Izinhloli zazikhona kusukela emandulo izwe lisesezandleni zaboHlanga


Ubunhloli yinto endala singakazalwa sonke. Kuyaziwa ukuthi ubunhloli babukhona ngesikhathi aboHlanga besazibusa, besaliphethe izwe ngempela.
Asibheke kabanzi ukuthi yini inhloli, impimpi noma elijwayelekileyo kwabaningi elithi ispy.
Alikho izwe elingaphila, elingenza izinto kahle ezobunhloli zingaphapheme ukuze ziqine ekuhlengeni izwe ngobungozi obungalehlela ngezindlela ezehlukahlukene.
Nabanye babamaqembu asePhalamende, akomasipala, siyababona ukuthi banomkhuba wokwenza ezobunhloli zasezweni labo zibe ntekenteke.
Akulula ukubona umuntu osondelene nawe nenazanayo ukuthi uyinhloli.
Uma ngibuka ngelezobunhloli ukuthi bazenze bona aboHlanga abongosopolitiki, abasezikhundleni eziphezulu, ngokugudluza umoya wokuba ngowoHlanga, bangazibona izinhloli.
Nanokuthi bayilokhu abayikona, ngenxa kaSomandla, uMdali, yethongo, yabadala nabaphansi nangokolibofuzo lwasemakubo njengoba bekulezo zikhundla.
Ukube babenakho okubalulwe ngenhla, ngabe azikho izinkulumo nezinsolo, ngabanye babo ukuthi babeyizinhloli, bayizinhloli zabelungu baseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.
Kwaqale kwangamaNgisi, kwangabamhlophe bezimishini namakoloni kwazoba ngamaBhunu eNingizimu Afrika, ayethumela izinhloli emabandleni aboHlanga ayezimele nakwezinye izindawo.
Ukuyohogela umoya lapho abamhlophe babengabethembi aboHlanga, okusenzeka namanje ukuze aboHlanga bahlakazane, balwe, baxabane bodwa.
Nebandla lamaNazaretha, lakwaShembe, alisalanga, kwazise lalisunguleke ngaphansi kwezimo aboHlanga babebumbana befuna inkululeko.
Wayephinde uShembe abe ngumngani, abe ngumakhelwane kaDkt uLangalibalele John Dube, owasungula iphephandaba Ilanga ngowe-1903, ne-Ohlange High School, uthisha, umfundisi, usopolitiki, nowayenguMengameli wokuqala we-ANC, iseyi-South African Native National Congress ngowe-1912.
Ngizocaphuna ubunhloli bokuthi umuntu onesiphiwo sikaMdali, sethongo, sabadala nabaphansi, okunguMdliwamafa, u-Isaiah Shembe oNdlazi, uMqaliwendlela, wakwazi ukubona into abanye ababengayiboni. Wenza ngezenzo ezinhle ukuyiqhelisa inhloli eduzane naye nakwabanye.
Ngabukisisa ngeso lesithathu kusukela ngowe-1981, kuze kube manje iqhingasu likaShembe ngezinhloli, ukuthi abelungu ababekhonza ebandleni lakwaShembe babeyizinhloli.
Nanokuthi amaNgisi ayengakholwa ngayekutshelwa ngaboHlanga ababeyizinhloli zawo. Ukuthi uShembe wayengeyena usopolitiki kodwa wayezohlanganisa aboHlanga ngokukholwa kwabo besabiza uMvelinqangi hhayi uNkulunkulu.
AmaNgisi abe esethumela inhloli yomlungu ngoba babengazethembi izinhloli zaboHlanga.
Sasisenhlanganweni u-23 weNhlalisuthi, ehholo yasehositela KwaMashu, mzukwana kusengubaba uMlungwana, umlawuli, ngonyaka we-1981, webandla lakwaShembe.
Wasicaphunela ukuthi kwakunomlungu owayekhonza ebandleni lakwaShembe.UShembe wamenza umfundisi webandla.
UMphrofethi u-Isaiah Shembe wayevamise ukuba nenkonzo yokugeza ibandla izinyawo njengoba kwakwenza iNkosi uJesu.
Kanti u-Isaiah Shembe watshela ibandla ukuthi wayengeneme. Kwakunomoya owawuthi akalungile lowo mlungu. Kodwa wayengeke amxoshe. NguNkulunkulu owayezomxosha. Wayalela lowo mlungu ukuba ageze ibandla izinyawo.
Ungangizwa kabi uma ngithi: Ngaleyo minyaka (1912) kwakungakandi ukugqokwa kwezicathulo ngaboHlanga. Babebodwa izinyawo zabo zazinobulongwe nokunye begezwa izinyawo endishini ngumlungu.
Wakwenza kwakanye umfundisi womlungu, kwathi xhifi. Walishiya ibandla lamaNazareth, enyanya izinyawo zaboHlanga, engafuni ukwenza okwakwenziwa nguJesu.
Amabandla awasakwenzi njengophawu lokuzithoba hhayi ukuziphakamisa. Asikaze siwezwe emisakazweni, komathelevishini ephawula eyezinkonzo zokugezwa kwezinyawo.
Siyazazi izinkulumo ezehlukene zabantu, ukuthi abekho osopolitiki abangaphila ngaphandle kwezobunhloli njengoba sibabona njena. Abanye babo bayizinhloli zamanye amazwe isinyelela.
Kunobungozi izwe elingabhekana nabo, uma abanye boHlanga balelo lizwe sebesetshenziswa yizinhloli zakwamanye, ukuzobadunga emazweni abo.
Njengokuba khona kwamaqembu nezinhlangano zepolitiki, eziningi ngale ndlela ezweni, kugqanyiswa idemokhrasi, zingabenzeli lutho aboHlanga.
Kube nezinhlangano ezizimele, ezingenzi inzuzo ezikulawamazwe, ezinomkhuba wezinhloli isinyelela nezicasha ngazo kwenye inkathi.
Ungeke wakubona kwenzeka emazweni abamhlophe. Ekubeni afundekela i-Afrika ngedemokhrasi yamaqembu amaningi, athumbe imiqondo yaboHlanga befundile. Abawatshele abe nezinhlangano eziningi hhayi ezimbili.
NaboHlanga bayathanda ukuthi bafuna idemokhrasi ebahlakazayo nezinhlaka ezehlukene njengoBukhosi nokunye kwase-Afrika.
Lingawa licoshwe izinkukhu, abelungu base-Europe, baseNtshonalanga, base-United States of America nakwamanye amazwe beyizinhloli zamazwe ase-Afrika.
Inkukhu iyawusola umgqakazo. Awuvezwe umqulu okuthiwa uqukethe amagama abantu, ababeyizinhloli zamazwe nawalapha, ababesezinhlanganweni ezazilelwa aboHlanga bakhululeke,
Kwanokuphazamiseka kwemizamo yomzabalazo waboHlanga baseNingizimu Afrika ngaphakathi nangaphandle kwezwe, ukwedlula amanye amazwe ase-Afrika.
KwakunaboHlanga ababeyizinhloli zabamhlophe, bethola ivenge ngokudodobalisa imizamo yokubhidliza ubandlululo.
Abanye babe yizimpimpi bebancane, benziwa ngabazali babo. Imvamisa bahlale bekhona yonke indawo okwenza basoleke ukuthi bayizinhloli noma bayizimpimpi.