Now Reading
Kuwumlingo ekulingiseni okwempilo kamakadebona uMagic Hlatshwayo
Dark Light

Kuwumlingo ekulingiseni okwempilo kamakadebona uMagic Hlatshwayo

Uma kukhulunywa ngegama lomlingisi uMagic Hlatshwayo okufika kuqala kubabukeli bethelevisini abadala imidlalo eminingi ayelingisa kuyo eyamlethela udumo. 

Owokuqala kwaba yiKwakhala Nyonini lapho ayedlala khona indawo kaMadlanduna owayeganwe amakhosikazi amathathu ayemphathisa ngekhanda. 

Wayehlala egijima ezama ukugcina amakhosikazi akhe ejabule ikakhulukazi uMaButhelezi owayeqhamuka eThekwini engayizwa indaba yokuhlala korawondi emakhaya. 

Omunye umdlalo kwaba Ifa lakwaMthethwa elingisa indawo ka”Bhekifa” owayeyindodana yesibili kasomabhizinisi odumile uMthethwa okwakuyindawo eyayilingiswa u-Alfred Nokwe.  Le midlalo yiyo eyamvulela amathuba ngoba emuva kokudlala kuyo, wayebizwa ubuthaphuthaphu emidlalweni yethelevishini. 

UHlatshwayo okumenza athakaselwe kakhulu ukuthi ukwazi ukukhuluma isiZulu nesiSotho okwenza angene khaxa emidlalweni enhlobonhlobo. 

See Also

Ngaphandlekwale midlalo usedlale kweminye eminingi njenge, Legae La Bana,  Dumani, Stum-Tum, Ikhaya Labantwana, Tlharantlhope, Gaabo – Motho, Class of `92, Ifa LakwaMthethwa 1&2, Kwakhala Nyonini 1&2, Ditlabonyane ke Ditla Boima, Nong Seakaladi, Umuntu Ngumuntu Ngabantu, The Burning Issue, Inkomo edla Yodwa, Kelebone, Dibe, Sakhi-Sizwe, Bophelo Ke Semphego. Uke waba ngomunye wabadidiyeli bomdlalo owuchungechunge okhonjiswa kuSABC2 iMuvhango. 

Ukulingisa emidlalweni ehlukahlukene kwagcina sekuholele ekuvulekeni kwelinye ikhasi empilweni njengoba wathola ugcobo waphenduka uMfundisi. Ushadile unezingane ezine.

Scroll To Top