Kwakufanele kushiwo okufunakalayo kungagcini ngokungafunwa ngokwezilimi


Kungukwesaba abelumbi base-Europe, baseNtshonalanga, base-United States of America, nasebakha e-Afrika nabakwamanye amazwe, njengoba singakuphumeli obala uma sinethuba.
Ukuthi singaboHlanga singenza kabusha phezu kokudala esikusebenzisayo, kwezemfundo, kwezomnotho. kwezolimo, kwezokwelapha, kwezenkolo yobuKhrestu, kwezomthetho, ePhalamende nokwehlukene okuziyizimomqondo zakula mazwe abalulwe ngenhla.
Singabanaki aboHlanga abathenana amandla bengabaza. Bengenawo umuzwa wokubona aboHlanga abanjengabo bedlulele. Abazami ukukhuthaza nezingane, basonga izandla.
Siyobe sesenza isengezobuntsha emfundweni, kwezomnotho nokunye, kwaqhutshwa ngokwemimoya nangezilimi zase-Afrika, njengoba kwenza abamhlophe kwaboHlanga, saqhuba ngendlela yomoyamqondo neyezilimi zabo zase-Europe.
Siwavume namaphutha amaningi asenziwa ngamabomu ngaboHlanga, nesesiwabonayo. Ngenkathi benyanya,beziba okuyimimoya, okuyizilimi zebele nokunye okuhle kwase-Afrika, njengezinto ezingelutho.
Bengaziboni kwabona ukuthi izimfene zahlekana iziphongo. Mzukwana aboHlanga bengena ePhalamende, komasipala, komathelevishini, emisakazweni, ebuKhrestwini nakweminye imikhakha yemisebenzi.
Salibala ukubhedla nokunamathelisa, igama ipolitiki nedemokhrasi olwangeni lwethu ngokwedlulele mzukwana sifuna inkululeko.
Zasalela emuva ezinye zezidingongqangi, zemfundo, zezomnotho, zezolimo, zezokwelapha, zezomthetho, zempilonhlalo yabantu, zempucuzeko nesilungu ngokwezimiso nezimomqondo yaseNtshonalanga kuze kube yimanje.
Sasithi siyazi, sibe singazi lutho. Kwakufanele kugwenywe ukuthi, siyazi,ngiyazi, bathi bayazi,nokuzenza abantu abaziyo. Ukuze kube lula ukukuyeka ukuhlale njalo ukhuluma igama elithi “Ngiyazi”
Sazilimaza nasemphefumulweni ngokungabaluli ukuthi angazi noma asazi. Sazithweswa nomthwalo kungenasidingo, sangaphumela obala sithi kwakungafanele kwenzeke, esesikubona kwenzeka.
Ngoba bethi bayazi kodwa bebebengazi, ngiyazi ngibe ngingazi,beziveza njengabaziyo nabazokwenza kangcono kunabanye.
Sebezikhundleni, ababe besaqhubeka nezinhlelo ezazikade zenziwe ngamaBhunu, ngomendulayo esikhundleni.Bafaka ezabo izinhlelo zase ziyekwa kanjalo izinhlelo zababephambili noma zamaBhunu zaphambilini.
Njengokuthi, sekuyiminyaka kwezemfundo kuphakanyiswa ukuba kufundwe izifundo ngolimi lwebele, kuqale emabangeni aphansi.
Kwabaningi kuzwakala, sengathi kwenziwa into entsha neyayingekho ngaphambi kowe-1994.
Ekubeni kwenziwa into abanye bethu, esafunda ngayo izifundo ngolimi lwebele, ngaphandle kwesifundo solimi lwesiNgisi nesiBhunu, kusukela emabangeni aphansi kuye kwelesithupha.
Bese ziyofundwa ngolimi kwesiNgisi emabangeni aphezulu esikubiza ngokuthi yisemaSecondary, yiseHigh School, isenyuvesi, isemakholiji nakweminye iminxa.
