Ukubaluleka kwemfundo ekuthuthukiseni isizwe



UMshengu unguMphathiswa Womnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal.
Sizizwa sithobeke kakhulu njengoMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe sakithi iKwaZulu-Natal ngokuthi sithole leli ithuba elimqoka kangaka lokuthi nathi sikwazi ukuthi sibe yingxenye yochungechunge lwemicimbi ebalulekile neyandulela ukhukhulelangoqo weMbizo Yesizwe SamaZulu ebizwe iMbube makhathaleni kuleli sonto.
Lesi simemo sokuba lapha namhlanje kithina singesinye salezo ezibaluleke kakhulu nebesingeke sakwazi nangephutha ukuthi singasihloniphi. Asingabazi ukuthi akulona ithuba elandele noma ngubani ukuba yingxenye yomcimbi obaluleke njengalona esibizelwe kuwo namhlanje ngoKaBhejane Phuma Esiqiwini.
Hlanga Lomhlabathi, ngaphambi kokuba ngande kakhulu ngenkulumo, ngiyafisa ukuthi ngikuchome uphaphe lwegwalagwala ngeqhaza lakho elimqoka olibambile ekufukuleni imfundo kulesi sifundazwe sethu sikaPhunga noMageba. Ukuzibandakanya kwakho nezinhlelo zethu kanye nokulokhu uphumele njalo obala ngokweseka imizamo yethu yokuthuthukisa imfundo njengesifundazwe iKwaZulu-Natal isinika imfudumalo engefaniswe nalutho. Amagalelo akho kwezemfundo wena kaMdlokombane asinika ugqozi lokuthi sibone kufanele ukuthi sizimisele kakhulu kunakuqala.
Uthando lwakho lwezemfundo kanye nabantu bonke bakho lusenza sibone zizincane kakhulu izizathu ezingenza ukuthi singaphumeleli njengesizwe samaZulu. Kungalesi sizathu, Hlanga Lomhlabathi, sifisa ukukusho ngaphandle kokuthandabuza ukuthi sizoqhubeka nokusebenzisana nawe kanye neNdlunkulu yonke ukuqinisekisa ukuthi lesi sifundazwe sethu siba ngesehluke kakhulu uma siqhathaniswa nezinye.
Sikusho lokhu ngoba vele singabantu abakholelwa kakhulu ebuhlakanini nasebuchuleni babaholi bethu abafana naso iSILO sethu. Ngakho-ke, sinethemba elikhulu, Hlanga Lomhlabathu, ukuthi uzoqhubeka usebenzisane nathi ekuqinisekiseni ukuthi sihlinzeka isizwe sethu ngemfundo ecwengekile nengenazibhidi. Siyakholelwa futhi ukuthi iqhaza lakho lizophinde ligqame kakhulu lapho khona sidinga ukungenelela kwabaholi boMdabu ezindabeni ezithile ezenzeka emiphakathini yethu kodwa ezigcina sezingena ngaphakathi ezikoleni ziyophazamisa ukufunda kwezingane zesizwe sakho kanye nenhlalakahle yazo jikelele.
Ngikusho lokhu, Hlanga Lomhlabathi, ngoba kusasa lokhu okusayo sizobe sihlangene nomphakathi waseSahlumbe eWeenen lapho kunezingqinamba khona eseziholele ekutheni kugcine sekuphazamiseka ngisho isimo sokufunda kwabantwana besizwe sakho. Kodwa ukuthanda kwakho imfundo kanye nokuba nezimfundiso ezinhle yikho okuholele ekutheni iNkosi yesizwe sabaThembu kuleya ndawo ikubone kumqoka kakhulu ukuthi isondelane kakhulu nathi ngenhloso yokulungisa isimo. Empeleni ayikho iNkosi engebambe iqhaza elibonakalayo ekufukuleni imfundo uma iSILO kwasona uqobo sibonalakala sihamba phambili. Qhubeka njalo Hlanga Lomhlabathi ube yisibonelo esihle kubo bonke abaholi boMdabu.
Kuleli qophelo, Mphathi Wohlelo, ngiyafisa ukuthi sikubeke kucace ukuthi iqhaza lemfundo libaluleke kakhulu ekuthuthukiseni isizwe. Kuliqiniso elingephikwe ukuthi isizwe esiphumelelayo yileso esinabantu abafundile. Lesi ngesinye sezizathu ezidala ukuthi nathi kulo Mnyango esiphathiswe wona sisebenze ngokukhulu ukuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi siyabacija laba bantwana ukuthi bakhule babe ngabantu abazoba namagalelo abonakalayo esizweni nabazokwazi ukuthi bathathe leli zwe balibeke kwibalazwe.
Ngiyafisa ukuyicacisa lena, Hlanga Lomhlabathi, yokuthi ukuba isizwe esifundile akusho nje kuphela ukuba incushe ezincwadini kodwa kusho ukwazi kabanzi ngobuwena kanye namasiko akho.
