Ukhondolo lomndeni luyalandeleka ngezindlela ezahlukile ngokwezikhathi
Asibeni neqiniso nsuku zonke uma sithi singaboHlanga base-Afrika. Nokuthi abamhlophe bafika bengeza phezu kolwazi esilwaziyo, ukuthi lwaluvese lukhona bengakafiki e-Afrika, eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.
Ukuze kube lula ukungazenyezi nokunganaki ukuthi bazothini owafunda nabo, kwazuzwa imfundo, imali nenkolo yobuKhrestu nokunye okungokwemimoya yase-Europe, yase-United States of America neyakwamanye amazwe.
Sebekubona ukuthi imfundo, imali, ubuKhrestu nokunye ngokwalamanye amazwe, sewukuhlanganise nokwase-Afrika ekwenzeni izinto, ugqoke amajazi amhlophe obudokotela ngokwase-Europe.
Bethi wawufundelani imfundo, imali wawukholelwani ngobuKhrestu. Njengoba usujikile, usunokuba yithwasa, usunokuba yisangoma, usunokuba yinyanga, usunokuba ngohlolayo nophrofethayo nokunye kwemimoya emihle yase-Afrika.
Babuze ukuthi abafisi ukuzibona bebamba amaqhaza ekuqhakambiseni inhlakanipho kaSomandla yase-Afrika, yaseNingizimu Afrika. Ikakhulukazi yasemakhaya akubo nangokwezibongo zasemakubo. Hhayi ukuba ngumAfrika oyiwuwa ngokwase-Europe nangokwase-Afrika.
Ukuze kwembulelwe nabanye ngenxa yabo. Kungaba isekusakazeni, isekubhaleni, isekuphawuleni, ikuthelevishini, isezingxoxweni nasekucobelelaneni ezinkundleni zokuxhumana ezehlukene imihla namalanga.
Kuzobe sekulula ukungagodli nokudlulisa ulwazi oluhle olwehlukene, olunempilo nentuthuko, onalo, olucobelelwe nolufundisiwe ngoba uhlale ushisekela okuhle.
Abanye selwaphela ulwazi ababe nalo kade beneziphiwo zikaMdali, ngenxa yomgolo nokuzimbandakanya ezingxoxweni ezingakhi, ezingenampilo nentuthuko.
Inkinga iqala ngenkathi ulalele abanye boHlanga base-Afrika, besemisakazweni, bekomathelevishini, beshumayela, bebhala, bephawula ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene, ukuthi sebebukela phansi okwase-Afrika kuze kweqe bengabase-Afrika.
Sasishiyelane eshungwini, sintongelisana nabanumzane bakwaNongoma, uMathaphuyise Qwabe eMpakaneni noSibongiseni Nkosifikile Ntombela uMahlobo kwaDambasi, KwaMshiki.
Wayechichima yinjabulo uMahlobo, ngezingane zakhe ezazethweswa iziqu emkhakheni yezokwelapha ehlukene yi-University YaKwaZulu Natal, UKZN eThekwini.
UNduduzo, indodana yakhe wayezokwethwesa iziqu zomkhakha wokuba ngohlanganisa amakhambi okwelapha ngokwase-Europe, ngokwaseNtshonalanga, ngokwase-United States of America, ezibizwa ngokuthi iBSc Pharmacy.
Kanti indodakazi uGcwalisile wayethweswa iziqu emkhakheni wezokwelapha izindlebe.
Ngamtshela engakachazi ngobuyena ukuthi akuzenzekelanga ezinganeni zakhe, ekufundeleni le mikhakha. Kodwa ngumlando wasekhaya wokuthi kwakunabelaphi ngokwendabuko.
Ngesimanje kwakunababengamaPharmacist njengoba sekuwuNduduzo osefundele lowo mkhakha. Nanokuthi ngamathongo abenza bakhetha le mikhakha yokwelapha.
