Now Reading
Inkulu kakhulu ingcindezi ebhekene nentsha eza noZibandlela
Dark Light

Inkulu kakhulu ingcindezi ebhekene nentsha eza noZibandlela

Akusasele zinsuku zingakhi ngaphambi kokuthi singene kuZibandlela, inyanga edume ngesiphithiphithi. Inyanga lapho khona wonke umuntu, ngisho nongasebenzi, ematasa. Iningi labantu lizobe liphokophele emakhaya ukuyobona imindeni, kwazise phela abanye bebevalelekile emazweni ahlukene ngenxa yokhuvethe. Kwabaningi le nyanga iza nobunzima kanye nengcindezi enkulu futhi ezinhlobonhlobo. Njengoba iningi labantu lizobe libhekise amabombo emakhaya kukhona abantu, ikakhulu abantu abasha, abazobe bengafisi ukuya emakhaya.

Njengoba siya emakhaya siyobhekana nemibuzo eminingi, ebuhlungu futhi nengaphenduleki.

Abanye bayobuzwa ukuthi bashada nini, balobola nini, bayithenga nini imoto, babakhela nini abazali umuzi, baziphothula nini izifundo enyuvesi? Babodwa abazobe bebuzwa ukuthi kwenzakaleni bashesha kangaka ukubuya emakhaya nokuthi ishonephi imoto? Abanye bazobe belindelwe ngabovu ukuthi beze nesaka lemali njengoba behambe unyaka wonke.

Ngiyafisa ukuthi aboHlanga bangafunda ukuthi ingcindezi eningi kanye nokhwantalala oluphethe abantu bakithi akubangwa wukhuvethe kuphela kodwa kubangwa nayindlela esilindele ngayo uguquko empilweni yabanye abantu. 

Abantu bakithi banesibindi sokukubuza ukuthi uyithenga nini imoto benganazo ngisho izincwadi zokushayela bona.

Ngaphandle kwabantu abasifakela ingcindezi, nathi siyazifakela engenasidingo.

Esikhathini esiningi nathi, ikakhulu intsha yakithi, sithanda ukubukwa uma kufika lesi sikhathi.

Ingcindezi enkulu ibangwa ukuthi kwathina asiphili impilo eyiqiniso ikakhulu ezinkundleni zokuxhumana, okwenza sibe namahloni ukuya emakhaya sihamba ngezinyawo ngoba saziwa njengabantu abahamba ngezimoto. 

Lokhu kusho ukuthi njengoba sibheke emakhaya kuzomele uphumele obala, ube yile nto oyiyo. Ungabe usaqhubeka nokuphila amanga, ngoba kungcono ukuthi abantu bakuhleke ukuthi awunamoto kunokuhamba ngemoto oyibolekile noma ongakwazi ukuyikhokhela.

Enye indlela yokugwema ingcindezi kaZibandlela, ukungazami ukushintsha impilo oyiphilayo ngoba ufuna ukujabulisa abantu. Uma ungenayo imali yamukela ukuthi awunayo. Uma ungenawo umswenko wesimanje, yamukela ukuthi awunawo kunokuthi uzame ukubamba izinga elingekho. Uma unabantwana, batshele ukuthi awunawo ukhisimusi kulo nyaka uma ungenayo imali. 

Ungazami ukushintsha indlela odla ngayo noma enidla ngayo njengomndeni. Into engizwisa ubuhlungu ngokuphilela ukujabulisa abantu ukuthi abantu ababongi futhi abanandaba nokuthi usenkingeni. Uma ususenkingeni noma ezikweletini, kujika bona abantu babuze ukuthi kanti wena ubuthi wenzani?

Ingcindezi enkulu eza noZibandlela abangani. Angisho abangani laba onabo manje, ngisho laba abafika kanye ngonyaka empilweni yakho. Yibo kanye futhi abavamise ukushiya impilo yakho isezikweletini uma ungavukanga wazithola usejele. Yisikhathi lesi okumele uqaphela kakhulu ukuthi obani abasempilweni yakho. 

See Also

Abangani ozobathola manje, iningi labo, beze ngoba belandela ibhodwe eliconsayo hhayi ngoba befisa ukwakha ubuhlobo. Bancane kakhulu abantu abazimisele ngokuba ngumngani wakho woqobo. Uma ufisa ukuzibonela wena le nto engikhuluma ngayo, zibuze ukuthi abantu abasempilweni yakho noma abafuna ukuba sempilweni yakho bakhangwe yini?

Engifisa ukugcina ngakho ukuthi, unyaka wezi-2020 ube nzima kuwo wonke umuntu. Ngifisa ukuthi sithathe lesi sikhathi samaholidi kube esokujabula hhayi esokufakelana ingcindezi.

Ake sizibambe futhi sizikhuze, singakhulumi futhi singenzi into engeyinhle komunye umuntu.

Uma ubona umakhelwane esehamba ngamatekisi kanti kade enemonto, yeka ukubuza ukuthi ishonephi? Uma ubuya ngoZibandlela emakhaya ufica abantu, obazi besebenza, behleli bengasebenzi yeka ukubuza ukuthi bahlaleleni ekhaya? Abantu abaningi baphelelwe imisebenzi, abanye badlelwe imizi kanti abanye kudingeke ukuthi bashiye impilo ebizayo yasemadolobheni babuyela emakhaya ngenxa yamabhizinisi awile. 

Okusemqoka engifisa sikujabulele kulesi sikhathi sokujabula esingena kuso, ukuthi iNkosi isasigcinile. Abantu abaningi bashiywe izihlobo zabo ngenxa yokhuvethe.

Scroll To Top