Now Reading
Abakuleli beSACP bakhala ngempatho yase-Eswatini elungwini layo
Dark Light

Abakuleli beSACP bakhala ngempatho yase-Eswatini elungwini layo

I-Eswatini Correctional Services isikhiphe isitatimende ngemuva kwezinsolo zokuthi ilungu leSouth African Communist Party (SACP) kanye nesishoshovu esilwa nobandlululo, u-Amos Mbedzi, wanqatshelwa ukwelashwa ngesikhathi eboshiwe kuleliya lizwe. Ekhuluma emngcwabeni kaMbedzi eMakonde ngaphandle kwaseThohoyandou eLimpopo ngeSonto, okhulumela iPUDEMO uLucky Lukhele kanye nePhini Lokuqala likaNobhala weSACP uSolly Mapaila, bathe uMbedzi akazange athole usizo lwezempilo ngesikhathi ehlaselwa isifo sohlangothi.

UMbedzi uchithe iminyaka eli-14 ejele eSwatini ngaphambi kokuthi adluliselwe eNingizimu Afrika ezinyangeni ezimbili ezedlule. Esitatimendeni esingakasayinwa, okhulumela uMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo uGugulethu Dlamini uthe lezi zinsolo azinasisekelo futhi zinonya. UMbedzi ujoyine uMkhonto weSizwe ngowe-1988 esafunda eNyuvesi yaseVenda.

Ngowe-1989, walifulathela leli waya e-Uganda ukuyoqeqeshelwa impi. Wabuya ngowe-1993 futhi wahlanganiswa eMbuthweni Wezokuvikela waseNingizimu Afrika kodwa wasula ngowe-1996 ukuze agxile emsebenzini wakhe eqenjini lamaKhomanisi laseNingizimu Afrika. UMbedzi waboshwa e-Eswatini ngoMandulowezi-2008 wagwetshwa iminyaka engama-85 ebhadla ejele ngowe-2011. Lokhu ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala ayehambisana nabo, ubuphekula kanye nokutholakala neziqhumane ngokungemthetho kanye nokuphula uMthetho Wokufika Kwabantu Eswatini.

UMbedzi ushone ngesonto eledlule ngoLwesibili esibhedlela sasePolokwane ngemuva kokuthi uHulumeni wase-Eswatini emdlulisele eNingizimu Afrika ngoNdasa, ukuze ayoqedela isigwebo sakhe ngoba ubegulela ukufa.

See Also

I-SACP ithi iNkosi uMswati wase-Eswatini kumele iziphendulele. USolly Mapaila uthi: “Lona kwakungomunye wabaguquli bethu abakhulu, uqabane u-Amos Mbedzi. Wabulawa nguHulumeni waseSwazini owundlovukayiphikiswa, ikakhulukazi umholi wawo iNkosi uMswati III. Futhi siyabasola, uHulumeni waseSwazini ngokumncisha ukunakekelwa kwezempilo nokuhlukumeza umzimba wakhe nokumhlukumeza.”

Scroll To Top