Ukubingelela nokuvalelisa kuthinta abaphilayo nababephila


Sonke sazi ukuthi ukubingelela, ukubingelelana nokuvalelisa kusho inhlonipho ebantwini noma esintwini emhlabeni jikelele. Abanye bathi uphawu lokukhombisa inhlonipho, ubuntu, isikompilo, ukungazikhukhumezi, ukwazisa abanye. Kunabangakuqondayo kepha bakhethe ukwenza ngabomu, bazibe ukukwenza.
Singakhohlwa ukuthi izilwane, izinyoni ziyabingelelana, ziyavalelisana nemvelo iyabingelelana ngokolimi lwayo.
Yizenzo ezinhle lezi esazifundiswa, ezifundiswa noma esizifundiswa sisebancane, sisakhula, sesibadala ngabazali, ikakhulukazi omama, ogogo ezindlini.
Ngacathulisa izingane nabazukulu ukuthi ukubingelela, ukubingelelana nokuvalelisa ukuthi kuwukubongelana ukuthi uSomandla, uMdali usenze savuka siphila noma uvuke ephila njengoba sibonana siphila. Ngoba kukhona abangavukanga baphila ukuba babingelele, babingelelane noma bavalelisane.
Kuyihlazo uma sekugqama ukuthi omama, ogogo okuyibona abayekelelayo ukutshala into enhle kangaka ezinganeni zisencane. Phela yinto abayokhunjulwa, okuyokhunjuzwa noma okuyotshelwa abanye ukuthi babefundiswe ngomama, ngogogo okuhle.
Wena kanye nami singamahlathi, yikuphi ongafunga ugomele, ukuthi nakhu okuhle engikwenzayo ezinganeni nakubazukulu njengamanje.
Ukubingelela, ukubingelelana nokuvalelisa kuyinto enzima futhi engiyizamayo noma esiyizamayo ukuba siyenze, ngokukaSomandla. Kukuvulela iminyango, kube sengathi wenza ngomuthi. Kanti uMdali, yithongo,ngabadala nabaphansi.
Asigweme ukuba sifune ukubingelelwa nokuvaleliswa kuqala, sibe sazi ukuthi kufanele kube yimina kuqala (Sikhumbuzo Ndlovu) ukukwenza. Ngizenza into enkulu enamagalelo namaqhaza amahle neyaziwayo ezweni.
Okanye akube nguwena okugwemayo lokhu. Musa ukuziba nokukulufa amehlo,ngisho wena.
Kungenzeka abakuzwanga. Ungakhathazeki ukuthi bayaziba,cha akunjalo. Ukuzwile uMdali, ithongo, abadala nabaphansi.
Abanye bethu babuswa umqondo wokuzibona bengcono noma beyizinto ezinkulu neziphakeme kunabanye emhlabeni, emphakathini, ezweni nakwezinye izindawo.
Yizenzo ezinhle nezikhombisa ukuba nomoya omuhle nomsulwa, othandwa nguMdali, yithongo, ngabadala nabaphansi, abanawe ngokolibofizo lwakini noma lwakithi.
Ukubingelela, ukubingelelana nokuvalelisa kuyimigudu emibili, kuyizindlela noma izinhlangothi ezimbili phakathi kwabantu emhlabeni.Ngamanye amazwi abadala ababingelele abancane noma bavalelise kwabancane bese kuthi abancane babingelele futhi bavalelise kwabadala.
Ukubingelela asikuqale noma kuqalwe endlini, exhibeni noma ekhishini, ngaphambi kokuba siphumele emphakathini, ezweni, nakwezinye izindawo ezehlukene emhlabeni jikelele.
Abazali babesibuza ukuthi, njengoba sasingabingeleli noma singabingelelanga, ngabe sasesinezinhliziyo nezenzo ezimbi yini. Ngabe sasizibona singcono kunabanye emhlabeni. .
Angizukugxila kakhulu ekutheni, yisiphi isizwe esaziwayo ukuthi siyakuqonda noma yiluphi uhlanga olwaziwayo ukuthi luyakuqonda, yiziphi izinhlanga noma izizwe ezaziwayo ukuthi ziyakuqonda ukubingelela nokubingelelana ukwedlula esinye, ukwedlula olunye,ukwedlula ezinye emhlabeni.
Bayakushalazela ngisho kucaca ukuthi yibona,nguyena noma yimina engisesimweni sokukwenza kwabanye engibaficileyo ngokungakhethi iphela emasini.
Uxakeke ngoba lowo muntu noma labo bantu, njengoba beziphatha kanjena, abasungulile ngisho amathuba emisebenzi, kwasizakala imiphefumulo ngenxa yabo. Abanasandla esihle kwabanye nasemphakathini ngisho okuncane abangakukhomba njengobufakazi nesiqiniseko sabakushoyo.
Abangosomabhizinisi bagqame ngokubingelela, ngokubingelelana nokuvalelisana. Abafani nami nawe esingenamabhizinisi, esingebadayisi abazimele noma abaqashe abanye.
Kuyadumaza uma ngizofica abantu noma umuntu,ngizoba seduze noma ngizohlala eduze nomuntu ngingabingeleli sengathi ngibona izimbuzi. Bese ngikhipha iselulafoni yami nginake yona sengathi ingumuntu onegazi.
Uzozithulela lowomuntu angabi nandaba. Uzobe usuqala ukukhumbula ukuthi awuhlezi, angihlezi noma angikho eduzane nembuzi,ngenkathi sewumkhulumisa ngoba kunesigameko nendaba ofuna nixoxe ngakho.
Uzomane azithulele, angakuphenduli ngoba phela wena utshengisile noma mina ngitshengisile ukuthi yimbuzi lena engakhulumi njengabantu. Kube buhlungu futhi wenyele ngoba uzofundela kwezakho ukuthi wamthathisa okwembuzi.
Ukuvalelisa nokuvalelisana, kuwukuthandaza nokutshela uMdali, ithongo, abadala nabaphansi ukuthi usuphuma indlela, usuyahamba. Ukucela ukuhlengwa nokusingathwa ezindleleni ozozihamba kube nezinhlanhla nokukhanya. Kanti uMdali, ithongo,abadala nabaphansi bazi kuqala lapho usuke uzodlula khona. Yize ungazange ubabikele ezinye izindlela.
Uzozwa abanye bathi wasinda emlonyeni wengwenya. Kanti kwagijima phambili bona, bayoba yihawu nomkhonto bavimba. Kungenzeka usinde ngoba wawusebenzise imithi yokukuvikela, wathandazelwa ukuvikelwa.
Kungenzeka ukuthi ungasindi, ngoba kwase sekufike isikhathi sakho noma sami sokugcina emhlabeni. Okanye wase usukwenzile konke owakunikwe nguMdali,yithongo, ngabadala nabaphansi ukuba ukwenze.
Kuyaba yizandla zabantu abaphilayo abasuke benze okubi. Abakwesabayo ukufa uma sekungabo noma ukuba kwenzeke kubo. Bangamagwala azenza iziqhwaga.