Ngenkathi imfundo isabizwa ngokuthi imfundo yokubandlulula aboHlanga, eyayibizwa ngokuthi iBantu Education, iBantoe Onderwys ngesiBhunu, nokwakubhalwe kanjalo nasezitifiketini zowe-1977.
Saphakamisa isiNgisi njengoba sisenza namanje. Ngamanye amazwi senza iphutha singaboHlanga, lokungakhulumi, lokungabhalli kugqame ezingqwembeni kuthi bha. Ukuthi sasifuna ukufunda izifundo ngezilimi zasexhibeni kunolimi lwase-Europe,lwaseNtshonalanga, mzukwana zili-16 kuNhlangulana we-1976.
Yingakho ongqongqoshe bezemfundo bamanje nabokuqala ePhalamende ngowe-1994, imfundo bengakayenzi ngokomoyamqondo waseNingizimu Afrika, yase-Afrika.
Bakucacise ukuthi kwakufundwa izifundo ngezilimi zebele kusukela emabangeni aphansi,kugcine ebangeni lesithupha, okwakuthiwa nguStandard Six, osekungubizwa ngoGrade Eight.
Izifundo zazifundwa ngolimi lwesiNgisi kusabizwa ngoForm 111, ngaphandle kwesezolimi lwebele emabangeni aphezulu okungeleshumi nambili nasemanyuvesi.
Kudabukise ukuzwa owoHlanga eqholosha, ethi akakwazi ukuthenga, ukufunda okubhalwe ngolimi lwasexhibeni, lwaboHlanga. Ebekhuluma ngolimi lwebele. Uthole ukuthi ufundile.
Kodwa akushoyo kumveza ubunqunu,ukuthi wazi isiNgisi kuphela.Nalapho uzofumana ukuthi ziyima emthumeni, ngoba akanawo umuzwa wokuchaza,wokuhumusha nokutolika amagama ngolimi lwesiNgisi kuye olimini lwasexhibeni.
Akhe nefagugu,elihle esaphila emhlabeni eliyoqhakaza nayokhunjulwa ngalo esengasekho kulomhlaba.
Ukukha phezulu
SasinoSolwazi uC.L.S Nyembezi, okunanamanje kusenesichazamazwi asihumushela amagama olimi lwesiNgisi ngolimi lwesiZulu,benoSolwazi uD.R. Dent.
Kube nguDkt uBongani Nkosikayikhethi Mthethwa, owayengoweBandla lakwaShembe, efundisa e-University of KwaZulu-Natal isabizwa nge-University of Natal eThekwini.
Wahumusha iziHlabelelo zamaNazaretha ibandla lwakaShembe ezibhalwe ngolimi lwesiZulu. Kwashicilelwa ibhuku sezihunyushwe ngolimi lwesiNgisi nolwesiZulu. Kwaqedelwa nguMnu uThemba Mbhele noSazi Dlamini kwahlelwa nguCarol –Muller.
Ngiphakamisa kwabasemnyangweni wezemfundo kuHulumeni okwakuvele kukhona ukuba bakhumbuze abezinkampani ezikhiqiza ama-Exercise Book, ukuba ziwabuyise am ayenohlelo lweTable ngemuva lokubala, nokwayekwa kusukela ngowe-1980.
Lolo hlelo lwalwenza abafundi nabadala babebukhali ekubaleni ngekhanda izibalo bakhiphe nempendulo ngokushesha, bengasebenzisanga amaCalculator nokwehlukene.
Yisishozi ngoba abafundi bamanje, abakwazi ukukhipha impendulo elula yesibalo besebenzisa ugebhezi. Babala ngamaselulafoni ngisho isibalo esilula. Isibonelo: 5×9=45 noma 4×8=32, ukukha phezulu.
Kunabangazami ukuphonsa esivivaneni sokufukula okwaboHlanga bakubo, ngisho nokwabamhlophe imbala. Befuna ukwamukela osekwenziwa ngabanye.Bese sithi sinento yethu ngoba siyithengile.