Now Reading
Usizi lwaboHlanga: Ngifuna isiphetho ngengozi eyehlela ingane
Dark Light

Usizi lwaboHlanga: Ngifuna isiphetho ngengozi eyehlela ingane

Azikapholi izilonda kodwa azisabhibhi. Ukuze siphole kahle isilonda sidinga ukunakekelwa ngokuthi sigezwe, sisulwe, sigcotshwe bese sishawa umoya kahle. 

Kuba kanjalo-ke uma ulahlekelwe othandiweyo wakho noma ngayiphi indlela. Into osuke uyidinga uma ushonelwe ilungu lomndeni, okokuqala ukwaziswa kahle ukuthi usibanibani akasekho kwelimagade ahlabayo kodwa usendele kweliphakade. Okwesibili, uyadinga ukulandiswa kabanzi ngembangela yokushona kwakhe. Noma engeke esavuka kodwa izincazelo ziyawududuza umoya kuthobeke namanxeba. Ukuhlala isikhathi eside ngaphambi kokuthola izimpendulo kuyawubulala umoya kuphula nenhliziyo. 

Zikhona izizathu ezingabambezela izimpendulo kodwa uma umuntu eshone engozini yemoto bekungamele kuthathe isikhathi eside ukuthola izimpendulo. 

Zintathu izindlela zokuthola izimpendulo uma umuntu eshone ngengozi yemoto. 

Eyokuqala – kuhle umndeni uma uchazelwa umuntu owayeshayela imoto ukuthi kwenzekani ngomhla wengozi. 

Eyesibili – ukuchazelwa yiphoyisa elalikhona ngosuku lwesigameko noma iphoyisa elingumseshi wecala. 

Eyesithathu – ungayithola incazelo enkantolo ngosuku lwecala lapho inkantolo isuke ipheka ngemibuzo lowo osolwa ngokuba imbangelo yengozi eyadlula nomphefumulo noma nemiphefumulo. 

Uma usuku lwecala lungakafiki kusaqoqwa ubufakazi, kuyelapha ukuthola umphenyi wecala elokhu ezihlupha ngokwazisa amalungu omndeni ngokuthi seluhambe lwaze lwafika kuphi uphenyo mayelana nokufa kwesihlobo sawo. Kuyawubulala umoya ukubona umphenyi wecala emane athule du njengekhansela ngemuva kokhetho. Ukuthula komphenyi wecala kushiya imibuzo eminingi engaphenduleki, imibuzo efana nalena:

  • Umseshi uthule ngoba ephethe icala lomuntu ongabalulekile emphakathini?
  • Umseshi uthule ngoba engawazi umsebenzi wakhe?
  • Umseshi uthule ngoba efuna leli cala liphelele ezeni njengezithukuthuku zengcanga?
  • Umseshi uthule ngoba sewagwazelwa ilaba okumele babhekane nengalo yomthetho? 
  • Umseshi unomsebenzi ongaphezu kwezinsiza kusebenza anazo, izimoto azenele esiteshini, amacala maningi kakhulu?
  • Ukuhola kancane kwabaseshi okubenza baphelelwe amandla [okubehlisa eMandleni bengakafiki oLundi]? 

Nazi izilonda ezingalaphekile

Ngiyabingelela, ngibhala ngenhloso yokuthola ukuthula emoyeni nokuthola ukwelulekwa ngokusebenza komthetho. NgoMsombuluko 08-11-2021 kwakuwusuku njengazo zonke izinsuku umfana wami omncane wahamba waya enkulisa yangakithi njengenjwayelo ehamba nomalume ngemoto yabo ewuhlobo lweQuantum ebahambisayo njalo kahle bephinde babuye. Ukusuka ekhaya uya enkulisa akudluli ngaphezu kwemizuzu elishumi sebefikile. 

Njengenhlalayenzeka wamthatha ezandleni zami usisi wakhe omhambisayo emotweni afike amvulele amvalelise avale umnyango. Emva kwalokho aqhubeke nohambo lwakhe. Akuphelanga sikhathi ngezwa kukhala ihooter esangweni ngavela ngaya khona uma ngifika ubhuti angibingelele bese ethi ukhona yini umntwana walapha ekhaya ofunda phezulu. Ngithi mina yebo. Athi ucela ukuhambanami siyobona kunengozi. Ngithi mina uphi umalume. Athi asihambe. Ngigijime ngithathe ifoni sihambe. Emqondweni nginokuthi kushayisane izimoto kodwa kanjani obala kanje? Uma ngiqhamuka ngilibone iQuantum limile. Ngaphambi kwalo kunemoto eyiveni. Uma ngithi ngiyabukisisa. hhawu khona into elele emboziwe. Ayi bo, amateki ka-Iba nje lawa! Ngithi ngiyagijima ngifuna ukuya khona bangivimbe ngize ngihlale phansi. Ngibuze ukuthi kwenzekeni. Ngithi ngicela umalume bandla eze kimi azongichazela. Bathi mana usematasa namaphoyisa. Ngibuze komama abaseduze ngithi ngicela ningichazela. Lutho! Ngibuze ukuthi baphi othisha bakhe kube ukuthi bayagijima nabo.

