Now Reading
Unesiphiwo sokwazi izilimi eziningi zesintu uSonia
Dark Light

Unesiphiwo sokwazi izilimi eziningi zesintu uSonia

Akagcini ngokuba isimomondiya esinogazi kubalandeli bakhe kuthelevishini, kodwa okunye ahluke ngakho uSonia Mbele ukuthi ukwazi ukukhuluma izilimi ezihlukene ezinhlanu zakuleli okuyisiZulu, isiXhosa, isiSotho, isiNtswana, nesiNdebele ngaphandle kwezinkinga. 

Lo mlingisi uzakhele udumo emdlalweni wethelevishini owuchungechunge, iGenerations elingisa indawo kaNtombi Khumalo owayeshade noSibusiso. Indlela afike wangena ngayo khaxa kule ndawo kwenza ukuthi kuze kube yinamuhla abalandeli bakhe basambiza ngoNtombi okuyinto angayifuni nalapho ihambe khona.Wazalwa zili-11 kuMasingana wezi-1976 eNatalspruit. Waqala ukulingisa esefunda esikoleni samabanga aphezulu lapho wazibandakanya nemidlalo yeshashalazi eyayenziwa esikoleni. 

Njengabobonke abafundi, ngaleso sikhathi wayengaboni  ukuthi ukulingisa kuzoshintsha impilo yakhe kumlethele nodumo. Emuva kwalokho akabange esabheka emuva ngoba wanikwa indawo emdlalweni oyidrama iPhamokate owawukhonjiswa kuSABC 2.  

Emuva kancane kwalokho inkampani yoncamnce iBeacon yaqoka yena ukuba abe ngubuso nomkhangisi wemikhiqizo yayo. Waba ngomunye wabalingisi abaphambili emdlalweni iMuvhango ngesikhathi usashisa izikhotha, wabuye wabonakala nakuSoul City. Kungashona ilanga uma kungabalwa imidlalo asedlale kuyo yethelevishini okukhona kuyo iGold Diggers, Greed & Desire, Imposter Season 2, The Alliance Season 1. Yizo Yizo, Zero Tolerance. Ukufunwa kwakhe ngapha nangapha ngabakhiqizi bemidlalo yingenxa yesiphiwo sakhe nokuzikhandla ekutheni akwazi ukuxhumana nabantu ngezilimi ezihlukene zesintu zakuleli. 

Ukusebenza kwakhe kanzima kumlethele izithelo ngoba usewole inqwaba yemiklomelo okukhona kuwo awuzuza kuqala i1998/1999 FNB Vita Award for Most Promising New Actress okuyiwo owamvulela eminingi eyalandela. Iqhaza lakhe kuthelevishini liphinde lagqama ngesikhathi ekhiqiza iPastors Wives, neReal Housewives of Johannesburg. 

See Also

“Kuthatha okukhulu ukuzimisela ukuvuka njalo ekuseni, wenze into oyizwa ngaphakathi futhi onentshisekelo yayo”. Eqhuba uthi” “Njengomuntu wesifazane uma ubhekana nanoma yisiphi isimo, zinikele ngakho konke. Sengiqinile ohambeni lwami futhi nginokuzethemba. Ngiyisosha elikholelwa kimina uqobo”. Kubalandeli bakhe uthi noma engeke esaba mningi kuthelevishini kodwa uzolokhu eqhubekile nokufaka isandla ekukhiqizeni imidlalo yethelevishini ehlabahlosile. 

Ohambeni lwakhe lokulingisa usefukule wavundulula amakhono amaningi entsheni.

Scroll To Top