Ingoma emnandi iyaphindwa ePlayhouse ngokaGatsheni
UKhumalo uqweqwe lombhali wamabhuku nemidlalo yomsakazo.
Ubuya ngomfutho umdlalo iThe Game kaDuma Ndlovu
AMAZWI aphinyiswa nguGatsheni athi: “Akumina ohlezi ethi lo mdlalo awubuyiswe, kodwa abakhiqizi abaningi kanye nabafundi basemanyuvesi bayawuthanda. Ngisafuna ukubhala umdlalo omusha, kodwa-ke kunokukhulu ukulangazelela iThe Game,” iyona ekhombisa ukuthi singakanani isidingo sokuba lo mdlalo uphinde ukhonjiswe.
Umqondisi ohlonishwayo obuye abe ngumbhali uMnu uDuma Ndlovu uzobe etshengisa ngomdlalo wakhe iThe Game esikhungweni esiphambili sezobuciko esifundazweni. Lo mdlalo ozobe futhi uqondiswa nguyena uqobo uNdlovu uzobe ubophele abalingisi abeseqophelweni abasebasha. Phakathi kwabalingisi abazoba kulo mdlalo kukhona uSindi Dlathu (odlala kuMuvhango), uDawn King (okuZALO), uNqobile Ndlovu, uNomasonto Dlamini, uSheila Khumalo, uBuhle Samuels, uLungile Mkhize noVuyiseka Cawe bonke okungabalingisi besifazane abadabuka esifundazweni iKwaZulu Natal.
Umdlalo iThe Game uhlelwe ngokulandela ukulungiselela ukhetho lokuqala lwentando yeningi. Ukubungaza lokhu izikhulu zejele eMiddelburg, nokungeleziboshwa zabesifazane bodwa, zithatha isinqumo sokukhulula omunye kulezi ziboshwa zabesifazane. Kodwa-ke izikhulu ingcabha ziyishiya nazo kanye iziboshwa ukuba kube yizo eziqoka lowo oyedwa okumele akhululwe. Umdlalo wonke ungeminyakazo yeziboshwa, zonke zixoxa ngezindaba zazo ukuze zanelise ozakwabo ukuthi kungani kukhululwe zona.
Kulo mdlalo sihlangana nabalingiswa abaningi abahlabahlosile okukhona nomaqinase oneminyaka engamashumi amabili owagwetshwa eneminyaka eyishumi nesikhombisa. Omunye owesifazane oneminyaka engamashumi amabili nesihlanu, ukuzalwa kwakhe kungumphumela wokudlwengulwa kukanina owayeyisisebenzi sasendlini, edlwengulwa owesilisa omhlophe owayengumqashi wakhe. Kunomunye wesifazane oseneminyaka angamashumi ayisithupha osechithe impilo yakhe yonke esejele. Kukhona nowesifazane oneminyaka engamashumi amane nanhlanu impilo yakhe engaphindanga yaqonda ngemuva kokuthi izingane zithumbe indodana yakhe zayibulala ngokuyishisa ngezikhathi zobandlululo. Okuxakayo ukuthi labo ababulala ingane yakhe abakaze baboshwe kodwa kwaba nguye ogcina esejele. Eqinisweni ziningi izigigaba namagwincigwinci kulo mdlalo nokuwenza ubemnandi.
UMnu uNdlovu uzalelwe eSoweto, ungumbhali, umqondisi, umkhiqizi kanye nentatheli kanti kweminye yemidlalo yakhe kubalwa neBergville Stories, The Ritual neThe Journey.
Ungumsunguli woMuvhango kanye no-Uzalo, nokungeminye yemidlalo ethandwa kakhulu kuthelevishini yakuleli.
Umlingisi usewine imiklomelo ekulingiseni uSindi Dlathu waziwa kakhulu ngoNomfundo kuSoul City kanye noThandaza kuMuvhango. Waqala ukulingisa kuSarafina eseneminyaka eli-14, kanti useke waba sesiteji noBilly Ocean, uRandy Crawford no-Abigail Kubheka.
UDawn King waziwa kakhulu ngoLindiwe Zulu nongunkosikazi wesigebengu esidumile uMuzi Xulu (uMpumelelo Blose) emdlalweni wethelevishini Uzalo luboniswa kuSABC1. Uzalelwe wakhulela eThekwini kanti unesipiliyoni sokulingisa emsakazweni, ungumculi abuye enze izinkulumo ezikhuthazayo kanti wafunda eTechnikon Natal, manje osekuyiDurban University of Technology (DUT).
USheila Khumalo ungumlingisi waseThekwini, obuye abe ngumculi nombhalimaculo kanti usebe kule mboni yezobuciko kusukela ngeminyaka yowe-1970 esebenza noSteve Kekana, uSophie Mgcina noJoyce Thabe. ULungile Mkhize waziwa kakhulu ku-Uzalo neMadame President Musical, kanti uVuyiseka Cawe waziwa kakhulu kuThe Gift (Mzansi Magic), iRhythm City (eTV) neRockville Season 3. UNomasonto Camascar Dlamini udabuka eNewcastle kanti useke waba sePlayhouse ngaphansi komdlalo waseK-CAP weZion oqondiswe uSiphiwe Xulu kanye naseNational Arts Festival, eGrahamstown naseMarket Theatre. UBuhle Samuels waziwa kakhulu ngoMatshidiso Mofokeng emdlalweni weSABC 2 uMuvhango, nalapho aseke waqokelwa khona iBest Newcomer Award kumaRoyalty Soapie Award.