Isakhamuzi sikhala ngamasonto ayisikhombisa kungekho sizo olubonakalayo eGeorgedale
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Sekuphele isikhathi izindawo eziningi esifundazweni iKwaZulu-Natal zakhahlamezwa izikhukhula, kodwa namanje izakhamuzi zaseGeorgedale eHammersdale entshonalanga yeTheku zisasele dengwane.
Eminye imizi yalimala kakhulu ngesikhathi kuqhuma ipayipi elikhulu lamanzi, amanzi enza umonakalo.
Izindlu ezili-10 kwezingama-20 ezithintekile zisacwile emanzini. Abantu bakule ndawo bathi manje sebesaba nokulala uma kuthiwa liyanetha.
U-Oupa Moloi oyisakhamuzi sakule ndawo uthe: “Kumanje indlu yami ingaphansi kwamanzi njengoba ubona uphahla nje. Indlu yami yonke enamagumbi ayisithupha ingaphansi kwamanzi, okubonakalayo wuphahla nje. Bazama ukuvula ipayipi ukuze amanzi ahambe kodwa ngemuva kwamasonto ayisithupha badonsa kanzima. Ngithandazela ukuthi uHulumeni asakhele izindlu ezifanele endaweni ephephile, usizo ngiludinga kakhulu, ngilahlekelwe yikho konke ngesikhathi sihlaselwa yizikhukhula. Ngike ngaba nezingulube esibayeni, azisekho zonke, siyaqala ngqa ukuthola inhlekelele enje kusukela ngowe-1987. Ngifisa sengathi ngingathola umuzi engizophinde ngihlale kuwo nomndeni wami. Sengikhathele ukuhlala ehholo” kusho uMoloi onamalunga omndeni ayisi-8.
Amanye amalunga akhathazekile ngenxa yamanzi, uNeliswa Bhulo noSilindile Qhashane bathi bafisa sengathi amanzi lawa amile angaphela.
“Abantu abanamakhaya, balahlekelwe yikho konke, abanye balahlekelwe yimisebenzi. Abantu sebehleli ehholo lomphakathi bengenakudla. Abanye abantu, abasahlali ezindlini zabo, abanayo enye indawo yokuhlala. Sicela uHulumeni athole izindlela zokukhipha la manzi alungise nomgwaqo” kusho lezi zintokazi.
Ikhansela lakule wadi uMnu uSibusiso Ngcongo uthi abasawatholi amaphasela okudla abantu abaxoshwa ehholo. UNgcongo uthi azikho izindlu zesikhashana esezakhelwe abahlaselwe yizikhukhula ewadini yakhe.
“Bekumele ngibenzele okuthile abantu, sakwenza lokho ngokuhamba kwesikhathi. Baqala basiza, ngisho uNgqongqoshe uMama uKhoza wayekhona wabe esesiza ngezingubo zokulala nokunye, nokudla, nokho lokho kudla akuzange kuhlale kuphelile manje. Kufanele senze izindlela zokuqinisekisa ukuthi siyabasiza abantu bakithi. Mayelana nezakhiwo zesikhashana, kulesi sigameko akukho neyodwa esiyakhiwe. Indaba manje ngeyomhlaba ukuthi bazobekwa kuphi ngoba asikwazi ukubabeka endaweni eyodwa lapho kunenkinga khona. UMasipala uyawuhlonza umhlaba ngoba nathi sinomhlaba okungokamasipala, siyazama ukukhomba lowo mhlaba okuzokwakhiwa kuwo lezo zakhiwo.” kusho uNgcongo.