Ngigcine ngibonile ukuthi ingane ilinyazwe yile moto emhlophe ngoba nanti negazi ngaphambi kweQuantum. Bafike abazoqoqa umntwana. Ngithumele ukuthi ngicela ukumbona. Baqala bale. 

Ngicabanga ukuthi leyo mpendulo yayisuka kwabomthetho. Ngiphinde ngicele bathi angize-ke. Bamveza basheshisa kodwa ngambona ukuthi hawu Nkosi yami uyena ngempela. Unjena! Angitsheliwe njalo ngizwa nje ngemuva; uzwe omunye ethi, ayi iphukile. Emveni kwalokho sabuyela ekhaya. Ukukhala kwami ngomalume kwakuwukuthi namhlanje umehlise kanjani uma eselimele kanje. Le moto emhlophe imshaye kanjani? Kanti cha, imoto eyomuntu ozosiza. 

Sihlaleke kanjalo kuze kufike ubhuti abuze ukuthi ingane kwenzakaleni sithi asazi kodwa siyezwa ukuthi ulimale kumalume. Athi ubhuti usefikile yini ukuzochaza njengomuntu onikezwa ingane ezandleni njalo. Sithi cha, bese ethi kungcono eze azochazela ugogo nomama wengane. 

See Also

Wafika-ke umalume esephelezelwa amalungu kasosesheni nomndeni wakhe wachaza okwenzeka kodwa akwangangenelisa. Nasemveni komngcwabo ibilokhu ingihlupha le nto kuze kube manje isangihlupha. Ngike ngaya emaphoyiseni ngayofunda umbiko. Khona kubhaliwe ukuthi umshayeli ushayise umuntu ohamba ngezinyawo. Ngaphinde ngacela umphumela wokuhlolwa kwesidumbu athi umseshi ngizoyithola ayiphumi ngoba akakaqedi ngedokodo. Aphinde angichazele futhi ukuthi sekusele ayoqoqa ubufakazi obubodwa kuthisha enkulisa. 

Zivulwe ngoMasingana idlule iQuantum iyolanda abantwana njengenjwayelo. Mina ngikhihla eseNdlovukazi uNandi wubuhlungu bokuvulwa kwezikole. Ngibuye futhi ngicele ukubuza umseshi ukuthi useyile yini. Athi uzoya enkulisa. Uma sekuyophela elesibili ngiphinde ngibuze athi angikhululeke uzoya kusuke kwaba matasa kakhulu kodwa uzoya. Ngilinde. 

Ngiphinde ngibuze ngelinye ilanga athi uyile useqedile, icala lisenkantolo. Ngiphinde ngiye esikoleni ngibuze ukuthi ufikile yini umseshi. Bathi yebo. Ngilinde ngoNhlolanja. Ngithi mama ngicela nawe udlule ubheke nje. Amthole. Athi umseshi, hawu gogo khululeka lusenkantolo futhi usisi unayo inamba yami angafona, engadlali ngawe. 

NgoNdasa ngifone asho futhi ukuthi lusenkantolo. Ngibuze ukuthi kuphi, ngabe luseNgwelezane noma Empangeni. Athi Empangeni. Njengamanje ngilindile. Ngenziwa ukungabi nolwazi olwanele ngisabela ukuthi mhlampe vele mina enkantolo angidingakali. Ngithi ngiyafona ngelinye ilanga kuthiwe icala sekuqediwe ngalo. 

Okwami njengomzali ngifisa ukuba khona ngosuku lwecala noma ngichazeleke ukuthi hhayi awukwazi nokuthi ube khona uzizwele ngezindlebe zakho, uyozwa ngesingqumo. Umqondo wami usubuyile. Ngyafisa ukuzizwela uma kungenzeka. ngiyazi ukuthi isondo lakwesokudla elamgxoba kodwa kwakwenzenjani. Ngabe wayecosha into noma wayengaphambili noma yayiya emuva iQuantum yena weza kuleli sondo lakwesokudla.. 

Mhla zingama-29 kuNdasa usuku afika ngalo emhlabeni ngike ngazama kaningi ngizama indlela yokubuyela emphakathini ngizothi ngiyabonga bangisiza bangiseka; ‘ngithi umuntu ngumuntu ngabantu’. Kodwa ngiyafisa kube nesiphetho esihle ngalolu daba. Ngiyabonga.

Scroll To Top