Thina ke uma sigqugquzela ukuthi isizwe sifunde sisuke sibandakanya kakho ukuthi sifunde nangemvelaphi yethu kanye neqhaza elabanjwa izingwazi nabaholi ababengaphambi kwethu ukuze sifinyelele kuleli zinga isizwe sethu esesikulo. Angingabazi ukuthi noma ungafunda kangakanani kodwa uma ungakaze uzinike isikhathi sokufunda nokulandela iqhaza elabanjwa iLembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha iNkosi uShaka lokho kobe kusho ukuthi imfundo yakho ifana nommese wona osika nganxanye. Kungumsebenzi wethu thina njengabaholi abakhona njengamanje kulo Mnyango wezeMfundo ukuthi sinikhiqizele intsha ezokwazi ukusika nhlangothi zonke, siyicije ngolwazi oluzoqinisekisa ukuthi isizwe samaZulu kanye nezwe lethu lonke liyadlondlobala.
Ngijabula kakhulu futhi njengoba le mbizo kaBayede ezoba sezinkundleni zemidlalo oNdini ngoLwesine ivulelekile nakulabo abasebasha. Lokhu kuzolekelela kakhulu ukuthi intsha ifunde kabanzi ngomlando nangokubaluleka kweqhaza okumele ilibambe njengabantu abasha ukuqinisekisa ukuthi lesi sizwe siba yisizwe esiyohlala njalo sikhona emlandweni wezizwe ezavelela kakhulu lapha emhlabeni. Umnyombo wokujabula kwami, ikakhulukazi, usekutheni intsha yethu iningi layo elibonakala licwile ophuzweni oludakayo kanye nasezidakamizweni izothola ithuba lokwalulekwa bese iyakhunjuzwa ngokubaluleka kwezemfundo kanye nokuziphatha ngendlela enesizotha. Nginenkolelo yokuthi lezo zomfundiso zizohamba ibanga elide kakhulu ukugqugquzela intsha yakithi ukuthi iziphanthe ngendlela efanele.
Ukuthuthukiswa kwezokuxhumana kanye nobuxhakaxhaka besimanje ezikoleni kulesi sifundazwe
Mphathi Wohlelo, kuyiqiniso elingephikwe ukuthi njengoba isikhathi sihamba, nendlela yokwenza izinto izolokhu iguquka kancane kancane. Lokhu kuphonsa inselelo kithi njengabantu abaphathiswe uMnyango Wezemfundo ukuthi sihlale njalo sivule amehlo sibheka ukuthi izinguquko zimi kuphi futhi zizolibeka kuphi izwe uma singenzi lutho.
Kungalesi sizathu, Hlanga Lomhlabathi, sikubone kumqoka ukuthi njengoba izwe lonke selikhuluma le nto yeFourth Industrial Revolution (4IR) kanye nabo bonke ubuxhakaxhaka besimanje osebukhona nathi singasali ngaphandle. Kumanje sengikubeke kwacaca kozakwethu ababhekelele ukudweba kanye nokwakha izikole ukuthi asisekho isikole okumele sakhiwe singahambisani kumbe singakwazi ukuhlomisa abafundi ngezidingo zeFourth Industrial Revolution.
Lokhu kusho ukuthi kungekudala kwakhona lapha oNdini olumahlikihliki kuze kuyoshaya le kwelakwaMandlakazi kanye naso sonke isifundazwe seMbube sekuzokhala ubuxhafaxhafa izingane zethu zibhala ngamakhompyutha. Yize mhlawumbe singeke sakwazi ukukufeza kusasa kumbe maduze kakhulu lokhu, kodwa kuyisifiso sethu esikhulu nesifuna kakhulu ukusibona sifezeka. Kodwa okwamanje engingakuqinisekisa ukuthi asikho isikole esisha esizovulwa ngokusemthethweni esingeke sibe nazo lezi zinsiza kufunda esengizibalile. Isigaba esilandelayo kuzoba yileso sokuqinisekisa ukuthi nakuzo lezi ezindala ekade zavulwa ziyathuthukiswa. Uma sizobukela phansi imfundo yesizwe sethu angazi ukuthi ngabe sicabanga ukuthi ubani oyoqhamuka ayithuthukise. Yingakho ke thina esikhona njengamanje sizokwenza konke okusemandleni ukucija abafundi bethu ngokuthi sibenze babe sesimweni esidingwa ngumhlaba la ngaphandle ukuze bakwazi ukuba ngabantu ebantwini.
