Now Reading
UMbalula welule isikhathi samalayisensi
Dark Light

UMbalula welule isikhathi samalayisensi

Ingcindezi ebiqhamuka ezinhlanganweni ezihlukene zomphakathi okuhlanganisa izikole zokufundela ukushayela, ososeshini bamatekisi, nezilwela amalungelo abantu igcine iphoqe uNgqongqoshe Wezokuthutha uMnu uFikile Mbalula ukuba elule isikhathi somnqamulajuqu kashwele samalayisense abephelelwa isikhathi izolo.  

Phambilini uMbalula wamemezela ukuthi wonke amalayisensi, ama learners ayephelelwa isikhathi phakathi komhla zingama-26 kuNdasa wezi-2020 nomhla zingama-31 kuNdasa  wezi-2022 azoqhubeka nokusebenza abaniokazi bawo bangajeziswa uma beyovuselela noma bebanjwa ngamaphoyisa omgwaqo. 

Ushwele wawulandela ukuhlasela kobhubhane lokhuvethe kuleli okwalandelwa ukuvalwa thaqa kwezwe kwamayonke into. Isikhathi sikashwele seselulwe kuze kube zili-15 kuMbasa wezi-2022. 

KuSomqulu kaHulumeni oshicilelwe izolo, uMbalula uthe wonke ama learners, izincwadi zokushayela, izincwadi zokushayela zesikhashana kanye nama professional driving permits (PDA), okwaphelwa yisikhathi zingama-26 kuNdasa wezi-2020 kuya zingama-31 kuNdasa wezi-2022 ukusebenza kwakho kuyelulwa. Lo 

shwele ufaka phakathi konke okuyimidanti ethinta ezokuthutha okwaphelelwa yisikhathi zingama 26 kuNdasa wezi-2020 nomhla zingama-31 kuNcwaba wezi-2021.Ngalesi sikhathi izigidi zabashayeli nabanikazi bezimoto zazingakwazi ukuhambela izikhungo zamalayisensi ngenxa yokhuvethe. 

Naphezu kokwelulwa kwesikhathi sikashwele kubukela kusazoba nzima ngenxa yesibalo esikhulu sabashayeli abanalayisensi asephelelwe isikhathi okumele bawavuselele esikhathi esingamasonto amathathu ngaphambi kokuphela kukashwele. Enye inkinga ukuthi izwe alikavulwa ngokuphelele kusekhona ukusilela emuva ngokusebenza, kwaphinde kwafa nomshini wokugaya amalayisensi angamakhadi ngasekupheleni konyaka odlule, okuyiwona kuphela iNingizimu Afrika ethembele kuwo.

See Also

Phambilini izinhlangano ezihlukene zamatekisi ezweni zanxusa uMbalula ukuba ehlise amaphaphu angaxhamazeli ngoba baningi kakhulu abantu okumele bavuselele amalayisensi.

NgoLwesithathu inhlangano esebenzisana nezokuthutha kuleli i-Automobile Association (AA), ikhiphe isitatimende ithi uHulumeni kumele ayibhekisise kabanzi eyokwelula isikhathi sikashwele.  

“Uma sibheka izinkinga zakamuva ngokugaywa kwezincwadi zokushayela ezingamakhadi nezinkinga ezikhungweni zokushayela, nendlela yokubekisa indawo kusetshenziswa i-online uyabona ukuthi kusekude phambili,” kusho isitatimende se-AA

Scroll To Top