Siyibungaza kanjani inyanga yabantu abasha iningi labo lihlupheka



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Ukuqala kwenyanga uNhlangulana, kwamukelwe ngokukhulu ukujabula ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi kuTwitter. Akungithusi ukubona abantu abasha bejabulela ukuqala kwenyanga yabo. Ngicabanga ukuthi abantu abasha abaningi kuleli bayakholelwa kule migubho eyenziwa ngenyanga uNhlangulana. Kubuhlungu kodwa ukwazi ukuthi bekhona benjalo abakholelwa nababona kusafanele ukuthi abantu abasha bebungaze le nyanga, bakhona abangasiboni ngisho esincane isidingo sokujabulela kanye nokubungazwa kwenyanga yabantu abasha kuleli.
Uma ubuka isimo abhekene naso umuntu omusha kuleli, kuvele kukukhanyele ukuthi kungani bekhona abanemizwa ehlukile nabangafuni ukubungaza inyanga yabo. Ngiyacabanga ukuthi imibono kanye nemizwa yabo ngokubungazwa kwenyanga yabantu abasha ayiqalanga yanganambitheki njengoba inganambitheki kuyimanje. Uma ubheka ukukhandleka nokuhlupheka kwabantu abasha kuleli, kukunika isithombe esithi abantu abasha abandlula emhlabeni belwela ukukhululeka kwabantu abasha kuyize leze. Kulelizwe kusenabantu abasha abahlupheka benawo wonke amakhono afunekayo ukuze bekwazi ukuziphilisa. Kusenentsha engakwazi ukuzimela kanye nokuziphilisa ngenxa yokuntuleka kobuholi onuzodala amathuba azokwenza abantu intsha ingalokhu yalandelana noHulumeni.
Ngithethe isikhathi ngavakashela umlando, ngibheka ukuthi yini eyayilwelwa abantu abasha bangonyaka we-1976. Okuhamba phambili nokuvezwa abezindaba ukuthi bebelwela inkululeko yokufunda ngolwimi lwabo ezikoleni. Eminye imibhalo iveza ukuthi bebelwisana noHulumeni wobandlululo owawufuna kuqhutshekwe nokufunda ngolwimi lwesibhunu.
Kodwa uma ubhekisisa kahle, intsha yangalesasikhathi yayingalweli yonke leyonto. Into ebebeyifuna kwakungukubuyiselwa kwesithunzi sowoHlanga. Babelwela ilungelo lokuziqhenya njengowoHlanga. Babelwela ukuthola amathuba afanayo nabantu abamhlophe. Uma uphuca umuntu ilungelo, usuke umphuce isithunzi sakhe. Uma uphuce umuntu isithunzi sakhe usuke uthethe yonke into futhi kufana nokuthi umbulele. Ngiyo kanye into eyenza intsha yowe-1976 igcwale umgwaqo izwakalise ukungajabuli kwayo ngoba akukho ukujabula uma usuphucwe ubunguwe bakho.
Ngifisa ungizwe kahle. Angiphambene nokubungazwa kwenyanga yabantu abasha. Umbuzo wami uthi sibungazani uma abantu abasha benganasithunzi. Sibungazani uma abantu abasha benganalo ikusasa abangalikhomba. Yini eyenza sikubone kufanele ukuthi sijabulele inyanga yabo uma intsha ingajabulile kuleli. Abantu abasha abaningi abalitholi ithuba lokuya esikoleni ukuze bathole imfundo engcono eyayilwelwa yintsha yangowe-1976. Umbuzo uthi, ubungaza kanjani inyanga yentsha kusenabantu abasha abafundela ngaphansi kwesihlahla kuleli? Kusenabantu abasha abaqedile umatikuletsheni kodwa abanamali yokuyofundela. Kulabo abawatholile amathuba okuyofunda, izinkulungwane zihleli emakhaya azisebenzi. Kulabo abazama amathuba okuzisebenza, izinkapani ezinkulu kuleli zibavalela ngaphandle ekutholeni imisebenzi.
Ubuhlungu kanye nezinkinga engiziveze ngenhla zincane kakhulu kunobuhlungu kanye nezinkinga ezibhekene nabantu abasha kuleli. Ngithe komunye, ebengikhuluma naye, noma ngabe uyafisa ukubungaza inyanga yabantu abasha njengomuntu omusha, uzobungaza kanjani ulambile, unganayo imali yokugibela uye emicimbini ekhuthaza abantu abasha. Lona ebengikhuluma naye uthe kimi sekwaba lula manje, imicimbi seyabanjelwa ezinkundleni zokuxhmana. Siphikisene saze zavumelana ukuthi kwayona leyo micimbi ebanjelwa ezinkundleni zokuxhumana abantu abasha abanayo imali yokungena kulezinkundla. Siphinde savumelana ukuthi eminingi yalemicimbi ehlelelwe ukukhuluma nabantu abasha, ayenzelwe abantu abasha kodwa yindlela yokwenza imali kanye neyokudla imali kulabo abayihlelayo. Mancane kakhulu amathuba okuthi abantu abasha bathole amathuba azoshintsha izimpilo zabo kule micimbi.
Engivala ngalo lithi, angiphiki ukuthi uNhlangulana yinyanga yabantu abasha, kodwa yini entsha eza nenyanga yabantu abasha kusukela saqala ukugubha inyanga yabantu abasha? Uma sifuna ukugubha inyanga yabantu abasha, kwamele kubekhona okusha esiza nako kule migubho. Izethembiso ngemuva kwezethembiso akumele kube yingxenye yemigubho yenyanga yabantu abasha. Noma ngabe sikhumbula abaqhawe alwa alwela inkululeko, akusho lutho uma abantu abasha bengakhululekile. Ngikusho lokhu ngoba ikusasa laleli lizwe lisezandleni zabantu abasha okumele babe ngabahlomile ukuze bekwazi ukuthi balibuse.