Now Reading
UMkhwebane uthi usashaqekile ngokumiswa emsebenzini
Dark Light

UMkhwebane uthi usashaqekile ngokumiswa emsebenzini

IHhovisi likaMengameli lithe uMvikeli WoMphakathi u-Adv uBusisiwe Mkhwebane (osesithombeni) usamisiwe emsebenzini ngemuva kokuba uMengameli uCyril Ramaphosa ephendule incwadi yakhe lapho ethi akahoxise ukumiswa kwakhe.

Okhulumela uMengameli Ramaphosa, uVincent Magwenya, uthe uMengameli akazange avumelane nezimfuno zikaMkhwebane kodwa uzophendula noma yiziphi izinyathelo zomthetho ezizolandela isinqumo sakhe.

“UMengameli uRamaphosa usemphendulile u-Adv uMkhwebane futhi usamile esinqumweni sakhe njengoba sekushiwo phambilini. Ngeke siphawule ngalokho okusesidlangalaleni. Sithanda ukugcina nokuhlonipha isithunzi sakhe, kanye nesithunzi seHhovisi likaMengameli mayelana nalokhu. UMengameli uzophendula kunoma yisiphi isenzo senkantolo noma inqubo efanele,” kwengeza uMagwenya.

UMkhwebane uchaze ukumiswa kwakhe njengokushaqisayo 

See Also

NgoMsombuluko, uMvikeli WoMphakathi uchaze ukumiswa kwakhe njengento “eshaqisayo” kuye nethimba labameli bakhe, ethi ufunde ngakho ezindabeni nasezinkundleni zokuxhumana. UMkhwebane umiswe emsebenzini ngeledlule nguMengameli wathi uzoqhubeka nokumiswa kuze kube kuphothulwa uhlelo lweSigaba 194 lokuphenya ukuthi ukulungele yini ukuphatha lolu daba lucutshungulwe yiSishayamthetho sikazwelonke.

UMkhwebane uchaza ukuthi wezwa kanjani ngokumiswa kwakhe. “Bengisekhaya ngiphuma eHhovisi, ngathola nomyalezo ovela kwenye yezintatheli ingicela ukuthi ngiyinike incwadi yokumiswa kwami  emsebenzini. Kuthe uma ngivula izindaba noTwitter ngabona izindaba zokuthi ngimisiwe. Ngempela kwakwethusa. Okubi kakhulu ngoba bengilindele ukuthi ihhovisi likaMengameli liphendule ithimba lami labameli.”

Scroll To Top