Wenzani ngolwazi olutholayo?



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Bengikhuluma nabantu abasha ezinsukwini, sixoxa ngezinkinga ezikhungethe umuntu omusha kuleli kanye ne-Afrika yonke. Kungijabulisile ukubona ukuthi kukhona abantu abasha abasenethemba noma isimo sisibi kakhulu kuleli. Noma bekhona abanethemba futhi abazimisele empilweni, kusekhona iningi elidikibele futhi elingasiboni isidingo sokuqhubeka nokuzama empilweni. Ngihlulekile ukubasola kanye nokubagxeka, labo abaphelelwe yithemba, ngoba eqinisweni isimo siya ngokuba sibi kakhulu. Omunye wabantu abasha ezweni elingumakhelwene uchaze isimo abantu abasha ababhekene naso njengesingachazeki. Okubuhlungu kakhulu ukuthi bengikhuluma nabantu abayile esikoleni bafunda futhi banawo amakhono kodwa amathuba ayinqayizivele awekho.
Isimo sishubile futhi siya ngokwenyukela kakhulu kodwa ngifisa singaluthathi kancane ulwazi esinalo nesilutholile. Bengibheka intsha engaphansi kohlelo lwami, lapho ngeluleka khona intsha yakithi ngezemfundo kanye nempilo, ukuthi iningi labo banalo ulwazi futhi bayaluthola ulwazi imihla ngemihla kodwa abaningi babo akukho abakwenzayo ngalo. Izinkinga abahlangabezana nazo kanye nobulukhuni ababhekene nabo bucishe buthi abufane kodwa indlela ababhekana nazo ngayo ayifani.
Siphila esikhathini lapho khona ulwazi luthe chithi saka. Akusafani nakudala lapho ulwazi bekunzima ukuthi uluthole. Ziningi izindlela zokuthola ulwazi futhi eziningi zazo azibizi mali. Omahlalekhukhwini bethu bayindawo yokuqala lapho singathola ulwazi nokuxazulula izinkinga esibhekene nazo. Mingakhi imihlangano osuke wayihamba lapho ufike wanikwa ulwazi khona? Wenzeni ngolwazi owaluthola lapho? Zingakhi izincwadi ezingaxazulula izinkinga obhekene nazo? Umbuzo omkhulu uthi uhlale leni ungazifuni, ikakhulu lezi owazithola mahala. Esikhathini esiningi sicabanga ukuthi kwamele kwehle izingelozi esibhakabhakeni ukuzozixazululela izinkinga esibhekene nazo, sikhohlwe ukuthi sinazo izindlela zokuzikhipha ezinkingeni esikuzo.
Ngike ngazibuza ukuthi njengoba sihlezi sikhuluma nabantu, sifunda izinto ezinkundleni zokuxhumana, sifunda ezikoleni, sinabeluleki abaseluleka imihla ngemihla komabonakude, emisakazweni kanye nakumaphephandaba, kunini lapho siyothatha ulwazi esinikwa lona senze ushintsho ezimpilweni zethu.
Anginandaba ukuthi hlobo luni lolwazi olutholayo, kodwa nginesiqiniseko sokuthi lubalulekile. Kungenzeka ungakuboni ukubaluleka kwalo namuhla kodwa ngelinye ilanga uyoludinga futhi luyokusiza. Lokhu kusho ukuthi kusemqoka ukuthi lonke ulwazi olutholayo nonikwa lona uluphathise kweqanda.
Engimelene nakho ukuthi silokhu sakhala noma singekho isidingo. Ungangizwa kabi, angiphiki ukuthi abantu bakithi bakwenkulu incindezi futhi babhekene nokukhulu ukuhlupheka. Kodwa esengikunakile ukuthi ukuhlupheka okuningi esibhekene nakho kubangwa ukunganaki ulwazi esinikwa lona. Angikhathali ukuthi ungachaza kangakanani ngokuthi sihlupheka nje kungenxa yabamhlophe abafika basiphuca konke esasinako.
Umbuzo wami uthi, njengoba sesiyazi ukuthi kungani sihlupheka futhi obani abasihluphekisayo, kubangwelwa yini ukuthi sigoqe izandla singenzi lutho ngalokho. Kuyimanje kunabantu abasha abaningi abakhala ngokuhlukunyezwa ebudlelwaneni kodwa sekuningi okukhulunyiwe ngezinkomba zobudlelwano obungebuhle. Umbuzo uthi kungani wena usahleli kulobo budlelwano obukuhlukumezayo?
Siyathanda ukuthi sithi asiluboni ushintsho ezimpilweni zethu futhi simandla ekukhombeni abanye abantu ngoshintsho olungenzeki empilweni yethu kanye nalapho sihlala khona. Sonke siyalibala ukuzikhomba thina. Sikubona kulula ukukhomba omunye umuntu, simbeke icala ngezinto esinawo amandla okuzishintsha. Kunemiphakathi ekhala ngentuthuko kanye nokungafiki kwezindingo zomphakathi kodwa abasho lutho futhi abasebenzisi amadla kanye nolwazi abanalo ukuze kube noshintsho ezimpilweni zabo.
Ngisamile futhi ngiyasho namanje ukuthi uma singahlolisisa ulwazi esinalo, esinikwe lona kanye nesingazifunela lona, kuningi esingakuguqula empilweni yethu. Maningi amathuba esingawakha futhi kungaba kuncane ukukhala esikukhalayo manje. Ngicabangi ukuthi ngeke kusaba khona abantu abasahlulwa izinto ezifana nesikole ngoba luthe chithi saka ulwazi ngokuphumelela ezifundweni.
Ngicabanga ukuthi lingehla izinga labantu abasha abangabulawa izidakamizwa ngoba sitsheliwe futhi sisafundiswa namanje ngobungozi bezidakamizwa. Angicabangi ukuthi kungaba khona abantu abahlukunyezwa abantu abathi bayabathanda ngoba miningi imihlangano esifundisa ngobudlelwane obungenakujabula kanye nokuthi ungaphuma kanjani kubo. Izinkundla zokuxhumana zizodwa zingakufundisa okuningi. Ngifisa ukuthi uhlale phansi uzibuze ukuthi wenzani futhi wenzeni kanye nokuthi uzokwenzani ngolwazi olutholile.