Now Reading
Bahehwe ngeFacebook abagilwa e-Eastern Cape naseLimpopo
Dark Light

Bahehwe ngeFacebook abagilwa e-Eastern Cape naseLimpopo

INkantolo Enkulu yaseMthatha e-Eastern Cape igwebe owesilisa, 34, odilikajele abathathu neminyaka engama-45 ngamacala okubulala, ukudlwengula nokubamba inkunzi.

UXolisa Sojada utholwe enecala lokubulala, ukudlwengula nokubamba inkunzi. Ngonyaka wezi-2017, uSojada wasebenzisa iFacebook ukuheha abesifazane ngaphambi kokubadlwengula, ukubamba inkunzi nokubabulala. 

USojada uvule ama-akhawunti mbumbulu kuFacebook wasebenzisa izithombe ezahlukene ngaphambi kokuhlela ukuhlangana nabagilwa bakhe eQumbu. 

Ekuqaleni kwecala, uSojada walivuma icala kodwa umbuso wakuchitha. Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) esifundazweni uLuxolo Tyali uthe bayasamukela isigwebo. “INkantolo Enkulu yaseMthatha igwebe uXolisa Sojada ngamacala amathathu okubulala nokudlwengula, ukugebenga esebenzisa isihluku nokugqekeza ngenhloso yokwenza icala. Uhehe abagilwa bakhe kuFacebook esebenzisa i-akhawunti yomgunyathi enesithombe esingelona iqiniso. Siyethemba ukuthi lesi sigwebo sizovimba abanye abantu ukuthi basebenzise izinkundla zokuxhumana ukuze benze izinto ezingekho emthethweni,” kusho uTyali.

UMehlodi Robert Baloyi. Isithombe: Facebook

Kwenzeka lokhu nje esontweni elidlule kuvele ukuthi uMehlodi Robert Baloyi naye wagwetshwa ngecala elifanayo. Yena wagixabezwe ngodilikajele ababili yiNkantolo Enkulu yasePolokwane.

Kuthiwa umsolwa wagwetshwa ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula izisulu ezine, ezineminyaka ephakathi kwe-15 nama-22, ezindaweni ezahlukene ngaphansi kweWestenburg naseSeshego phakathi kukaNcwaba wezi-2019 noMfumfu wezi-2020. Ngaphandle kodilikajele ababili ngamacala amabili okudlwengula, Umsolwa ubuye wagwetshwa iminyaka eli-10 ebhadla ejele ngamanye amacala amabili okudlwengula, eli-10 yokubamba inkunzi neminyaka emibili ngokweba.

See Also

INkantolo yathola ukuthi ummangalelwa ubesebenzisa inkundla yezokuxhumana uFacebook ukukhangisa ngemidwebo yomzimba.

Amakhasimende anentshisekelo abekhuluma noBaloyi ngokuthumelana umyalezo kuFacebook Messenger bese ewanikeza amaTattoos mahhala, obekuyindlela yokuheha abesifazane ukuze bezoza begijima kuyena.

Ngesikhathi abagilwa bevuma ukuza esitolo sakhe samaTattoo, wabe esebayisa endlini yomxhaso engasasetshenziswa eWestenburg Extension 71 wabe esebadlwengula. Abanye babagilwa baphucwe amaselula. Wonke amacala abikwe emaphoyiseni aseWestenburg, naseSeshego abe esedluliselwa kwabeFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences (FCS) ukuze aqhubeke nokusingathwa.

Scroll To Top