Now Reading
Elizosebenzisa amathuba yilona elizonqoba e-Etihad ngempelasonto
Dark Light

Elizosebenzisa amathuba yilona elizonqoba e-Etihad ngempelasonto

Kuzoba ngumdlalo onzima ngoba amaqembu azoya kuwo enokuzethemba emuva kokunqoba imidlalo yaphakathi nesonto ye-Uefa


Abaqeqeshi abanamava, abadlali abaseqophelweni eliphezulu, inkundla ezobe igcwele  phama abalandeli begqoke izinto eziluhlaza abanye begqoke ezibomvu, yikho nakanjani okuzokwenza ukuthi kusiphuke izidindi emdlalweni ozokuba phakathi kweManchester City kanye neLiverpool FC.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weligi yase-England i-English Premier League (EPL). Iwona ozokuba ngowokuvala impelasonto e-England, njengoba uzokuba ngeSonto ngelesi-6 kusihlwa, uzobanjelwa e-Etihad Stadium okuyinkundla yeMan City.’

Lezi zinkunzi ziza kulo mdlalo zihambela phezulu njengoba maphakathi nesonto ziyinqobile imidlalo yazo yomlenze wokuqala wamaQuater-Finals, we-UEFA Championship. IMan City ihlule i-Atletico Madrid ngegoli elilodwa, kwathi iLiverpool FC yahlula iBenfica ngamagoli amathathu kwelilodwa.

Kulogi la maqembu asedlale imidlalo engama-30, iMan City inamaphuzu angama-73 kuthi iLiverpool FC yona ibe nangama-72 okusho ukuthi umehluko iphuzu elilodwa. Ukunqoba kweqembu elizobe lidlala ekhaya lizovula igebe lamaphuzu amane, ukunqoba kwezivakashi kuzozenza ukuthi zihambe phambili ngamaphuzu amabili. Iqembu elizonqoba kulo mdlalo lizonqoba lingayifisi indaba.

Emdlalweni womlenze wokuqala la maqembu etholene phezulu, umdlalo waphela zibambene ngamagoli amabili nhlangothi zombili. Amagoli eLiverpool FC ashawa uSadio Mane noMohamed Salah kwathi aweMan City wona ashawa uPhil Foden noKevin De Bruyne.

Ngaphambi kwempi ezobe ingaphakathi enkundleni yabadlali enye izobe ikhona ephakathi kwabaqeqeshi uPep Guardiola weMan City noJurgen Klopp yena oqeqesha iLiverpool FC. La baqeqeshi sebetholane phezulu emidlalweni engama-22 bobabili banqobe eyisi-8, badlala ngokulingana kweyisi-6.

Impi yabo ayiqali ngoba sebeqeqesha e-England, kodwa yaqala eGermany, uKlopp eqeqesha iBorussia Dortmund, uGuardiola yena eqeqesha iBayern Munich.

Enye impi ephakathi konozinti abangabokudabuka eBrazil, u-Alisson Becker weLiverpool no-Ederson weMan City labo nozinti basembangweni wokunqoba umklomelo wonozinti ovelele kule sizini njengoba emdlalweni eli-17 bengangenelwanga goli.

Ukuphawula kwabaqeqeshi:

  • UGuardilola

“Umdlalo ozoba nzima kakhulu lo, ikakhulukazi njengoba singadlalanga ngendlela ebesifisa ngayo maphakathi nesonto kowe-Uefa Champions League. Uma ubhekene neLiverpool FC kumele usebenzise amathuba uma kungenjalo izowasebenzisa yona, ukudlala ekhaya kuzosilekelela kakhulu. Siphuma emdlalweni onzima, kodwa ngeSonto sibheke okungaphezulu”.

  • UKlopp

“IMan City iyiqembu elikhulu impela kodwa umdlalo nomdlalo thina siwuthatha njengowamanqamu, akekho umuntu ofuna ukuhlulwa kowamanqamu. Baningi abathi sizigwazele ibhece kuBenfica, umbuzo wami uthi ifike kanjani kowamaQuarter-Final kungani bengancomi indlela esidlala ngayo thina. 

See Also

NangeSonto sizobe sidlala into efanayo, uma singasebenzisa amathuba lawa esihlezi siwenza abantu bazobona imbudlu yamagoli”.

“Angenzanga izinguquko emdlalweni weBenfica ngoba sicabanga lo mdlalo wangeSonto. Kodwa ngizenze ngoba ngisibona isidingo sazo. Abantu bengasho noma yini ngami kodwa anginendaba”.

Abadlali ababhekiwe:

  • KuMan City: UDe Bruyne noRiyad Mahrez asebevalele amagoli ali-10 kuligi, uRaheem Sterling, uBernado Silva noFoden.
  • KuLiverpool FC: USalah onamagoli angama-20 kuligi, uDigo Jota onali-14, uMane, uRoberto Firmino noLucas Diaz.

Abazodlalisa umdlalo:

  • Unompempe: u-Anthony Taylor
  • Abasizi: UGary Beswick, u-Adam Nunn no-Andre Marriner

Imidlalo esalele iMan City, iWolverhampton Wanderers F.C, iBrighton & Hove Albion, iWatford, iLeeds, iNewcastle United, iWest Ham United ne-Aston Villa. 

ILiverpool FC yona isazobhekana ne-Aston Villa, iManchester United, i-Everton, iNewcastle United, iTottenham Hotspur, iSouthampton neWolverhampton Wanderers FC.

Scroll To Top