Now Reading
Usikaza inhlolovo ngezinguquko azihlongozayo kuMthethosisekelo
Dark Light

Usikaza inhlolovo ngezinguquko azihlongozayo kuMthethosisekelo

Ukhetho lwasePhalamende eTunisia ngeke lubanjwe ezinyangeni ezintathu ezizayo, kusho uMengameli uKais Saied ngoLwesine ebusuku ngesikhathi enomhlangano noNdunankulu uNajla Bouden, ngokusho kweHhovisi likaMengameli kuFacebook. 

USaied ukhiphe isimemezelo sokuhlakaza iphalamende  kusukela ngonyaka odlule ngemuva kokuthi limdelele ngokuvotela ukuchithwa kwemithetho abeyisebenzisa ukuze athathe amandla.

IFree Constitutional Party, okuyiqembu eliphikisayo elikuphrojekthi yokuvota kuzoba ngelikhulu ePhalamende uma kubanjwa ukhetho, linxuse uSaied ukuthi abize ukhetho kusenesikhathi kulandela ukuhlakazwa kwePhalamende.

U-Abir Moussi (osesithombeni), inhloko yeqembu futhi engumlandeli kaMengameli ongasekho uZine El Abidine Ben Ali, uthe uSaied akanakukhetha, ngokoMthethosisekelo, futhi kufanele abize ukhetho zingakapheli izinyanga ezintathu. “Angazi ukuthi bayithola kanjani le ncazelo” kusho uSaied ebhekise ku-kusigaba 89 yoMthethosisekelo. Phambilini uthe uzobumba ikomiti elizobhala kabusha uMthethosisekelo, awufake kunhlolovo ngoNtulikazi bese kuba nokhetho lwasePhalamende ngoZibandlela.

Iqembu elikhulu eliphikisayo eTunisia, i-Islamist Ennahda, liyasichitha isinyathelo sikaSaied sokuhlakaza iPhalamende futhi lizoyiduba noma iyiphi inhlolovo ayibizayo yokuhlela kabusha uhlelo lwezepolitiki ngokuzimele, kusho umholi walo, uRached Ghannouchi, ngoLwesine.

Abamelene noSaied bamsola ngokuketula umbuso ngesikhathi emisa iPhalamende ngehlobo eledlule, wachitha iningi lomthethosisekelo wangowezi-2014 futhi wabusa ngomthetho njengoba eqala ukulungisa kabusha uhlelo lwezepolitiki.

See Also

UMthethosisekelo waseTunisia wezi-2014 uthi iPhalamende kumele lihlale lisebenza nganoma yisiphi isikhathi esikhethekile sohlobo olumenyezelwe nguSaied ehlobo eledlule nokuthi ukuhlakazwa kwegumbi kumele kudale ukhetho olusha, nakuba engakalumemezeli. 

Amaphoyisa aseTunisia amelene nobushokobezi asebizele imibuzo uRached Ghannouchi, inhloko yeqembu i-Ennahda nophinde abe nguSomlomo wePhalamende elihlakazwe nguMengameli uKais Saied kuleli sonto, kusho uGhannouchi. Amasamanisi angoLwesihlanu ntambama alandela awamanye amalungu ephalamende aseke noma abambe iqhaza esimisweni esiku-inthanethi kuleli sonto ukweqa isimemezelo sikaSaied sangaphambili sokuthi uyalimisa iPhalamende.

Scroll To Top