Bangadideki uma sebezibona sebengena emkhakheni wokwelapha ngokwendabuko yase-Afrika noma sebezibona sengathi bangenwa yimimoya yokwethwasa. Imimoya emihle yaboHlanga kubona yobu-Afrika, ngokukaMdali, ngokwamathongo, ngokwabadala nabaphansi bakubo.
Bayobona kwenye inkathi sengathi izinto azenzeki ngokufiswa yibona. Kodwa ngeke bakubone lokho ngokwamehlo enyama ukuthi hleze sekuyizimpawu. Abokhumbula umlando wasekhaya wokuthi kwakunabelaphi kwaNtombela ngokwase-Afrika.
Uma sebebhekile, sebekhumbula ngeke badidiswe, badukiswe kalula, ngoba ngumlando wolibofuzo lwasekhaya ukuthi kwakukhona ababengabelaphi ngokwase-Afrika njengoba sebefundele ezokwelapha.
Yebo, bayotshelwa ngabanye abasabuka izinto ngokwemimoya yase-Europe kuqala. Abazobatshela ukuthi banemimoya yamadimoni, abayilahle. Belokhu bethi iBhayibheli incwadi engcwele ithi.
Bayadidisana ngamabomu laba bantu, basuke sebazi ukuthi usuzoba nemikhakha nokwembulelwa okwehlukene, abanomona ngakho. Empeleni yibona abanamadimoni okwenyanya ukuba ngowoHlanga.
Kuwukwenza sengathi owoHlanga wayengahlakaniphile, naye akahlakaniphile ngesingaye ngaphambi kokufika nemfundo, nemali, nobuKhrestu ngokwabase-Europe, kwabase-United States of America, ngokwaseNtshonalanga nangokwamanye amazwe.
Wenaba uMahlobo ngokuthi, yena ungumelaphi ngokwendabuko yase-Afrika. Kanti ukwelapha kubo kusukela kukhokho wakhe uSobahle, kube uNzobo. Kube ngumkhulu wakhe uGandaganda njengoba naye esengumelaphi.
Waqinisekisa ngesigameko nobunyanga bukaNzobo nangamaqhaza ayewabambile KwaZulu, kwelikaMthaniya. Ukuthi uNzobo benoSibiya babethunywe eNkosini uMpande, babanjwa ngabelungu bafuna ukumdubula uNzobo wangadubuleka, yangangena inhlamvu kuyena (uNzobo). Kwadubuleka uSibiya wafa.
Wathi sewamtshela uNduduzo, ukuthi imithi namakhambi elapha ngawo ngokwendabuko yase-Afrika, wayesezowanikeza yena ukuba ayowahlola ngokwezifundo azifundele zePharmacy.
Ngathi akwandele bani ukucakulelwa umlando wasekhaya ngabazali besadla anhlamvana. Sanxusana ukuba awucakulele futhi bawuqophe bona njengomndeni lo mlando omuhle nocwengekeli wasekhaya esizukulwaneni sakhe. Ukuthi njengoba beya phambili, baqhamukaphi njengoba sebelapho bekhona, sebenza abakwenzayo empilweni.
Bakhona ababanenhlanhla yokuchazelwa ngomama babo ngomlando wolibofuzo lwasemakubo, emva kokushonelwa ngobaba besebancane nomkhulu babo bengakazalwa. Ukuthi babeqhamukaphi njengoba beya phambili.
Yize sashonelwa ngubaba ngowe-1963 sisebancane, kodwa wangitshela umama osizalayo umaBiyela kowe-1974, ukuthi umkhulu ozala obaba, kwakunguFrank, uMgqwayiza owayeyinyanga.
Kwaqinisekiswa ngumnewami uBhoyi ngowezi-2012, olanywa nguNeli uMaNdlovu Manqele, abazalwa ngubaba omdala uZeblon Ndlovu. Ukuthi, umkhulu uMgqwayiza wathutha eMelmoth nobaba bethu nobabekazi, wayokwakha eVuna KwaNongoma, lapho ashonela khona.