Usizi lwaboHlanga: Ukuphepha emgwaqeni kuhambisana nolwazi ngesithuthi


Into eyenza ukuthi ungaphephi uma uvelelwa yingozi okufika kuqala ukugcwelezwa ngenxa yokwanda kobugebengu
Asikhulume ngokuphepha emgwaqeni, siqale ngesikhathi esingaphephile sokuba semgwaqeni. Isikhathi esingakaze size siphephe sokuba semgwaqeni kunoma ubani osebenzisa umgwaqo ngaleso sikhathi iphakathi kwamabili kuze kube elesine ekuseni. Isizathu salokho ukuthi umuntu osemgwaqeni ngalesi sikhathi ngokujwayelekile usuke kade ehamba ibanga elide, usekhathele kakhulu kanti futhi kungenzeka noma yini la emgwaqeni. Esinye isizathu sokuthi kufanele engabe usendlini ngalezi zikhathi ukuthi uma kungathiwa kunento ekuvelelayo ngaleso sikhathi, usizo oluphuthumayo uzophuza ukulithola ngoba kwezinye izindawo uzothola ukuthi bayasebenza ebusuku kodwa abenele abasebenzi. Obekubalulekile ukuthi uma sikuphoqa leso sikhathi ukuthi ube semgwaqeni kuba ngcono manihamba nibabili emotweni nikwazi, futhi nigunyaziwe ukushayela.
Into eyenza ukuthi ungaphephi, uma uvelelwa ingozi, okufika kuqala ukugcwelezeka kunosizo oluphuthumayo. Uma uvelelwa inkinga, ivame ukukuvelela kulezi zindawo ezinezinga eliphakeme lobugebengu. Uma imoto ifa, mhlawumbe iqhunyelwe isondo, indawo yokuma kahle ukuze ukwazi ukushintsha kahle isondo ngokuphepha awuzukwazi ukuyibona kahle okanye ukuyikhetha kahle ebusuku. Okusemqoka ukuthi uma uqhunyelwa isondo indawo oma kuyona usushintsha leli sondo iphephile okungangokuthi izigcwelegcwele azikho lapho; nanokuthi angeke uthi uphakathi nokushintsha isondo kuvele kufike imoto ezovele igibele phezu kwakho ikushayise sibondwe siyekwe kubekwe iphini ngaphezulu.
Ukuhamba nibe babili kusiza ngokuthi akulula ukuthi nezigcwele-gcwele zinigcweleze uma nibabili ukuya phezulu, kodwa uma uhamba wedwa kulula ukuthi bakugcweleze kungabi nabufakazi futhi obuzosala. Uma imoto iqhunyelwa isondo endaweni embi niyakwazi ukuthi niyidudule nibabili noma nibathathu, isuke endaweni eyingozi niyoyimisa endaweni engesiyo ingozi. Ngaso sonke isikhathi ubheka ukuphepha kwakho ukuthi kungakanani kulesi simo obhekene naso. Okunye okulekelela ukukwazi ukuphepha ukuthi ube nezingubo ezigqamile, imibala emhlophe, ebomvu, ephuzi, eluhlaza, ngale kwalokho, emotweni ube nazo izimpahla ongakwazi ukuthi uma usugqoke zona, mhlawumpe lokhu okuthiwa osiyasebenza okunemibala ekhanyayo uma leyo mbala ihlangana namalambu emoto kube khona emotweni. Emotweni kumele kube khona ithoshi.
Asibheke ukuphepha kwemoto yakho uma isingenile engozini. Angithi imoto uma isimbandakanye engozini kudinga ukuthi ikwazi ukusuka lapho eshayiseke khona iye endaweni la ezolungiswa khona; endaweni egunyazwe uwena kanye nomshwalence wakho. Ikhona into eyenza ube nokudidizela nokungathi uyadunyelwa ngenxa yengozi esuke ikwehlele. Kukhona laba bantu abadonsa imoto abathi befika bezizele ngobutsotsi, kodwa hhayi bonke. Wena uzothi usadikadikwa ukudunyelwa nezinhlungu, bona beze kuwena babuze igama lomshwalense wakho uma kuwukuthi ayikho kudiski, ubatshele bese bethi bacela ukukusiza bakufonelele umshwalense wakho nawe uvume ngoba wena vele usesenkingeni. Ngesikhathi befona basuke bengafoneli umshwalense wakho, bafonela iCall Center yabo, lapho wena uzosho yonke imininingwane yemoto uze ubanikeze imvume yokuthi bathathe imoto, bekunikeze neReference Number. Uyabuya umshayeli wemoto edonsa imoto, wena umnikeza ucingo uthi usubanikile umnikeza neReference Number bathathe imoto bayise eyadini labo hhayi lapho ekukhombe khona umshwalense wakho. Uhambe wena uye kwadokotela noma esibhedlela, imoto wazi ukuthi ithathwe umshwalense wakho, kanti imoto yakho, yathathwa abantu beBreakdown bayihudulela endaweni ethandwa ibona ozothi uma usuphuma esibhedlela usuyibheka uma uyithola bese bekutshela ukuthi izokhandwa ibona bekutshele imali ethandwa ibona uma ungafuni, ungakwazi futhi ukuyithola.