Ukwakhiwa nokulungiswa kwezikole ezapheshulwa isiphepho
Mphathi Wohlelo, kuliqiniso elingeke saliphika ukuthi ukuze umfundi akwazi ukufunda kahle nento ayifundayo ingene ekhanda kudingeka ukuthi afunde ngaphansi kwesimo esifanele nesimnika isithunzi njengomfundi. Kungalesi sizathu sikubone kumqoka ukuthi zonke lezi zikole zethu ezaphazamiseka ngesikhathi kunesiphepho ezifundeni ezahlukene okubalwa kuso neZululand senze isiqiniseko sokuthi siluqala ngokukhulu ukushesha uhlelo lokuzilungisa. Ngikhuluma nje umsebenzi wokulungisa eziningi zalezi zikole usuqalile. Kulezo zikole ebesingakaqali kuzo, maduze nje nakhona sizokwazi ukuthi sifinyelele khona. Sikwenza konke lokhu ngoba sikuqonda kahle ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi sibe nesizwe esifundile nesinekusasa eliqhakazile.
Ezinye izinhlelo eziseqophelweni ukuqinisekisa ukuthi abafundi bethu bafunda ngaphansi kwezimo ezikahle
Mphathi Wohlelo, ngiyafisa ukuthi sikuqonde sonke ukuthi yize umsebenzi wethu njengoMyango Wezemfundo kungukuqinisekisa ukuthi abafundi bayafunda, kodwa kuningi okunye esikwenzayo ngokuyalelwa ilo Hulumeni wethu ukuthi sikwenze ukuze senze isiqiniseko sokuthi ukufunda akubi ngumthwalo omkhulu kubafundi. Phakathi kwalokho okuseceleni kodwa esikwenzayo ngukuhlinzeka abafundi bethu ngokudla nsuku zonke. Zonke izikole zethu okungakhokhwa kuzo senza isiqiniseko sokuthi abafundi bethu sibahlinzeka ngokudla zonke izinsuku mahhala ukuze bakwazi ukunaka uma uthisha efundisa. Ngaphezu kwalokhu, siphinda sisebenzisane noMnyango wezokuThutha kulesi sifundazwe ukuqinisekisa ukuthi abanye babafundi abahlala kude nezikole bathola ezokuthutha ezibayisa ezikoleni mahhala. Mayelana nalolu hlelo, kumqoka ukuthi ngikubeke kucace ukuthi sesisize abafundi abaningi kakhulu, kodwa futhi siyakuqonda ukuthi kusekhona labo esingakakwazi ukubasiza ngenxa yokuntuleka kwezimali. Kodwa ke sisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi ekugcineni bonke abafundi bethu bayahlomula kulolu hlelo.
Phakathi kokunye esikwenzayo ngukuqinisekisa ukuthi abafundi bethu sibahlinzeka ngezincwadi mahhala. Ngikhuluma nje nakulo nyaka kuzothi kushaya uLwezi sizobe sesizisabalalisile zonke izincwadi zangonyaka ozayo wezi-2020 ezikoleni zethu ukuze uthi uqala unyaka sibe sesimi ngomumo. Ngaphezu kwalokhu, sinohlelo lokunakekela abafundi besifazane ngokuthi sibahlinzeke ngamaqakelo ukuze noma besezinsukwini zabo kodwa bakwazi ukuthi bafunde ngaphandle kwezinkinga.
Hlanga Lomhlabathi, konke lokhu esengikubalile kunomthelela omkhulu kakhulu ekutheni izingane zethu zikwazi ukwenza kangcono ezikoleni zethu. Ukubala kwami lei zinto kungenxa yokuqonda ukuthi ngaphandle kwazo imfundo ngabe inzima kakhulu.
Isona sizathu ke lesi esidala ukuthi sikwazi ukuzishaya isifuba njengoHulumeni Wesifundazwe kanye noMnyango Wezemfundo kulesi sifundawe ngokuthi siyanakekela futhi sizoqhubeka nokunakekela izingane zethu ukuze zikwazi ukufunda ziphumelele zibe ngabantu abathile kusasa.
Isiphetho
Sengiphetha nje, ngiyafisa ukukubeka kucace ukuthi imfundo ukuze ibe kuleli zinga sonke esifuna ukuthi igcine ikulo kuzomele wonke umuntu abhukule abambe iqhaza elibonakalayo njengoba noNgangezwe Lakhe enza. Thina ngasohlangothini lwethu sizolokhu sizivule njalo izandla silindele ukusebenzisana nalabo onhloso yabo ukuthuthukisa imfundo yethu.
Okucacile nje, Mphathi Wohlelo, ngukuthi ngaphandle kwemfundo ngeke sibe naso isizwe esiphumelelayo. Yingakho ke nginimema nonke ukuthi nisondele eduze nenze imfundo ibe yintandokazi.
- Lena inkulumo yoMphathiswa Wezemfundo eSifundazweni iKwaZulu-Natal uMhlonishwa uKwazi Mshengu ayethule njengengxenye yochungechunge lwemicimbi eyandulela iMbizo KaZulu.