Wayenombono ngezemfundo nangezomnotho uMtimande kwaboHlanga


Sincane isibalo saboHlanga, abanemizwa yezimfundiso ezinhle zasemakhaya mayelana noMdali, namathongo, nabadala nabaphansi ezihlanzekileyo ngabo zase-Afrika ikakhulukazi eNingizimu Afrika kusukela ngowe-1990.
Ngabe sekunezikole ezehlukene ezakhiwa yibo ngamathuba ayebavumela ukukwenza, ikakhulukazi osopolitiki, abafundile abacebileyo boHlanga, kusukela iNingizimu Afrika isingokwedemokhrasi kusukela ngowe-1994.
Siqhakambise nsukuzonke aboHlanga ababanemizwa, abanemibono neziphakamiso ngabodwana ezintweni ezinhle. Uma sizoqhakambisa usuku lwenkululeko e-Afrika, okunguNhlaba zingama-25, kusukela kowe-1963.
Kwakunesishabasheki esasiyikhonke uMnu uHenry Posselt Gagu Ngwenya, uMtimande, uHP Ngwenya owayezalwe mhlazili-16 kuMbasa we-1899 eNtabazwe kugcwele amaBhunu. Wayehlala emgwaqeni uNicholson okunguRoad 5 eChesterville. Wadlula emhlabeni ngokushayiswa yimoto yomshayeli ongayimisanga ngowe-1977.
Wayehlanganisa abadayisi boHlanga ukuba bahwebelane bodwa ngaphansi kwenhlangano uZulu Hlanganani besahlala eMkhumbane. Wabanenkani yeselesele ngokuba ngowokuqala woHlanga ukuba nesitolo sokudla eThekwini okwakuthiwa iNgwenya’s Native Eating House kusukela kowe-1934. Savalwa nguHulumeni wobandlululo lwamaBhunu ngowe-1963, ngenxa yemithetho eyayihlukanisa izinhlanga.
Kuyavela emlandweni ukuthi nezinhlangano zamaNdiya iRate Payer’s, iMayville neMerebank zabanomthelela ekuvalweni kwesitolo sikaMnu uNgwenya, nezabaningi boHlanga baseNingizimu Afrika.
Njengoba namanje aboHlanga balapha beseyingcosana emadolobheni kodwa kungaboHlanga bakwamanye amazwe abanezitolo emadolobheni. Okungenzeka ukuthi kuseyileso sikababa uNgwenya.
Yize uMtimande ayeyilungu le-African National Congress kodwa wayebuye aphikisane nayo uma seyiphuma endleleni. Waba nemizwa, nemibono neziphakamiso ikakhulukazi emfundweni yaboHlanga ngokungazenzisi.
Kafushane ngoMtimande uH.P. Ngwenya, ekhasini le-149 kuya kwele-151.encwadini iBlack South Africans, A Who’s Who 57 Profile of Natal Leading Blacks, kaDee Shirley Deano yangowe-1978, ngamaqhaza abanjwa ngaboHlanga kwelikaMthaniya KwaZulu.
Ngabe sengimkhumbuza uMaduna ngesakuchazelwa nguMaishi emhlanganweni womphakathi, ngeqhaza likababa uNgwenya ngesikole. Wawuphakathi nesonto, ehholo lesikole iHP Ngwenya eChesterville Extension One singakakavulwa, ngoMasingana wezi-2000.
UMaishi owayenguthisanhloko wayezothula othisha, nezisebenzi zesikole iH.P.Ngwenya P.P. School, emphakathini wase-Extension One.
Othisha kwakungabesifazane wakwaManqele, wakwaNdlovu, uNkk uMnyandu, uMnu uB.P Maduna, ababheki nabanakekeli besikole, kwanguMnu. uMthembu esasimbiza ngezintuthane, unogada uMnu uNdaba nabanye.
Wathi ezempilo zazingasekho esimweni esihle emaRomeni ngenxa yobudala. Kwakunezingqinamba uma linile, kugule nabafundi. Kanti uHulumeni wayeqashile emaRomeni.