Ezehlakalweni ezinjalo angikababoni abantu bephumelela ukuthola izimoto zabo esuke zithathwe kanjalo. Angazi ngomthetho ukuthi uhamba ufikephi lapha ekutheni imoto yakho isithathiwe, yathathwa ngendlela ekungeyona yayiswa eyadini labatakuli. Kanti uma nibabili niyakwazi ukuvusana, nikwazi ukukhuza umhlola ukuthi hhayi umhlola ke lo. Ukuze imoto yakho iphephe, into ebalulekile ukuthi uma imoto imbandakanyeka engozini akube uwena noma ubani ohamba naye ozoshayela umshwalense wakho, bese kuba umshwalense wakho oshoyo ukuthi imoto ayiye kuphi nokuthi ugunyaza ukuthi ithathwe ngobani ngoba kungenzeka ukuthi kwakhona lapho endaweni yesehlakalo kukhona inkampani edonsa izimoto ezidlelana nomshwalense wakho. Ukuhamba nibe babili kuphinde kulekelele ukuthi kube naye umuntu ozokufakazela kunoma ngabe isiphi isigameko esenzakalayo. Abanye uma sebeshayisene kulula ukubabona sebeshintshisana ngezandla sekuliwa, kanti yinto ebingeke yenzeke ukuba benibabili noma nibathathu emotweni ngoba nizokhuzana noma nizokwazi ukuthi isimo nisisingathe ngendlela enokuthula.
Le nto yokuphepha emgwaqeni kuyadinga ukuthi wonke umuntu abe nolwazi kuyona. Abagibeli bayadinga ukuthi bafundiswe kakhulu ngokuphepha, nokuthi ikuphi ekufanele ukuthi bakwenze uma bengena emotweni. Okokuqala ekufuna ukuthi abagibeli bekuqinisekise ukuthi kunephaseji uma ungena etekisini elikwenza ukuthi ugibele khona uze uyofika esihlalweni sangemuva. Lelo phaseji akufanele engabe livalwa izikhwama ngoba imoto uma iginqika noma imoto isha kufuneka siyophuma kuloya myango ongemuva, okungeke kwenzeke uma sivale ngezikhwama.
Okwesibili okufuna ukuthi abagibeli bekwazi ukuthi leli windi elingemuva elibhalwe ukuthi “Emergency Exit” elisho ukuthi elokuphuma khona uma kunesimo esiphuthumayo. Kufanele umgibeli uma egibela eteksini wonke kunento emchazelayo ukuthi uma imoto iginqika noma isha, leliya windi lisekhona uyakwazi ukuthi uzame ukuyophuma kulona ufike ulishaye kakhulu ngesibhakela, lizobhodloka livuleke bese niyakwazi ukuphuma. Lokhu bekuzolekelela kakhulu ukuthi abantu bengafeli emotweni, bengashi benqonqe emotweni uthole ukuthi bonke bafuna ukuyophuma lapha emnyango kanti leliya windi likhona ebebengakwazi ukuphuma kulona. Naye umshayeli wetekisi uke ahlobise lapha emuva efake ibhayisikili, kanti ibhuthi yeteksi ayidingi ukuhlotshiswa ngoba yizo zonke izinto lezi ezenza ukuthi uma imoto iginqika ibhuthi ingabe isavuleka kanti ngokujwayelekile ibhuthi iyazivulekela uma imoto iginqika.
Umgibeli osahamba ngezinyawo kufuneka ukuthi afundiswe ukuthi iyiphi indawo ephephile uma uzomisa imoto. Awukwazi ukuma noma ikuphi, uthole umuntu eme ejikeni elibi ufuna ukuthi imoto ime lapho imuthathe ngoba into ezokwenzeka ukuthi izoma itekisi lapho ithi iyakuthatha kuvele kungene imoto ngemuva ishayise.