Now Reading
Injolozela: Enye ingcindezi kuCele nesiphoyisa
Dark Light

Injolozela: Enye ingcindezi kuCele nesiphoyisa


Ukubulawa kukaNks uGardee kwethwesa amaphoyisa omunye umthwalo


Ngezikhathi zobandlululo olunye uhlaka lukaHulumeni olwabe lunyamanambana ikakhulukazi kwaboHlanga kwabe kungumbutho wamaphoyisa iSouth African Police (SAP). 

Kubacindezelwa lo mbutho wabe uwubuso bonya lombuso wobandlululo njengoba kwabe kuyiwo ongagcini nje ngokuphakwa ezindaweni zakobantu kepha wawuphinde ube ngomashayabhuqe. Eminyakeni engama-28 lo mbutho wavalwa kwakhiwa omusha obizwa ngeSouth African Police Service (SAPS).  

Namuhla lo mbutho omusha ubhekene negcindezi yokwethenjwa ngabantu baseNingizimu Afrika. Lokhu kusuka kulokho okubikeka njengokwehluleka kwawo ukuphatha amacala athile. Ngesonto eledlule kuqale elinye lamacala amise kabi lo mbutho nelithinta lowo owayengunozinti weqembu lesizwe umufi uSenzo Meyiwa. Lo mdlali wadutshulwa wabulawa ngonyaka wezi-2014 esigamekweni esahlonzwa njengobugebengu.   

Kusuka ngaleso sikhathi abeSAPS ngaphansi kobuholi obehlukene sebenze amaphutha amaningi nokwenza icala leli kuthathe iminyaka eyisi-8 lingakaphothulwa. Sekukhona nezinsolo kwabanye ukuthi nalaba ababoshiwe akusibo kepha baboshwe nje ngoba amaphoyisa abesefuna ukususa amehlo ekuhlulekeni kwawo.

UNks uHillary Gardee. 
Isithombe: Facebook

Kuleli sonto kungene elinye icala nelibukeka lizongagcini nje ngokufaka injolozela kulo mbutho nobuholi bawo. Leli yicala elithinta uNks uHillary Gardee nobulawe ngesihluku  emuva kokunyamalala. Le ntokazi enyamalale ngeledlule itholwe isithule endaweni elihlathi ngaseMbombela eMpumalanga.  

Ngokwemibiko isidumbu sale ntokazi besitshengisa ukuthi idutshulwe esiphundu.  Leli akulona icala nje elejwayelekile kepha lithinta obengumholi kuzwelonke ePhalamdende naseqenjini eliphikisayo i-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu uGodrich Gardee.  

Okube sobala ukuthi leli akulona icala nje kubonakale ngokuthi emuva nje kwesikhashana kutholakele isidumbu sale ntokazi kutheleke osigaxamabhande bamaphoyisa  beholwa nguNgqongqoshe uCele. 

Ekhuluma endaweni yesigameko uCele uthe  abenzi bobubi bazotholwa nakanjani nokuthi ukholwa wukuthi lokhu kuzokwenzeka emahoreni angama-72.  

See Also

Kuthe kungakapheli mahora mangaka uCele esho lokho umholi we-EFF uMalema eyohlanganisa amehlo nomndeni  waphimisa amagama athuse abaningi. “Senze isifungo emndenini ukuthi sizobathola ababulali. Khona lapho senze okufanayo kuBheki Cele, saphimisa amagama athi kuyoba kuhle ukuba izigilamkhuba lezi zitholwe ngamaphoyisa kuqala singakazibambeli thina ngoba uma sibathole kuqala asikho isiqiniseko ukuthi kuyophetha kanjani.”

Abaningi baphimise la magama njengokuthi abe-EFF bangahle uma bebathole kuqala, babenze isilo sengubo. Lokhu kusho ukuthi uMalema kungekudala bakhona abangahle bamsole ngokuphehla uzwathi nokujuba abantu (amalungu) ukuthi  enze okuthile okungekho emthethweni. 

Uma kugcina ngokuthi ababulali laba bathinteke kuyosho ukubukelwa phansi kwamaphoyisa akuleli njengoba okokuqala kuyosho ukuthi izigilamkhuba zibanjwe ngumphakathi amaphoyisa engenze lutho nokuthi kunabantu (uma izigebengu lezi zilimele noma zibulewe) abathathele umthetho ezandleni zabo.  

Umbuzo oyolandela ngothi uma sebelimele noma bebulewe abasolwa amaphoyisa ayombopha yini uMalema ngecala lokugqugquzela abantu ukuthi benze okuthile okungekho emthethweni.

Scroll To Top