Now Reading
Ukuzalwa kukaMntwana uMbuziyasenhla kaZibhebhu
Dark Light

Ukuzalwa kukaMntwana uMbuziyasenhla kaZibhebhu

UNdlunkulu uHlehle okaMatshana wesithathu ukugana uMntwana uZibhebhu waba yinkosikazi yamashumi ayisikhombisa nahlanu (75). UMntwana uZibhebhu ufaka lokaMatshana endlini kadadewabo ngenhloso yokuba amzalele ingane eyoba yikhanda lakhe nenkosana yesizwe sakwaMandlakazi.

Kwathi ngelinye ilanga uMntwana uZibhebhu ehlezi engazelele wabona sekufika iMantshi yakwaNongoma. IMantshi uMashiqeka yathi ithunywa uHulumeni, uthi aMakhosi onke awabhalise 1zmgane zawo lezo ezingaMakhosana. Yathi lokhu ukwenzela ukugwema imibango, evamise ukuba yenzeke uma sekukhotheme iNkosi. UMntwana uZibhebhu waphendula ngelokuthi yena akakabinayo ingane eqondene ezinganeni zakhe. IMantshi yathi akasale ehlela izobuya izokuzwa ukuthi usekhombe yiphi emadodaneni akhe. Wathi umuzi yena wawunika uNdlunkulu uGeja okaMatshana waseQhudeni. ABantwana bathi uNdlunkulu uGeja akazalanga ngane yomfana, kepha uzele izintombi zodwa. Kanti nokaMatshana wesibili akanayo ingane lapha eNdlunkulu eBanganoma.

Kwathi uma kuzwakala lokho kukhuluma kuMntwana uZibhebhu, abantu abaningi baba nokudideka ngoba babazi ukuthi iNkosana yakhe ikhona. lfika nalokhu ukukhuluma nje iMantshi uMntwana uZibhebhu usezele isizwe, sekukhona amadoda angangaye ezi nsizweni zakhe. ABantwana kanye nesizwe sonke sakwaMandlakazi babecabanga ukuthi iNkosana yakhe uMntwana uMsenteti. 

Bakhomba uMntwana uMsenteti nje yingoba babazi umlando wokuzalwa kwakhe. ABantwana nezinduna kwathi uma sebezwa iNkosi uMntwana uZibhebhu ethi iNkosana yena akakabi nayo, kwabakhathaza kakhulu lokho. 

Bambuza ukuthi useyashintsha yini kulesi senzo ababesibonile esenza phakathi komuzi lapho anikeza khona okaMvundlane imbeleko yengwe. Bathi akaboni yini ukuthi uzoxabanisa izingane zakhe, zize zibulalane. INkosi uMntwana uZibhebhu waphendula wathi uyasiguqula leso senzo. Wathi uMntwana uMsenteli usezenza yena, usengame ezitsheni zakhe ephila. 

lNkosi uZibhebhu yathi lokhu kuyithukuthelise kakhulu ngangokuthi ismqume ukuthi uMsenteli akasenakukudla okuluhlaza lapha ekhaya kepha useyokudla okuvuthiweyo kuphela. lsizathu sesibili yathi ngeke esayibeka ingane yentombi eyakhonjwa umfowabo iSilo uCetshwayo ukuba ithathe iSihlalo soBukhosi sendlu yakwaMandlakazi njengeNkosi yesizwe sakhe. Wathi lokho kungasho ukuthi izwe alilwele kangaka kwaphela abantu, abasoSuthu basayofike futhi bayephuce le ngane bethi yabekwa yibo. 

ABantwana nezinduna bathi uNdlunkulu okaMvundlane uzalwa eBukhosini bakwaBiyela nguye okufanele anikezwe umuzi. INkosi uMntwana uZibhebhu yabaphendula ngokuthi ukhona okaMatshana wesithathu naye ozalwa yiNkosi uJobe, okumanje ozithweleyo.

IMantshi uMashiqeka yabuya isizobhalisa okuyiyona ngane eyikhanda lakhe njengoba yayishilo ukuthi izobuya. Kwathi nalapho isifikile okwesibili iMantshi wayiphendula ngokuthi akazukubhalisa ngane yena, usazolindela uNdlunkulu uHlehle okaMatshana wesithathu ozithweleyo ukuthi uthola mntwana muni. 

IMantshi yathi sekuphoqekile ukuba abhalise Iowa azobambisa ngaye kuze kutete okaMatshana. Yathi aMakhosi onke asebhalisile sekusele yena yedwa, osebambelele ukuba ihambise izincwadi Ekhowe. INkosi uMntwana uZibhebhu wathi kungcono ahambe ayozibika yena kuHulumeni Ekhowe ukuthi usalindela okaMatshana. 

Bathi uMntwana uZibhebhu wabuza imantshi ukuthi uma kuthiwa akabhalise azobambisa ngaye, uma sekwenzeka esehamba emhlabeni, uNdlunkulu okaMatshana asale ethola ingane yomfana kulokhu akumumethe ubani oyosala esula igama lalowo oyobe esebhalisiwe engasekho yena ombhalisileyo? Akayikusho Iowa oyobe ebhalisiwe ukuthi yena wabekwa iNkosi. 

See Also

IMantshi yaphendula yathi uyombhalisa kukhona aBantwana nezinduna, okuyizona eziyofakaza ukuthi wawubambisa ngaleyo ngane. Ekugcineni iNkosi uMntwana uZibhebhu yavuma ukuyobhalisa enye yezingane zayo.

Yathi izobhalisa uMnawenkosana kube uyena ebambisa ngaye. Yagcizelela umbandela wokuthi uma kwenzekile okaMatshana wesithathu wathola ingane yomfana iyona eyoba ikhanda. Yabhalisa uMntwana uMchitheki owayezalwa uNdlunkulu okaMqhaqhamba wakwaQwabe. 

UNdlunkulu umaQwabe lona wayefakwe kuNdlunkulu uGeja okaMatshana. Kwathi iNkosi uMntwana uZibhebhu esanda kubuya ekubhaliseni Ekhowe, kwase kufika izithunywa zivela koMatshana eQhudeni. Lezi zithunywa zazizobika ukuthi uNdlunkulu uHlehle okaMatshana wesithathu uphumelele, wathola ingane yomfana. 

Kwaba nenkulu intokozo eBanganoma kuNdlunkulu okaMatshana omdala kanye nomuzi wonke. Bathi iNkosi yathi namuhla ngizele uBhokwe umbuzi zasenhla. lzithunywa zabuyela emuva nalelo gama lengane. 

lzithunywa lezi zazifika noNdlunkulu uShesha okaMatshana wesibili naye evela kubo eQhudeni.

Scroll To Top