Now Reading
Ufuna iqembu elizomnika ithuba uHunt
Dark Light

Ufuna iqembu elizomnika ithuba uHunt


Ngokubona kwakhe kusekude ukuthi izinga lebhola kuleli lifinyelele kwelamaqembu aseNgilandi ngoba izinto laphaya zihlelekile


Akawuvali umlomo ngezinga eliphezulu neqophelo alibone kompetha be-English Premier League (EPL), iManchester City owayecija iKaizer Chiefs, uGavin Hunt.

Lo mqeqeshi ophethe izicoco ezine zeligi azinqobe neSuperSport United neBidvest Wits utshele elaboHlanga ngolwazi aluncele kwelamaNgisi kade evakashele iCity.

Ngempelasonto edlule iCitizens iqede ukuqagela ikhala yemuka nesicoco seligi. Abesibanga nezimbangi zawo iLiverpool egcine iqede endaweni yesibili. “Angikaze ngiyibone into enjeya. Angimangali uma ngibona impumelelo yeMan City. Yonke into yenziwa ngendlela eseqophelweni eliphezulu. Kunezisebenzi ezingaphezu kwama-20 ezeseka umqeqeshi weqembu. Uma ngibheka indlela esenza ngayo izinto lapha ekhaya bese ngibuka indlela abenza ngayo phesheya sisekude ukuvala igebe. Wonke umuntu uyawuqonda umsebenzi wakhe,” kuchaza uHunt.

Lo mqeqeshi ugcine ukubonakala kuChippa United. “Enye into ngamaqembu aphesheya engifike ngayibona wukuthi umqeqeshi uyanikwa isikhathi. Uyanikwa nethuba lokusayinisa abadlali obafunayo. Asebenza nabo kuba ngabantu abaphakanyiswe nguyena. Lokhu kwenza ukusebenza kube lula. Akekho ohamba omunye ngemuva ngoba uma izinto zingahambi kahle kuhamba wonke umuntu. Lapha ekhaya kwesinye isikhathi usebenza nethimba olifice eqenjini. Angisho ukuthi lokhu kubi kodwa kuhle ukusebenza nabantu abaqondayo ukuthi ufunani,” kuqhuba yena.

Njengamanje uHunt ukhonjwa eqenjini lakhe elidala iSuperSport United. U-Andre Arendse ubambe izintambo kuze kuphele isizini. Amatsatsantsa A Pitori asanda kukhomba indlela uKaitano Tembo. Eminyakeni eyedlule uHunt wadla izicoco ezintathu zeligi amasizini elandelana neSuperSport.

“Ngifunde lukhulu ngohambo lwami lakuMan City. Phakathi kwezinye zezinto engizifundile wukuthi iqembu linohlelo olulodwa lokudlala kusukela emaqenjini enkulisa kuze kufike eqenjini elikhulu. Indaba yokunqoba imqoka nasemaqenjini amancane. Ukunqoba bakwenza usiko yize kusuke kwakhiwa. Thina sibuye sigxile ekwakheni sikhohlwe wukunqoba emaqenjini enkulisa. Lokhu kokubili kufanele kuhambisane ukuze abadlali bangathuki uma sebedlala kweyamanqamu esigabeni esikhulu. Kukangaki amaqembu ethu eshaywa kweyamanqamu eChampions League? Kungakaki amaqembu esizwe amancane ephuma ezigabeni zomkhumulajezi? Yizona zonke izinto okumele sisebenze kuzona ukuze sikhule ebholeni lomhlaba,” kulandisa uHunt.

See Also

KuMakhosi akazange ayiqede iminyaka emithathu ayisayina. Ukhonjwe indlela ngemuva kwezinyanga eziyisishiyagalolunye.

“Empilweni yami yebhola ngiyaqala ukuhlala izinyanga ezine ngingasebenzi. Ngizimisele ngokubuyela enkundleni. Okwamanje alikho iqembu engixoxa nalo. Uma kukhona ababeka izicelo ngizohlala phansi nemeneja yami sizibuke. Iqembu engizolijoyina ngifuna kube yiqembu elizonginika isikhathi. Inkinga ngamaqembu ethu wukuthi afuna impumelelo esheshayo. Impumelelo esheshayo ayihlali isikhathi eside. Kuba yinto yesikhashana. Kwenzeke into efanayo emaqenjini amabili angigcine ukusebenza kuwona. Angizange nginikwe isikhathi. Buka uJurgen Klopp kuLiverpool. Kumthathe amasizini amane ukuzuza impumelelo. Bambekezelele kwaze kwahlangana,” kucacisa uHunt.

NakuChilli Boys ukhonjwe indlela ngomzuluswano wokuqala wemidlalo yeligi. “Impilo yokuhlala ekhaya ayijwayeleki. Nginethemba lokuthi ngizothola iqembu esizokwazi ukubona izinto ngendlela efanayo. Yingakho nami ngingeke ngixhamazele. Ngizozinika isikhathi ukuze ngithathe umsebenzi ofanele. Kwazi bani mhlawumbe bengisidinga lesi sikhathi.” kuphetha uHunt.

Scroll To Top