Isitobha esibuya ekulimaleni sithembisa izimanga
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isitobha esiphinde sibe ngukaputeni kwiLamontville Golden Arrows uThabani Zuke, uthi kumjabulise kakhulu ukuthi usengakwazi ukuphinde adlale. UZuke wangena kunyaka wezi-2023 neminjunju kwazise walimala mhla zingama-31 kuZibandlela nyakenye edolweni kanzima ngesikhathi i-Arrows ibhekene neKaizer Chiefs koweDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium. Ukulimala kwakhe kanzima uZuke odokotela bamuyalela ukuthi uzohlala izinyanga eziyisishiyagalombili nangaphezulu engabonakali enkundleni.
“Zingijabulise kakhulu izindaba zokuthi sengingakwazi ukubuye ngidlale, emva kwesikhathi eside ngihlezi. Indlela yami yokululama ibe nzima kwazise, bengiqala ukulimala ngalendlela. Kodwa kudingakale ukuthi ngiqine usuku nosuku. Ngibonga kakhulu umphathi weqembu umama uMato Madlala, iLamontville Golden Arrows, umndeni wami, abangani nomuntu engihlekisana naye ngokuthi bengiseke kulesi sikhathi esinzima engingasifiseli muntu” kusho uZuke ekhuluma nelaboHlanga engxoxweni ekhethekile.
Ulimale ngesizini edlule izinto zakhe lapho zase ziqala khona ukukhanya njengoba wadonsa amehlo omqeqeshi weqembu lesizwe uHugo Broos ukuba ambizele kwelesizwe. Akugcinanga lapho njengoba ngoMasingana kwakukhona amaqembu “amakhulu” abe efuna ukumsayina kwazise inkontileka yakhe yabe iphela naleli qembu laseLamontville.
“Khona ukulimala kwami kwaba into ebuhlungu, kwazise igama lami lase liqala livela eqenjini lesizwe ngadlala kabili sibhekene ne-Ethiopia. Okwamaqembu amakhulu angikwazi” kubeka uZuke.
“Engingakusho ukuthi abantu bazobona uZuke osalambele izicoco ,osafuna ukulwela iqembu aphinde alwele nesikhala eqenjini lesizwe iBafana Bafana. Ngikwazi ukuthi nami ngibalwe nabadlali abazomela iNingizimu Afrika kowe-African Cup of Nations (Afcon)” kusho uZuke.
I-Arrows muva nje yenza kahle kakhulu njengoba emidlalweni emihlanu ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini lamazwe, inqobe emine yadlala ngokulingana kowodwa. .Kusasa izotholana phezulu neCape Town City koweCarling Black Label Knockout, eMpumalanga Stadium.