Now Reading
Ubufakazi bokuthi kukwampunzi edla emini koHulumeni Bendawo kuleli
Dark Light

Ubufakazi bokuthi kukwampunzi edla emini koHulumeni Bendawo kuleli


  • Bambalwa omasipala abangenachashazi
  • Bayazenzela ukusebenza kwezimali akuphenywa

Iqiniso elikade lilunguza cishe selamukelekile, leli lokuthi oHulumeni Bendawo eNingizimu Afrika kabenzi ngakhona, izimali zomphakathi ziphathwa ngesinxele. Lokhu kufakazelwe wumbiko wakamuva woMcwaningimabhuku Omkhulu, uNks uTsakani Maluleke.

Imibiko yakamuva yocwaningomabhuku komasipala, iHhovisi LikaMcwaningimabhuku Jikelele lithole ukuthi bambalwa omasipala abangenachashaza. Kodwa inkinga enkulu isekuswelekaleni kozinzo nokuzibophezela komasipala kulo lonke izwe. Uthe: “Okuvamile okutholakalayo kubandakanya ukusetshenziswa kwezimali okungagunyaziwe, okungenamsebenzi  nokuyincithakalo okungaphenywa. Lokhu kusho ukuthi omasipala abazange bathathe izinyathelo ezanele ukubuyisa, ukucisha, ukugunyaza noma ukwamukela lokho kusebenza kwezimali. 

Lo mbiko ngesimo soHulumeni Bendawo uma ufundwa ngaloyo  weminyaka emibili eyedlule ukhomba ukuthi akukho okutheni okwehlukile. Umbiko kaMcwaningimabhuku Jikelele wangaleso sikhathi ongasekho uMnu uKimi Makwetu, wokusetshenziswa kwemali ngomasipala kuleli onyakeni wezimali wezi-2018/19  waveza ukuthi imikhandlu ilahlekelwe imali eyizigidigidi ezingama-R32.06 kuloyo nyaka wezimali.

UMakwetu wathi  le mali yalahleka ngenxa yenkohlakalo nokukhwabanisa. Lokhu kwenyuka kusuka ezigidigidini ezingama-R25.5 ngonyaka wezimali wezi-2017/18. Wakuveza  ukuthi zabe zimbalwa izandla eziphephile nezingenagcobho okungathenjelwa kuzo ukuthi ziqaphe imali yomphakathi koHulumeni Bendawo. Komasipala abangama-257 okucwaningwe amabhuku abo, babengama-20 kuphela abathola umbiko ongenagcobho kusuka kwabali-18 ngonyaka wezimali wezi-2017/18. Umbiko waphinde waveza ukuthi omasipala abangama-28 abayilethanga imibiko kwaze kwadlula umnqamulajuqu obekwe uMthetho Wokuphatha Izimali Zomasipala.

OkaMaluleka ephawula ngesithombe sakamuva uchaze wathi ngowezi-2016/2017  bangama-33 omasipala ababengenagcobho ngenkathi ukubika kwakamuva kwesikhathi sangowezi-2020/2021, baba ngama-41 kuphela kwaba ngama-257 omasipala abangenagcobho.  Kulaba abangama-41 omasipala abangenagcobho abangama-22 abaseWestern Cape. UMcwaningimabhuku Jikelele umuzwa wobuholi obuqotho nendawo enokulawula okuqinile ‘kwengezile kule miphumela emihle”. 

Uthe okunye okuyiva ngumkhuba wokungalandeleli lapho kunokungenzi kahle khona . Weluleke ngalokho okumele kwenziwe ngomasipala. “Isinyathelo sokuqala okufanele sithathwe umkhandlu ukuphenya ukuthi kungani kube khona ukuhambisana nokufanelekile, ubani okufanele aphendule ngalokho, kukhona yini imali elahlekile, futhi uma ikhona, isengatholakala yini leyo mali? Lolu phenyo aluzange lwenziwe komasipala abangaphezu kwengxenye,” kusho uMaluleke.

Uthe omasipala abangaphezu kwama-51% abazange baphenye ukusebenza kahle kwezimali kwangonyaka ofile, abangama-42% abazange baphenye ngokusebenza kwezimali okungagunyaziwe, kwathi abangama-41% behluleka ukuphenya ngokusebenza kwezimali okungenamsebenzi nokuyincithakalo.

“Umphumela walokho kube wukukhula kokusebenza kwezimali okungadingakali. Ekupheleni konyaka wezi-2020/21 ukusebenza kwezimali okungafanele kube ngokokunqwabelana kweminyaka futhi okungazange kwenziwe lutho ukubhekana nakho okuyizigidigidi ezingama-R86,46 kanti ukusebenza kwezimali okungenamsebenzi nokunencithakalo kube yizigidigidi ezili-R11,04.”

Lesi sithombe sibeka ingcindezi kubuholi obusha bomasipala njengoba ngonyaka owedlule bekunokhetho.

Scroll To Top