utshwala kodwa manje akasabokali. Sinxusa abe-Eastern Cape Liquor Board ukuthi benze uphenyo olunzula impela. Sikutholile futhi ukuthi vele le ndawo ayizange yaphasiswa ukuthi idayise utshwala,” kusho uSokomani.
USinenjongo Phuthumani oneminyaka yobudala eli-19 owayekhona ngesikhathi sesigameko uthe: “Langitshela igazi ukuthi ikhona into ezokwenzeka. Ngesikhathi ngimile kulayini ngilinde ukuthi ngithenge, kwavele kwacima ugesi ngazitshela ukuthi iLoad Shedding. Emveni kwalokho kwaba nesiminyaminya esingaqondakali. Ngathi ngisaxakwe yilokho kwavedane kwaba nzima ukuthi ngiphefumule,” usho kanje.
UHulumeni ubonge labo abathembise uxhaso kulungiselelwa umngcwabo. Phakathi kwabo kukhona i-Avbob, inkampani yabangcwabi, ethembise ukuthi umngcwabo imali yokuxhasa umndeni ngamunye.
UHulumeni uthe sekuhlolwe izidumbu zabo bonke abashonile namasampula athunyelwa elabhorethri eWestern Cape ukuze kuphenywe.
“Umbiko uzokwabelana nemindeni ethintekile ngokushesha uma sekuphothulwe uphenyo.”
Uphinde wathi amaphoyisa asale endaweni yesigameko futhi aqhubekile nokuphenya endaweni yesigameko ukuze athole eminye imininingwane mayelana nalesi sigameko.
Inhlangano i-Eastern Cape Liqour Board inqume ukuyivala indawo yesehlo ngesikhathi kuqhubeka uphenyo ngaso.
Kuthiwa intsha eningi izofihlwa ngoLwesithathu ozayo, imindeni izolekelwa naleyo esele iphinde ilekelelwe futhi.
Omunye oneminyaka yobudala eli-14, osathukile namanje uthe uyazisola ukuthi wayewaqambelani amanga kubo ukuze ezokwazi ukufinyelela kuleya ndawo.
“Kuze kube imanje isithombe sento eyenzeka asipheli emehlweni ami. Angikaze ngikubone lokhu empilweni yami. Angikaze ngambona umuntu eshona phambi kwami.
Ngilwela ukwenza noma yini. Angikwazi ukulala, angikwazi ukudla. Ngithola amazwibela okwenzeka kuleya thaveni usuku nosuku. Kumele ngibhekane nabazali bami abaziyo ukuthi ngiqambe amanga futhi baphoxekile ngami. Nami ngiphoxekile ngoba ngiyabona ukuqamba amanga akusizi futhi ngabe ngifele khona,” kusho lo mntwana wesifazane.