Uzibona eyophelela ekulingiseni uThembi weshashalazi


Bangacishe babe baningi abadidekayo uma kubizwa igama lakhe langempela ngoba uzakhele udumo ngegama ayelingisa ngalo emdlalweni wethelevishini uSgudi S’naysi eminyakeni eminingi edlule.
UThembi Mtshali yinkakha engumakadebona womlingisi, umdlalo weshashalazi, umbhali nomqondisi wemidlalo wakuleli. Uqale ukulingisa esemncane emidlalweni yeshashalazi nalapho ikhono lakhe lagqama khona. Wazalwa ziyi-7 kuLwezi wezi-1949.
Ugqame kakhulu elingisa noJoe Mafela owayaziwa ngelikaSdumo. Igama agcine esaziwa ngalo likaThoko yilo kanye elashintsha impilo yakhe. Usedlale emidlalweni eminingi ngaphandle kweSgudi Snaysi kanti eminye aseke wabonakala kuyo iStokvel, Silence Witness ne-Imbewu.
Kule midlalo uhlangane nabalingisi abaningi abanamava. Ngesikhathi izwe lisakhungethwe ubhubhane ukhuvethe isikhungo semfundo ephakeme iDurban University of Technology yamhlonipha ngeziqu zobudokotela emkhakheni wePerfoming Art.
Ephawula emuva kokuhlonishwa wathi, “Bekuyinto engingayilindele, kokunye uma usebenza usuke wenza into engaphakathi kuwe kanti kukhona abantu ababona okuhle kuyo.”
Ukuqala kwakhe kwezeshashalazi wayengumculi kuthe ngokuhamba kwesikhathi kwavumbuka elinye ikhono lokudansa, wase esekuhlanganisa kokubili. Emsebenzini wakhe wokulingisa uthi usebenza kakhulu nezingane okwenza abe ngumuntu obekezelayo.
“Kuningi engikufundayo ekusebenzisaneni nezingane futhi nazo kuningi ezikufundayo kimi,” kusho uThembi. Kwezinye izingxoxo asebe nazo phambilini nabezindaba uyavuma ukuthi ukusebenza nabalingisi asebemnkantshubomvu njengoJoe Mafela, uDaphney Hlomuka nabanye kwamcija kakhulu kulo mkhakha.
Noma sekuneminyaka eminingi ekulo mkhakha uthi akaziboni ephuma kuwo ngoba ulwazi analo unesifiso sokulidlulisela kwabanye ozakwabo nasentsheni ezimisele ukungena kweeshashalazi.