Now Reading
Ubumqoka bezinkanyezi nomkhathi kwaboHlanga
Dark Light

Ubumqoka bezinkanyezi nomkhathi kwaboHlanga

Kusukela emandulo aboHlanga bebezasiza izinkanyezi nomkhathi. Indlela yokuphila kwaboHlanga ibincike  emvelweni nokujula kwayo. Ngangokuthi imikhosi nezinyanga  zonyaka beziqanjwa kususelwa ekuguquguqukeni kwemvelo nezinkanyezi. Kudala ogqayinyanga yibo ababecwaninga izinkanyezi nomkhathi bese bebhala baqambe izinkanyezi besebenzisa ubuciko. Ngokomthetho wesiNtu, unyaka waboHlanga uqala ngoNcwaba.  Bekuthi ngoMandulo kube noMkhosi Wenzalo Yelanga, Inzalo yelanga iba mhla kulingana ubusuku nemini okuba zingama-23 kuMandulo. ISanusi Vusamazulu Mutwa kwenye yezingxoxo uyakuveza ukuthi ikhalenda laboHlanga litholaka eMpumalanga, Igama lalo iNzalo Yelanga okanye uMazisakazi.  INzalo yeLanga yiyo eyayisetshenziswa aboHlanga ukulandelela ukusintsha kwenkanyezi. Futhi inzalo yeLanga eyayisetshenziswa abalaphi bendabuko emisebenzini yokwethwasisa nokwelapha.

Ubumqoka bezinkanyezi nomkhathi sikubona ngokuthi amagama ezizwe zaboHlanga eqanjwe ngezinkanyezi nomkhathi.  Lokho sikubona emagameni alezi zizwe, amaZulu namaKalanga. Uma sihlaziya la magama kuyavela ukuthi igama elithi ‘Zulu’ lisho indawo esekujuleni komkhathi. Uma uqhubeka ulicubungula leli gama lihlobene negama elithi ‘Heru’ nelithi ‘Uhuru’. Igama elithi ‘Heru’ igama eleNkosana Yelanga eyayikhonzwa emandulo embusweni waseKhemethi (e-Egypt). Leli gama selisetshenziswa uma kukalwa inani lesikhathi elakhiwe imizuzu engamashumi ayisithupha, ihora. 

Igama elithi ‘Uhuru’ lisho inkululeko futhi lihlobene negama lokhozi okuthiwa iHungwe. Igama elithi Uhuru livamise ukusetsheziswa kakhulu olimini lesiSwahili. Lidume kakhulu la eningizimu ngengoma kaLetta Mbulu ethi “Not yet Uhuru”. 

Igama lesizwe samaKalanga lisho ukuthi abakwaLanga. Lesi sizwe iningi laso litholakala eZimbwabwe. Uma siqhubeka sihlaziya sizothola ukuthi ebandleni lamaZayoni uma bezokhulekela umuntu bayazungeza bashaye isiKhalanga. Uma ubheka ukuzungeza kwabo kuyefana nokuzungeza komhlaba uzungeza ilanga. Ukuzungeza akusiyo into yaseZayoni kuphela kodwa  ukuzungeza uyakuthola nakwezinye izinkathi lapho kugegwa noma kushaywa ingoma. Lo mlando nalolu lwazi kusivezela ngokusobala ukuthi aboHlanga isizwe esinolwazi olujulile lwezinkanyezi nomkhathi. 

See Also

Inhloso yalesi siqephu ukwethula uchungechunge esizobanalo njalo ngeviki oluzobe luhlaziya ubumqoka bezinkanyezi nomkhathi kwaboHlanga.  Siyacela ukuthi uma kukhona lapho sigeja khona nisazise ngokusibhalela. Siyathokoza Makhosi.

Scroll To Top