Sikhihla eseNdlovukazi uNandi isihlabani samzukwana seCosmos
Bese kuphele iminyaka eyisikhombisa iCosmos ihleli kuGladAfrica njengoba sekugcine igawulwa izembe kodwa uRabutla uthi bayofa lapho ifa khona noma kunjani.
Iyankenketha inhliziyo yengwazi yeJomo Cosmos u-Andrew Rabutla egawulwe yizembe kuGladAfrica Championship.
Kuphelile ngeZenkosi kuGladAfrica Championship ngemuva kokubambana neTS Sporting ngo 1-1 ngeledlule.
ICosmos ephethe umlando omude ebholeni laseMzansi igawulwe yizembe kusasale imidlalo emibili kuphothulwe isizini kuGladAfrica Championship.
URabutla owaziwa ngelikaJaws of Life utshele elaboHlanga ukuthi lilimele kakhulu ibhola laseNingizimu Afrika ngokwehlela kweCosmos ku-ABC Motsepe League.
“Kube wusuku olumnyama ebholeni lakuleli ukuhamba kweCosmos. Leli qembu engingalifanisa nesikhungo semfundo ephakeme esikhiqize inqwaba yezifundiswa ngokwebhola. Lapha ngikhuluma ngoPitso Mosimane, u-Arthur Zwane, u-Augustine Makalakalane, uHelman Mkhalela, uReneilwe Letsholonyane, uMorgan Gould, uSizwe Motaung, uPhil Masinga, uMark Fish, u-Aaron Mokoena noBenjani Mwaruwari. Lilahlekelwe ibhola laseMzansi kodwa ngiqine idolo ngoba uBra J usethembisile ukuthi uzobuya ngokushesha. Umlando weCosmos akumele uphele. Nathi saziwa iNingizimu Afrika yonke yingenxa yayo iCosmos,” kubeka uRabutla.
ICosmos isidliwe imidlalo eli-12, yadlala ngokulingana kweli-13 njengoba isanqobe emithathu kule sizini yezi-2022/23.
“Kubuhlungu ukuhamba kweCosmos. Ngeke sililahle ithemba ngeCosmos. Sizolokhu siyeseka. Asifuni kuphele kanjalo ngayo. Sifuna izingane zethu sithi uma sizixoxela ngempumelelo yethu kuCosmos kodwa kube wukuthi okungenani idlala esigabeni esiphezulu noma kuGladAfrica Championship,” kuchaza uRabutla.
Ngonyaka ozayo iCosmos izobe igubha iminyaka engama-40 yasungulwa. Ngowe-1987, eZenkosi zakhala zemuka nesicoco seligi kwathi ngowezi-2002, wezi-2003 nangowezi-2005 zahlabana ngeseCoca Cola Cup.
“Inkinga enkulu ebulale iCosmos yindlala yabaxhasi. Ngesikhathi sisadlala iqembu belinabaxhasi abafana noPeople’s Bank. Manje konke uBra J ubekwenza ngephakethe lakhe. Phezu kwalokho nemali yesibonelelo kuGladAfrica Championship incane kakhulu. Ugcina uphoqeleka ukuthi udayise abadlali bakho abamqoka. Sonke siyazi ukuthi abadlali bakaBra J bayinyama kuleli. Konke lokhu kube nesandla ekutheni iCosmos igawulwe yizembe,” kulandisa uRabutla.
Le ngwazi eyadlala kuBafana Bafana iyibamba kuCosmos ngesikhathi isavutha bhe idla izicoco ikhiqiza nabadlali abaphelela phesheya kwezilwandle nasemaqenjini abo esizwe.
“Kuningi osekuguqukile uma uqhathanisa izikhathi zakudala nezamanje. Izikhathi azisafani. Imali idlala enkulu indima empumelelweni yeqembu. Ukwenza nje umzekelo, buka iMamelodi Sundowns. Phesheya kwezilwandle amaqembu afana noManchester City, iChelsea noPSG avukile ngemuva kokuthengwa yiziqumama. INewcastle United nayo iphumile ezembeni ku-English Premier League ngemuva kokuthengwa ngusozimali. NoBra J uyakudinga ukwesekwa ngakwezezimali ukuze iCosmos izobuyela ezingeni layo eyaziwa ngalo,” kubeka uRabutla.
ICosmos igcine ukudlala esigabeni esikhulu ngowezi-2015/16. Kusukela lapho ayizange iphinde ibuyele esigabeni esikhulu.
“UBra J angeke asole muntu ngoba uyazazi izinkinga zeCosmos. Uma ungayifaki imali mancane amathuba okwenza kahle. Okumqoka manje wukusiza iqembu ekutheni libuyele kuGladAfrica Championship. Ngemuva kwalokho sekungalungiswa indaba yabaxhasi. Okwamanje wukulungiselela i-ABC Motsepe League. UBra J unalo iso lokuthungatha ikhono. Leso yosiphiwo sakhe asinikwa yiNkosi. Akekho oyosithatha kuyena. Uzokwazi ukuhlanganisa iqembu elizobuyisa iCosmos.” kusho uRabutla.
Eminyakeni eyedlule amaqembu afana no-African Wanderers, iManning Rangers, iSantos noHellenic akaphindanga abuya kulandela ukugawulwa yizembe kuGladAfrica Championship.
ICosmos izolwela ukusheshe ibuye. Ngesizini ezayo izodlala kuMotsepe League waseGoli. Uma iqeda esicongweni izobe isidlulela esigabeni sikazwelonke.
“Ibhola lakuleli liyayidinga iCosmos. Uma kungaphela ngeCosmos ubani ozokhiqiza abadlali abanohlonze? ICosmos akuyifanele ukuba lapha ikhona njengamanje kodwa angingabazi ukuthi izobuyela lapho kumele ibe khona.” kuphetha uRabutla.
ICosmos ihlale iminyaka eyisikhombisa kuGladAfrica Championship njengoba isigawulwa yizembe.