Wangikhisa ngenkezo uMnu.uBP Maduna, uGubevu osenguthishanhloko eH.P. Ngwenya, osukwini lwangoLwesine, zili-19 kuNcwaba wezi-2021.
Ukuthi sakhiwa ngombono neziphakamiso zikaMnu uH.P Ngwenya. Kwafundelwa esontweni iSt.Anne’s Mission Roman Catholic Church, ngasemathuneni iMayville okuthiwa iseZinkawini.
Wathi uMaduna “Uzokhumbula ukuthi esontweni lasemaRomeni kwakukade kunesikole iMazenod Mission School.”
UGubevu wayebalula iMazenod Mission School, eyayisesontweni lamaRoma ngenkathi aboHlanga besahlala eMkhumbane ngowe-1945.
“Uma ngingaphosisi kwakungowe-1970, ngenkathi kuzokwakhiwa u-N2, kususwa ababehlala kuRoad 2, bayohlaliswa eMlaza naseNtuzuma kwa-F.
Kwabanezingane ezazisencane ezasala zingesenaso isikole ngoba kwakungasafundelwa emaRomeni.
Ubaba uHP Ngwenya, wacela emaRomeni ukuba anikele ngamakilasi okufunda. Uthishanhloko wokuqala yize ngingamazi kwakunguDlamini. Ngaqala ukufundisa sesiphethwe nguMaishi.”
Wayebalula uMnu.uJ.M. Dlamini owashona esethathe umhlalaphansi. Kwaba uMnu.uJabulani W. Maishi owathatha umhlalaphansi emva kowezi-2015.
Wanginika incwajana yomlando omfushane ngeH.P Ngwenya Public Primary School.
Okubhalwe ukuthi: UMaishi waba nguthishanhloko ngowe-1996. Isikole esisha sakhiwa ngenyanga uMandulo we-1997, saqedwa ukwakhiwa ngoZibandlela we-1999, endaweni entsha ebizwa ngokuthi iChesterville Extension One.
Sathuthela e-Extension One (ngoMsombuluko) wamhla zingama-31 kuMasingana wezi-2000. Abafundi ngabahlala eduzane naso, okuyise-Extension Two, Three, eRidgeview, eMathinini naseChesterville.
Kwaqinisekisiswa nguMnu.uBongani Biyela, wase-Eshowe, eMpaphala kweseNkosi uMeyi Biyela, use-Extension One, kuSlovo Avenue ngasepaki, owayehlala eChesterville kuRoad-25.
Wathi “Uthisha wesifazane wokuqala eNgwenya kusafundelwa emaRomeni, kwakunguMemu uNsele, wakuRoad-25, wagcina esehlala kuRoad-1.
Kwakufundisa uthisha uZulu, noMlaba umfowabo kaJoshua Mlaba. UJoshua wayefundisa eGovernment eChesterville, waba ngumsakazi kwaRadio Bantu kowe-1961, nakuRadio Zulu kowe-1976. OsekuwuKhozi FM kusukela ngowezi-1996.
Sakhiwa emva kokususwa kwabantu kuzokwakhiwa uN2. Bayiswa eMlaza naseNtuzuma kwa-F, ngezansi kwaNozaza Supermarket. Bathi iseChesterville” sebalapho”.
Ukhangwa izindebe ezehlukene ukuthi sizidlela amahlanga. Sasingatha ezemidlalo ngokwamakilasi, abathi ‘amaHouse’ ngowezi-2005. Kwakunababebizwa ngamaZebra, amaLion, amaTiger njalo njalo. Yile midlalo okuvela amakhono ehlukene abafundi.
Yabonakala imisebenzi emihle kaMaishe nayebambisene nabo nesaqhubekayo. Yingakho ngabalula nge-H.P. Ngwenya P.P. School besadla anhlamvana, ephephandabeni Ilanga langoMsombuluko womhlalu-01 kuNtulikazi wezi-2013.