Now Reading
Imvelo isasidinelwe, kepha isengumngani
Dark Light

Imvelo isasidinelwe, kepha isengumngani


Ukuguquka kwesimokade sezulu kuletha izimo ezihlukumeza isintu, izimila nezakhiwo


Ngesonto eledlule izikole bezivaliwe kungamaholidi ahambisana nesikhumbuzo sePhasika. Ngalesi sikhathi kuvame ukuthi kube mnandi njengoba izingane nothisha bethola ithuba lokuphumula kanjalo nelokuhambela izihlobo. 

Abanabazali abasebenza kude lesi kusuke kuyisikhathi lapho abazali besekhaya khona kumnandi. Nokho kule minyaka emibili eyedlule impelasonto yePhasika bekungeyona eyejwayelekile. 

Kuqale ngowezi-2020 lapho impelasonto yePhasika iqondana nokusabalala kokhuvethe emhlabeni. Lokhu kwadala ukuba kubhuntshe izinhlelo eziningi okubalwa nezinkonzo kanjalo nemicimbi eba khona ngalesi sikhathi. 

Ngesonto eledlule imiphakathi eminingi KwaZulu-Natal izithole ingaphansi kwemvula enamandla neyenze umonakalo omkhulu ezindlini, ezakhiweni nasemigwaqeni eminingi. Ngenxa yale mvula abantu abangaphezu kwama-400 baphangalele, babodwa abamuke namanzi batholakala kude namakhaya kanti babodwa abawelwe yizindlu abebekuzo. 

Kuningi okuchaziwe ngokuthi kungani sibe nemvula engaka neyenze umonakalo ongaka. Abanye bathi kungenxa yokuguquka kwesimokade sezulu. Kulezi zimo yize abadala bethinteka kepha kuvame ukuthi kube yizingane ezithinteka kakhulu.

Izingane kazihlangene kakhulu nokuguquka kwesimokade sezulu kodwa kuba yizona ezishayeka kakhulu kulesi simo. 

Cishe izingane eziyizigidi ezili-160 ziphila ezindaweni ezinesomiso esikhulu kuthi eziyizigidi ezingama-500 (okuyingxenye yesine esibalweni sezingane emhlabeni) ziphila lapho kuba nezikhukhukhula ezinzima. 

Kuqagulwa ukuthi ngowezi-2040, cishe izingane eziyizigidi ezingama-600 zizobe ziphila ezindaweni ezinezimo ezinengcindezi enkulu yokuhlinzekwa ngamanzi.

Izikhukhula e-Afrika eseningizimu 

Izikhukhula zibe yimbangela yobubha, ukuswelekala kokudla nasekulimaleni kwengqalasizinda yezikole okuholela ezimweni ezingezinhle zokufunda.  Isifunda esikuso esiseningizimu sinezigameko ezehlukule zezishingishane nezikhukhula. 

Lezi zimo ziveza ngokusobala ukuphila lubhojozi kwezingane  nabesifazane. Abantu abanganeno kweSahara e-Afrika iningi labo liyizingane nentsha ephakathi kwesikhathi esiyizinyanga neminyaka engama-24 ubudala. Intsha ingama-69% kulesi sifunda futhi ama-20% entsha emhlabeni aqhamuka kulesi sifunda. 

Okuqaphelekayo ngukuthi inganeno leSahara e-Afrika yisona sifunda kuphela emhlabeni okuqagulwa ukuthi sizoba nokwenyuka kwesibalo sabantwana nentsha ngowezi-2050, kanti kwezinye izindawo izibalo zizoncipha. 

Ngowezi-2017, izingane nentsha kulesi sifunda kwakuyizigidi ezingama-628. Lokhu kuqagulwa ukuthi kuzokwenyuka kufinyelele ezigidini ezingama-945 ngowezi-2050 okungama-51% kokwenyuka.

See Also

Lokhu okwenzekile KwaZulu-Natal akuqali kulesi sifunda sase ningizimu.  Ekuqaleni kowezi-2019, i-Afrika eseningizimu yakhahlamezwa izishingishane ezimbili u-Idai noKenneth. Isihingishane uKenneth isiphepho esaba sikhulu kunazo zonke e-Afrika futhi kwaba ngokokuqala emlandweni ukuthi izishingishane ezimbili zikhahlameze iMozambique ngesikhathinyaka esisodwa. 

Isishingishane sakhahlameza abantu abangaphezu kwesigidi esiso-1.85 eMozambique – isigidi sabo kuyizingane – sashiya kuphangalele abantu abayi-1,300 abanye abaningi bengaziwa lapho bekhona.

Kokwenzeke KwaZulu-Natal kuzoba nomthelela kubafundi nezemfundo. . Abanye babafundi kulezi zikhukhula balahlelwe ngabangani babo kanye nothishela. Ngokusho koMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal,  izikole ezingama-630 ezikhahlamezwe yizikhukhula, ezili-124 kuzona zilimele ngokweqile.  

Esimweni esinjalo kumqoka ukuthi abafundi nezikole  babe nethuba lokukhuluma ngokwenzekile. Lokhu kukhuluma kunenhloso eyodwa nje vo, ukulekelala izingane ukuba  ziqonde ukuthi yize okwamanje imvelo kubukeka isasithukuthelele kepha siseyibo abangani bemvelo. 

Ukuthi thina sonke siyingxenye okuwukamukela ukuthi yize amaphutha amaningi enziwe yithi njengesintu  ekunakekeleni imvelo, kepha siseyingxenye yayo imvelo. Okunye okumqoka wukuchazela izingane ukuthi kuyini ukuguquka kwesimokade sezulu nokuthi zona izingane emakhaya nasezikoleni zingenza njani ukwenza isimo sibe ngcono. 

Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelele kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com

Scroll To Top