Now Reading
URamaphosa usempini yesithunzi nomlando kulokhu
Dark Light

URamaphosa usempini yesithunzi nomlando kulokhu

Ngesikhathi engena kwesobuMengameli kuhulumeni, uMnu uCyril Ramaphosa wavezwa njengoneqhinga lokwakha amathuba omsebenzi, ukuvuselela izinkampani zikahulumeni esezifadalala, ukuheha abatshali zimali nokuzinza komnotho, ukulwa nenkohlakalo kuhulumeni kanye nokuletha ukuhleleka.

Ngowezi-2019 uMengameli wazisholo ngokwakhe ukuthi kuzomthatha isikhathi ukukwenza ngempumelelo konke lokhu ngoba usazama ukulungisa umonakalo owashiywa nguMengameli uJacob Zuma, akakubizwa ngeminyaka eyisishagalolunye ‘eyamoshwa’. Njengeqhinga lokwakha amathuba emisebenzi, ukuheha abatshali zimali kanye nokuletha uzinzo kumnotho wakuleli uMengameli uvame ukubiza izinkomfa zokubonisana nokuzibophezela kanti uphinde amamemezele nezinhlangano ezizosebenzisana nohulumeni ukufezekisa leliqhinga.

Ekulweni nenkohlakalo, nyakenye emuva kokuqubuka kwemibiko ethi kuningi ukusetshenziswa nokutholwa kwemali yotakulo-mnotho evela ku-International Monetary Fund (IMF), IWorld Bank nakuNew Development Bank (okuyibhange lenhlangano eyakhiwe iBrazil, iRussia, i-India, iChina neSouth Africa) ngendlela engekho engafanele nengekho emthethweni wamemezela ukululwa kwesabelo mali nomsebenzi we-Special Investigative Unit (SIU) ukuze ibhekane ngqo nalezizinsolo.

Loluhlaka selukhiphe imibiko eyevile ekhulwini kanti lubonakala lusebenza ngesikhulu isivinini. Kuyanakeka nokuthi ngaphansi kobuholi bakhe i-ANC ikhombe ukuqinisekisile ukubuyiselwa eceleni kwabo bonke labo abasolwa ngenkohlakalo asebevelile nasenkantolo. Njengendlela yokuletha ukuhleleka kuhulumeni uMengameli uRamaphosa wanciphisa ikhabhinethi neminyango waphinde waxosha labo ngqongqoshe ababukwa njengabakhohlakele.
Kumanje uNgqongqoshe uZweli Mkhize usamisiwe ngezinsolo zokufukamela inkohlakalo emnyangweni wakhe, kanti ngokunjalo nobeyisikhulumi ehhovisini lakhe uNkk uKhusela Diko usamisiwe ngezinsolo ezifanayo nezikaMkhize.

Njengeqhinga lokuvuselela izinkampani zikahulumeni, uMengameli wamemezela ucwaningo olukhethekile ngenkohlakalo eyayisolwa kulezizinkampani. Kumanje ziningi izinkontileka esezinqanyuliwe ezinye zibuyekezwa izinkantolo okusolakala ukuthi zazitholakala ngendlela enenkohlakalo. Njengeqhinga lokulwa nobubha, kuthe kugasela ukhuvethe kuleli uhulumeni wayozikhalela kubabolekisi bezimali okuthe uma eyithola wabe esengeza imali yezibonelelo yezingane, abangasebenzi, abakhubazekile kanye nasebekhulile.

Nakuba kukhona konke lokhu kodwa umlando wakhe kanye nesithunzi sakhe uMengameli baningi abasakungabaza. Izimbangela zalokhu ziningi kodwa zikhona ezigqama kakhulu. Ekulweni nenkohlakalo, ngesonto eledlule iNkantolo ePhakeme yaseGoli imvunile uMengameli ekuphikiseni kwakhe isicelo sokunekela izwe imininingwane yokuthi ngobani abanikela abanye bahlomula kwisikhwama sokukhankasela esobuMengameli ku-ANC kubhekwe kwinkomfa yokukhetha ubuholi obusha ngowezi-2017.

Kunezinsolo zokuthi kukhona ukuhlobana phakathi kwalesisikhwama nokutholwa kwezinkontileka zikahulumeni, ezomthetho kanye nezinguquko ezihlongozwayo kwizinkampani zikahulumeni. Nakuba ichithiwe i-Economic Freedom Fighters (EFF) kwisicelo sayo sokulunguza kumabhuku alesisikhwama kodwa ithe loludaba izoludlulisela eNkantolo Yomthethosisekelo. Ngalo futhi isonto eledlule, ihhovisi loMvikeli Womphakathi liveze ukuthi lizocela iNkantolo Yomthetho sisekelo ukuthi ibuyekeze isicelo sayo sokulilahla ezincomweni zalo ezithi awanekelwe izwe amabhuku alesisikhwama ukuthi kuvikelwe inqubo yentando yeningi.

Kubonakala eyamabhuku alesisikhwama izolokhu imlandele njalo uMengameli njengoba kunemibuzo ethi uma kumsulwa konke okwakwenziwa kuso kungani ezimisele kangaka ukuvikela imininingwane yaso. Okwalesisikhwama kuyichashaza elibi emlandweni wakhe uMengameli kanti kuphinde kungabazise nesithunzi sakhe njengoba kukhona abamsola ngokulawulwa yilabo abaphonsa kulesisikhwama.

Ekuletheni ukuhleleka kuhulumeni, ngesikhathi kuqubuka izibhelu kuleli kulandela ukuboshwa kukaMnu uZuma kwabonakala ukuphikisana esidlangalaleni phakathi kukaMengameli noNgqongqoshe bakhe ekutheni yini imbangela yalezizibhelu.

See Also

Abanye ongqongqoshe babekholelwa ukuthi lokhu kwakungukungukuganga nje okwasetshenziswa kumfanti wentukuthelo yokuboshwa kukaMnu uZuma. Yena uMengameli nabanye ongqongqoshe bakholelwa ukuthi kwakuyitulo elihlelekile lokuketula ubuholi bakhe uMengameli.

Lokhu kuphambana ngemibono kukhombe okukhulu ukungahleleki kwafikisa nemibuzo yokuthi kanti kuxoxwani kwimihlangano yekhabhinethi uma kungaphunywa kungekho umbono owodwa kumalungu alo. Nakuba lokhu bekufikisa imibuzo yobuholi kuMengameli kodwa kubonakala esekwazile ukukunqanda njengoba nabemibono emiphikisayo sebeyihoxisile.

Kwelokulwa nobubha, ukhuvethe lubonakala lulihlehlisele emuva lelilizwe njengoba sekwandile ukuntuleka kwamathuba emisebenzi kanti sebande kakhulu asebelindele ukukhangezwa nguhulumeni. Nakuba lesisimo singabonakala kungaphezu kukahulumeni kodwa kuyanakeka ukuthi uhulumeni akenzi kahle ekusabalaliseni imigomo kanti kunokuchema okungaqondakali nenkampani iJohnson & Johnson eyaqala yaletha imigomo ekhuntile kuleli kanti manje sekuphinde kwatholakala ukuthi ayinamandla okukuvikela ekubulaweni ukhuvethe.

UMengameli uvele ungumuntu owehlukanisa imibono kwabaningi. Bakhona abamuncomayo kanti bakhona abamugxekayo. Kukhona konke lokhu okunakekayo ukuthi kuningi okubeka isithunzi nomulando wakhe engcupheni okunye okubangelwa izethembiso zakhe kanti okunye okubangelwa ithemba abaningi abanalo ngaye.

Scroll To Top