Uthando abanalo lomphakathi nolwemfundo luzale izikole


Sinezinye izakhamuzi kanye nemiphakathi ephilayo nengasekho emhlabeni eyaba namagalelo ahlukene amahle nangelibaleke lapho ihlala, eyakhe, neyakhele khona.
Bathinteka emanonini, bavukwa uhlevane, bagajwa injabulo eyayibhalwe ebusweni oPhumlani noPrince. Wayekhumbula okuhle uMnu uPhumlani Khumalo, waseNanda, eMatikwe, e-Area 8, ngenkathi kusungulwa isikole. UPhumlani udabuka eShowe, eNcemaneni ngaseShakaland Hotel, kusabusa iNkosi uMpungose.
Basebengintongelisa uPhumlani “uNDW” njengoba ngimbiza kanjalo benoPrince Cele ohlobene noMnu uLindelani Magubane, ingcwepheshi yaseMatikwe ukuthi uPhumlani waqala ukufunda amabanga abaphansi esikoleni uThando Public Primary School wenza ibanga leshumi nambili eSithabile High School ngowezi-2010.
Bathi izikole zaseMatikwe zasungulwa ngubaba wendawo uMnu uLindelani Magubane, uNkomose. Wayesanda kufika eMatikwe ngowe-1985, evela eLindelani, nakhona eLindelani wayekade ebambe iqhaza elikhulu kusanda kuhlala aboHlanga ngowe-1982, ingakathuthukiswa njengelokishi. Wabona isidingo semfundo ezinganeni wabe esenquma uNkomose ukuthuthukisa aMatikwe ngenkathi eseguqula amagumbi amabili omuzi wakhe, wawenza isikole kwafunda izingane zaseMatikwe. Igumbi lokuqala lendlu kaMagubane labizwa ngokuthi uThando Public Primary School, elesibili labizwa ngeSthabile High School. Zaqala kanjalo ukufunda izingane zaboHlanga emzini kaMagubane.
Othisha bokuqala uPhumlani noPetros abasabakhumbula esikoleni uThando kwakunguSenti Kubheka, uKhalala, uthishanhloko kwakunguNgcoya, kwasekuba uNkk uNdlovu uthishanhloko ngenkathi kusafundelwa emagumbini omuzi wakwaMagubane. Kwalandela uthishanhloko uMnu uTB Mncwabe, kusukela enyangeni uLwezi ngowezi-2001 kwaba uNhlaba wezi-2021. Sanda isibalo sabafundi ababefunda emagumbini omuzi wakwaMagubane kwaphoqeleka ukuba kufundelwe ngaphansi kwesihlahla lapho uthisha abamkhumbulayo kwakunguSogoni. Isihlahla basigcina sisekhona, kwaqhutshekwa kwafundelwa emathinini. Kwaholela ekutheni ibonakale imisebenzi kaMagubane. Umphakathi wabamba iqhaza, wahlaba ikhwelo kuHulumeni ukuba uphonse esivivaneni semfundo yezingane. Kwaqalwa uhlelo lokwakhiwa kwezikole ezithe thuthu uThando neSthabile, ngohlelo olusha oluyizitezi yize zisemakhaya eNanda, eMatikwe.
Baningi abafundi abazuza kakhulu ngokufunda ezikoleni ezazingamagumbi omuzi kaMagubane ngaphambi kokuba bafundele ngaphansi kwesihlahla, baze bafundela emathinini manje sekufundelwa esikoleni esiyizitezi. Uthishanhloko uMncwabe wabonga encwadini yokuvalelisa ubaba uHlela owayengusihlalo wamalungu esikole abawa bevuka ukuba belungiselela ukwakhiwa kwesikole. Kwakusukela enyangeni uNhlolanja kowe-1991, kusafundelwa kwaMagubane. Isikole esiyizitezi savulwa ngokusemthethweni ngowezi-2009. UMncwabe wabonga umphakathi, abazali nabo bonke kanye nowayengusihlalo wamalungu esikole uMS Mhlongo ngokuzinikela kwabo esikoleni. Wafisela okuhle uthishanhloko ozothatha emveni kwakhe, abazali, amalungu esikole, umphakathi, nabafundi ukuba babeyimbumba.
Kwathela izithelo ngenkathi uMhlonishwa uLindiwe Sisulu eyokwethula izinsiza zokusebenza esikoleni uThando. Wabuye futhi wafika okwesibili uMhlonishwa uSisulu.
UPhumlani ngaqala ukumqaphela ngowezi-2019, mzukwana ngimelamela phakathi nesonto, ephethe amanye amaphephandaba ashicilela ngolimi lwesiZulu nayewafunda ngaphinda ngambona ngoLwesihlanu esefunda iBAYEDE.
Saxoxa kabanzi, sibonga impilo yokuvuka siphefumula nokuyinhlanhla evela kuMdali. Sakhuthazana ngokufunda nangokubaluleka kolimi lwebele. Wenaba uPhumlani ngokuthi into ayiqaphelayo ukuthi ababhala kuBAYEDE babhala ulimi lwesiZulu olufanele ukufundwa ezikoleni kanti futhi ulimi olusengafundwa ezikoleni ngokufunda yona iBAYEDE.
Ngamtshela ukuthi baningi, akuyena yedwa okubonayo lokho. Ngisho ngoba abanye abasebenza kwamanye amaphephandaba ashicililela ngolimi lwesiZulu bake bangiluma indlebe yize besebenza kuwona.
Washo okufanayo ngowezi-2018 uMnu uPius “Chippa” Mthanti uMqulusi, owayedlalela i-African Wanderers ikilabhu kanobhutshuzwayo, ukuthi ulimi olubhalwa kuBAYEDE luyisiZulu wathi “nasike isiZulu sokufundwa ezikoleni Mqulusi (esho mina) ukuba kuyangami”.
Siyethemba ukuthi akuzogcina ngalezi zikole esizibalulayo emlandweni wezikole ezasunguleka ngenxa yeqhaza laboHlanga abangagqamile futhi abangagqamanga nasebakhohleka ezweni.
Sisikhumbule futhi sisiqaphele isaga esithi ufaka inyongo nesinye ngoba kushiwo kumuntu ozenza mkhulu kunento ayiyona ngempela. Iyona nkinga ebhekene nabaningi emhlabeni, abaye bathande okungeyibona ngaphakathi ngoba benzela abanye kanti kuhle ukuba nguwena futhi uzazi ukuthi uyini hhayi omunye umuntu. Kuyokwenza uwugweme umgolo. Wenze okuhle.
Kwenza kube lula nakuwena ukwakha amaxhama okuxhumana nabantu abahlukahlukene ngalena kokubheka ububona. Kepha kube okuhle okuthekelayo noma enithekelane ngakho.
Sinabo baningi aboHlanga, abayizingcwepheshi yize babengafundanga ngokuthe thuthu. Babonela okuhle ezingqalabuthweni ezabendulelayo zaboHlanga, ezenza okuhle, zaba ngumhlahlandlela ekwakhiweni kwezikole ezindaweni zabantu abamnyama lapho zazihlala khona njengomphakathi nakwezinye izindawo.