Now Reading
Kuhle uma lugotshwa lusemanzi ngezimfundiso zobuthina
Dark Light

Kuhle uma lugotshwa lusemanzi ngezimfundiso zobuthina

Ake sithi noma asibeke ngokuthi, aboHlanga kubalwa nabamhlophe banesimo esisodwa esifanayo. Esihlukile, ngokobuhlanga ayilona, ngokobuzwe umuntu ayibona, ngokukaMdali, ngokwethongo nabadala.

Ngamanye amazwi akungathiwa akwenzeki kubelungu, abakwenzi abelungu, sibe singahlali nabo emakamelweni, ezindlini, emagcekeni abo asemakubo. Ukuba siqonde kabanzi ngabo ukuthi kuyenzeka yini nakubona ngokwendlela eyenzeka kwaboHlanga.

Sekungenzeka ukuthi abasakwenzi, sebekwenza esithe ngenxa yokuthandana nokuganana kwezinhlanga ezingafani.

Abelungu bazothi abakwenzeki noma akakwenzi lokho. Bese usuthatha isinqumo esisheshayo, uthi wenza izinto ngoba ubone zenziwa noma zingenziwa ngabelungu. Uzitshela ukuthi usuwazi, ngizitshela ukuthi ngazi kakhulu ngabelungu.

Sisuke singekho, usuke ungekho ngenkathi abelungu nezinye izizwe, behlela izinto ngesingabo phakathi kwamabili, silele,nilele.Alikho iphutha kulokho,uma bekwenza phakathi kwamabili, engekho owoHlanga.

Bese sizitshela ukuthi sasiyingxenye yalokho ngenkathi sekudingidwa ekuseni,enhlazatshe, emini, selimathunzi.Kade ungekho, singekho bekusungula.

Umsindo obangwayo noma inkinga idalwa ukuthi abantu abamnyama noma aboHlanga, ngenkathi sebefuna ukuba yingxenye yalokho abelungu ababekudingide phakathi kwamabili silele singaboHlanga.

Okanye aboHlanga sebezikhohlisa noma sizikhohlisa ngoba sesifuna, sebefuna ukuzenza abelungu noma ukufana nabelungu

Engifisa sikuqaphele ukuthi, akuhlale,akuphile, akusihole njalo nasekucabangeni kwethu ngokwase-Afrika kuqala. Njengoba nabo abelungu becabanga kanjalo. Kungakhathalekile ukuthi abelungu bakuliphi izwe lase-Afrika.

Kunezimo, kunezinto lapho abantu nje bonke emhlabeni abaye bathi bayazenyanya uma sebebona ukuthi sebekhathele yizona.

Babengalulekwa ngani kwasekuqaleni ngabazali, ikakhulukazi ngomama ukuthi kwakungafanele bazimbandakanye nezothando, nezikamaqomana, nezikamaqabulana baze babe nezingane njengoba sebenyanya.

Kwakufanele bayibeke le nkulumo ebalulwe ngenhla ezinganeni zabo zamantombazane nabafana zisencane. Njengokuthi babezifisela okuhle kodwa, ukuba zibe nezingane sezigcagcene noma seziganene.

Ngoba nabo babefisa noma yena wayefisa ukuba nezingane esegcagcile, esegcagcelwe. Ingakho sithola ukuthi izingane zethu zingasihloniphi ngoba asiziyali ngendlela. Asizitsheli ukuthi sizifisela lokhu okubalulwe ngenhla.

Ngeshobolo asikubaluli ezinganeni zisencane, siyashalaza sibange umsindo. siklabalase ngenkathi sizitshela ukuthi siyala izingane zethu.

Kanti kungena ngale ndlebe kuphume ngenye indlebe ezinganeni zethu. Siyaye sisizitshele ukuthi azingabi ngabangani babafana zizokhulelwa, ngabangani bamantombazane zizokhulelisa zibe nezingane.

Ingoba asiziztshelanga izingane zethu ukuthi sasifisa ukuba zingafani nathi esaba nezingane singakagcagci, singakagcagcelwa. Sajaha ezothando, ezikamaqomana nomaqabulana singakafiki isikhathi esifanele. Into enhle kangaka efiswa yizo zonke izizwe.

Angihubhuzi,angizenzi omsulwa ngoba akungwe ingenabala. Ngingowesilisa, engangicakulela indodakazi ukuthi, ngangifisa ukuba ibe nengane ngesikhathi esifanele.Kwabanjalo.

Ngangifisi kwenzeke okwenziwa yimina, ukuba nezingane ngingathathile. Ngamanye amazwi angisho ukuthi ngangizizonda njengoba sezikhona emhlabeni.Kodwa ngehluleka!

Ngaholobhela ezothando, umaqomama nomaqabulana kwase kuzalwa bona. Akuyona into enhle lokho uma sekukhulunywa iqiniso, hhayi ukwembathisa nokushalaza sengathi simsulwa, asikwenzanga lokho.

See Also

Kuyaye kuqale inzukazikeyi nenyakanyaka lapho omama sebengenasineke, sebengenazinseka ngezingane ezavundla eziswini zabo.

Uthole umama kwenye inkathi ukuthi unenhliziyo embi, ngezinto ahlale ezikhuluma phambi kwabanye, ngokuphimisa amagama athi sengathi ingafa ingane noma angafa umuntu othile.

Kanti bayayetshisa abaseduzane naye ukuthi, inhloboni yomuntu wesifazane onenhliziyo embi kangaka ngengane, eyancela ebeleni lakhe. Abanye banezithombe bezincelisa zisencane.

Wayengahlali ngani abe yedwa futhi angazimbandakanyi nezothando. Usezenza umuntu omsulwa nohlanzekileyo phambi koMdali, kwethongo nabadala.

Sehlulwa ukulalela abazali besiyala ngendlela. Okanye abazali babezisaba izingane. Babengaziyali ngendlela efanele yokukhulisa izingane. Njengokuthi awufuni ingane ibe nabangani abazoyifundisa izinto ezimbi. Awufuni ihambe imizi yabantu.

Kanti wena ufuna ingane yakho ihambele noma izingane zakho zihambele imizi yezilwane yini, muntu weNkosi?

Asikhulume iqiniso ezinganeni noma khuluma iqiniso enganeni. Yiba umngane wezingane ngisho nezomakhelwane zisencane.

Ngayala abanye emgcwagcweni, ukuthi kuhle owesilisa abe ngumngane wezingane zakhe zisencane. Zikhule zikwazi futhi zikubona ekwenza ubaba wazo. Ukugwema ukuxatshaniswa ngumama wazo, sezikhulile.

Ngathi abesilisa abakhe amaxhama okuxhumana nezingane zisencane. Ngangihamba nezami siyobuka ezemidlalo. Sasiya nasemtapweni wolwazi, ngazithathela nobulungu. Ngazithatha nesithombe sise emtapweni wolwazi, eDurban Central Lending. Ukuthi imfundo nezemidlalo kuyahambisana.

Scroll To Top