Now Reading
Indondo kaSjava yeBET iyisifundo esimqoka entsheni
Dark Light

Indondo kaSjava yeBET iyisifundo esimqoka entsheni

NGESIKHATHI amukela indondo, iBET (kumele iBlack Entrtainment Television), uJabulani Hadebe owaziwa ngoSjava ubeke lawa mazwi, “Ngibonga kakhulu, lena akuyona impumelelo yami kodwa ngeyayo yonke iNingizimu Afrika ne-Afrika yonke ngobubanzi. Silwile.” Lawa mazwi uSjava ubewasho esemajukujukwini e-USA eLos Angeles lapho kade amukela khona umklomelo  obizwa nge-BET Award for Viewer’s Choice Best International Act. Ekhuluma ngale ndlela uSjava ubephendula umyalezo wokumhalalisela ngempumelelo yakhe abewuthunyelelwe wumculi weHip Hop waseNingizimu Afrika uCasper Nyovest.

Le mpumelelo kaSjava ingeyaboHlanga  ngoba umculo wakhe ungolimi lwakhe futhi naphesheya bawamukele unjalo kwangadingeka aziguqule abe ngomunye umuntu ukuze amukeleke abe yibrand okwenza iciko liphume lithi gelekeqe lizimele futhi kube lula ukwehluka kulabo elincintisana nabo. Impumelelo yakhe ilandela ezithendeni eyeLadysmith Black Mambazo nayo esanda kuzuza iGrammy Award yesihlanu icula ngolimi lwayo nangamasiko ayo.

Endimeni yomculo kulula ukungena kodwa uma usungaphakathi okulukhuni kuba ukuzigcina wamukelekile futhi unomgqigqo nomfutho ofanayo nalowo owawungene ngawo. Endimeni yomculo eNingizimu Afrika, ingasaphathwa eyasemhlabeni jikelele kuba sekutheni wamukelekile noma awemukelekile. Yingakho kubalulekile ukuhlonipha abalandeli bomculo, ukuba nguwe luqobo, umculo wakho uthuthuke usuku nosuku nokwenzayo kube ngokucolisekile.

Yilokhu okunqobise uSjava ongumculi ozibhalelayo izingoma. Ezalelwe eBergville, kwaZulu-Natal unikeze umhlaba lokho okunguye uqobo. Izingoma zakhe ziculwa ngolimi lwakhe lwendabuko futhi umyalezo eziwulethayo yilowo okhuluma ngezigameko zansukuzonke. Nangesikhathi eseyokwamukela indondo uSjava ubevunule isintu futhi wangalushiya ngaphandle ulimi lwakhe lapho esezibongela.

Lokhu kubaluleke kakhulu entsheni yaboHlanga ukuthi  ekuzuzeni udumo noma olwaluhlobo luni kumele izazi ukuthi ingobani phakathi kwezinye izizwe. Imvunulo kaSjava ithumela umyalezo wokunqoba ngisho ngokwemfashini imbala. Kulabo abakhonze imvunulo yesintu babonile ukuthi nakhona ezindaweni ezithathwa njengeziphucuzeke kakhulu ezinjengo-USA imvunulo yaboHlanga inendawo nendima enkulu yokuchaza ukuthi aboHlanga bangobani. Isidingo sokuzenyeza ngemvelaphi asikho nakancane. Ngamafuphi nje uSjava ulimele ngokuphelele elaseNingizimu Afrika phesheya kwezilwandle. Entsheni yasemakhaya neyasemadolobheni uyilokhu okuthiwa yiBrand bonke abangafisa ukuzimatanisa nayo.

Uma sibuyela emculweni kaSjava i-albhamu yakhe esihloko sithi, “Isinamuva” eyazuza igolide ngokwezinombolo ikhomba khona ukuthi asikho isikhathi “esiyiso” esibekelwe impumelelo. Usekugcizelele kaningi uSjava ukuthi intsha ayingazibekeli imigoqo yeminyaka yokukhula komuntu ngempumelelo empilweni. Naye waqala ekulingiseni iminyaka eyisi-9 kwathi angabona ukuthi akabizelwe kukho waphendukela emculweni akabe esabheka emuva. Lokhu kuyisibonelo entsheni ezigqilaza kakhulu ngokufuna impumelelo “khona manje.” Inkinga iba sekuthini uma impumelelo ingatholakali “khona manje” kube sekwenzekani?

See Also

Impumelelo kaSjava ibeka isimo sempilo sinjengoba sinjalo. Ikhombise ukuthi umuntu kumele aqale lapho kufanele khona, angaziniki ingcindezi ngokushiwo ngabanye abantu. Nakuye uSjava bakhona labo ababengamcabangi efika kwelenyoni lapho esekhona manje. Ngalelo nalelo gxathu lempilo kukhona ababemgxeka ngoba bengaluqondi uhambo lwakhe lwempilo ukuthi lubhekephi. Wabekezela, manje impumelelo yakhe isingumlando.

Kulo munxa wezindondo uSjava ubeqokwe neDestruction Boyz noCasper Nyovest. Ngowezi-2016 uDJ uBlack Coffee naye wabonisa intsha ukuthi ukuphila nokukhubazeka kungewavimbe amaphupho omuntu ngesikhathi ewina iBET Award for International Act. Lokhu kungubufakazi bokuthi umculo wakuleli uyadlondlobala futhi umhlaba uwamukela unjalo. Entsheni umculo ufana nomzabalazo izwe eliphuma kuwo. Kufanele intsha izitholele yona indlela ebheke phambili ngesikhathi izabalazela ukuthi umyalezo wayo ewudlulisa ngomculo wamukeleke unjengoba unjalo. Umculo uyiyona ndlela yokuzwakalisa imizwa ngokwenzeka ezweni.

Ngendondo yeBET uSjava udlulisa umyalezo wokuthi intsha ingayeki ukuzethemba nokukholelwa kwekwenzayo. Indondo iyisiqinisekiso sokuthi amaphupho ayo intsha ayiholela emaqinisweni empilo, ukuthi izwe lithini akunandaba. Kumele yona ibheke phambili, nakanjani impumelelo izoba khona. Asikho isifundo esimqoka entsheni esedlula lesi.

Scroll To Top