Now Reading
Ukukhethwa kwemikhakha yezomsebenzi kulesi sikhathi
Dark Light

Ukukhethwa kwemikhakha yezomsebenzi kulesi sikhathi

Ukhuvethe alubulalanga abantu kuphela kodwa ludale usguquko ezintweni eziningi umhlaba wonke jikelele. Ukuvalwa kwamazwe kanye nizimboni eziningi akuthintanga ezomnotho kuphela kulele, kodwa kusho lukhulu kwemiye yemisebenzi noma iziqu ezifundelwa emanyuvesi. Kwenze abantu abaningi, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana, bazibuze kaningi ngokubaluleka kweziqu kanye nokufundelwa kwamakhono amaningi kuleli. Bengikhuluma nabafundi, kwesinye isikole ngokukhethwa kwemikhakha yezemfundo, abaveze ukukhathazeka kakhulu ngoba kabazi ukuthi yimiphi imikhakha ekumele bayikhethe. 

Angibasoli abafundi abaningi, wonke umuntu udidekile. Bebekhathazeke kufanele ngoba abantu abaningi bebehleli emakhaya, kanti futhi abaningi baphelelwa yimisebenzi babe befundile bagogoda. Ukuphelelwa yimisebenzi kanye nokwanda kwabantu abafundile kodwa abangawutholi umsebenzi kumele kukwenze uzibuze kaningi, impela, uma ufuna kukhetha umkhakha womsebenzi ngaphambi kokufaka isicelo sokufunda. Lesi sifo esibulele abantu kanye nezimboni eziningi sikuveze kwakhanya bha ukuthi kunamakhona nemikhakha yemisebenzi okungamele uzixake ngayo. Ngiyafisa ukuthi ngiwabale lapha kodwa ngeke ngikwazi ngoba uhlu lude kakhulu futhi into engifisa ukuthi uqale ngayo ukwazi ukuthi uyikhethe kanjani imikhakha njengomfundi. 

Ngaphambi kukuba ukhethe umkhakha womsebenzi, kubalulekile ukuthi ulandele lezi zigaba ezintathu ezilandelayo:

Isigaba sokuqala

Kubalulekile ukuthi uzazi wena kuqala ukuthi ungumuntu okanjani, ikakhulu kulo mkhakha ocabanga ukuwuthatha. Kudinga uzibuze imibuzo efaka phakathi ukuthi uthandani, yini ongayithandi, yini ofuna ukukwazi kabanzi ngayo, uyakwazi yini ukusebenzisana nabantu, yini oyenza kangcono, yini ekwehlulayo, ufuna ukuhola malini, ufuna ukusebenza endaweni ekanjani, ufuna ukuzisebenza noma ukusebenza omunye umuntu, uzimisele ukufunda isikhathi esingakanani, ufuna ukuthatha umhlala phansi nini, uyafuna yini ukuqala umndeni, ufuna ukusebenza amahora amangakhi? 

Ukuphendula le mibuzo engaphezulu ngeqiniso kwenza ucabange kaningi ngaphambi kokukhetha umkhakha womsebenzi futhi kwenza ukuthi uma usukhethile ungasoli muntu ngesinqumo sakho.

Isigaba sesibili

Uma usuzibuzile imibuzo ngawe ngokweqiniso waphinde wakhetha umkhakha othile, udinga ukuthi uzibuze imibuzo efaka phakathi lena elandelayo: ubani ongambuza kabanzi mayelana nalo mkhakha owukhethile, ikhona yini inkampani engakunika ithuba lokuzibonela ngawakho amehlo ukuthi izisebenzi zisebenza kanjani noma zenzani kulo mkhakha, bangakhi abaqashi abadinga izisebenzi kulowo mkhakha, uyindlala yini lowo mkhakha owukhethile?

Izimpendulo zale mibuzo zikunika isiqiniseko sokuthi awuduki futhi awuthathwa wudumo lwalo mkhakha kanye nengcindezi evela kubangani bakho abakhethe lo mkhakha. Uma uyiphendule ngokweqiniso usungandlulela esigabeni sesithathu semibuzo ukumele uzibuze yona. 

See Also

Isigaba sesithathu

Uma ufika kulesi sigaba sesithathu semibuzo, yilapho uzibuza khona imibuzo emayelana nezikhungo kanye nemininingwane efaka phakathi lena elandelayo: yiziphi iziqu ezikhona kulo mkhakha engiwuthathayo, zifundelwa kuphi, zikuyiphi imboni yezomsebenzi, zithini izidingo kungena ezikhungweni zemfundo ephakeme ezahlukahlukene, yiziphi izifundo ezidingakalayo okumele ube nazo uma uqeda umatikuletsheni, kanye nokuthi ufuna ukufunda uze ufike kuliphi izinga lezemfundo?

Kusemqoka ukuthi wazi ukuthi uhla lokufaka izicelo zokufunda kanye nezemifundaze zimi kanjani kulowo mkhakha owukhethile. Kubalulekile futhi ukuthi wazi ukuthi kuvalwa nini ukufakwa kwalezo zicelo ungaze uphuthelwe njengentsha eningi. Into ebalulekile kunakho konke ukuthi imiphumela yakho ibe mihle kumatikuletsheni ngoba baningi abantu ozobe uqhudelana nabo ekufakweni kwezicelo kulo mkhakha. 

Engivala ngalo ukuthi ungazenyezi futhi ungazithathi kancane ngoba ungaphumelela. Noma ngabe awuphumelelanga, akusho ukuthi sekuphelile ngempilo yakho. Namuhla ngiyingxenye yaboHlanga abenza iziqu zobudokotela emveni kokuphinda ibanga leshumi, ibanga leshumi nanye kanye nomatikuletsheni kabili. 

Scroll To Top