Now Reading
Ulimi olukhulunywa yizinyandezulu liwubuthina alingagudluki
Dark Light

Ulimi olukhulunywa yizinyandezulu liwubuthina alingagudluki

Ukushonelwa yilanga kwesizwe samaZulu mhla zilishumi nambili kuNdasa wezi-2021 lapho lalingashonele uZulu yedwa kepha lalishonela abeNguni jikelele njengoba uMdlokombane ubengeyona nje iNkosi yamaZulu kuphela, kepha ubengubaba wezizwe njengoba ebenothando lwabeNguni jikelele. Ngakolunye uhlangothi uMdlokombane ubekuqonda ukuthi ukuhola isizwe kufana nokubasela umlilo okumele ugcinwe uvuthe njalo ngoba ukucisha kwawo kuyosho ukuphela nokutheleka ngehlazo kwesizwe samaZulu. Ingakho ngokuphiwa zinyandezulu iso elibukhali kanye nobuhlakani wakwazi ukutheza izinkuni azokhwezela ngazo lo mlilo njengoba ubekuqonda ukuthi uyadinga ukwesekwa ngobuhlakani. 

Ingakho ekugawuleni kwakhe wahlanganisa izinkunzi ezingezukugcina ngokumkhwezelela lo mlilo okumele awugcine uvutha kodwa ezinye zalezi zinkunzi zathatha isinqumo sokuphuma inqina zayozingela wonke uZulu  obusudliwe zintaba. Kumsebenzelile lokho uMdlokombane njengoba ukhothama nje iningi labantu abangamaZulu bese beqalile ukuzigqaja ngobuzwe babo. Lezi zinkunzi ezaboshelwa nguMdlokombane zasebenzisa ubusoka obungagcinanga  ngokushela uZulu ukuthi abuyele ekhaya kodwa kwaqomiseka nezinye izizwe njengoba nazo bezizithola zicaciseleka ngezindaba ezithinta uBukhosi bazo. 

Ukubuyiselwa ekhaya ngolimi nangomqondo kwasisiza singamaZulu nalapho kwathi uma kufika isibhicongo sokunqunwa kwabeNguni benqunywa ngamaNdiya ngeziphithiphithi zikaNtulikazi wezi-2021 kwenza izizwe zabeNguni zahlangana zakhalisana nemindeni eyayihanjelwe ngamalungu emindeni. Kwaphinda nezinhlangano zepolitiki ezazizwelana noZulu njengoba okwenzeka kwenzeka sisagubuzelwe ifu lokusithela kukaMdlokombane. Abaholi bazo lezi zinhlangano baqhuzuka kwezinye izifundazwe bezobamba inhlabaluhide bezokhuza umhlola ngesiga esehlela uZulu nokwasenza sazibona ukuthi asisodwa kulobu bumnyama.

Siyabonga ukuthi nesishingishane esihlasele iNdlunkulu emva kokuphinde kukhothame iNdlovukazi uMntanenkhosi uMantfombi Zulu lapho kwaba nokungaboni ngasolinye eNdlunkulu okwaholela ekutheni ababusi bezwe bahlonze uZulu njengongenankosi. Kodwa ngenxa yabelusi ababeshiywe uMdlokombane ukuba bashekelele isizwe ukuze singagcwali amathafa, isizwe salinda ngenhlonipho kwaze kwaqaqwa amafindo ayeboshiwe ngeSihlalo.

Ngidlulisa ukubonga okukhulu kuMntwana waKwaPhindangene ngesitswebhu alokhu esidedele njalo evikela ukujivazwa kweSihlalo ngamandla nobuhlakani abuphiwa yizinyandezulu ibonakale impi ayilwayo inqobeka. Siyazi siyisizwe ukuthi uMntwana waKwaPhindangene usuke engazilweli siqu sakhe le mpi, kepha isuke iliwa ngabasemoyeni besebenzisa yena. Isizwe sibusisekile ukuba noNdunankulu onjengaye. Isizwe manje sesihlalelwe yixhala lokuthi ziyothathwa ngubani izihlangu zikaShenge uma esezibeka nokuthi lowo muntu uyobanaso na isibindi nobuqhawe obusetshenzswe nguMntwana waKwaPhindangene.

Njengoba iSilo esiseSihlalweni  uMisuzulu kaZwelithini ehlale kuso iSihlalo sikaZulu izwe lixokozela. Isizwe ahleli eSihlalweni saso, sithifelwa ngamathe ngabezizwe abaphikelele ukujivaza isizwe samaZulu nabalangazelele ukuthi kuphele ngodumo lwaso. Singathokoza siyisizwe uma iSilo sizohleze sikhumbula ukuthi singeseSihlalo sikaZulu akusiso esikaHulumeni. Njengoba sehliswa zinyandezulu kwelikamoya ukuba sizoqhuba umsebenzi wokuvuthisa lo mlilo onguZulu okungamele ucishe. 

Kumele iSilo sikuqonde ukuthi asihlalele eSihlalweni ukwelusa uZulu nje kodwa ngisho nokukhulisa ukukhulunywa kolimi okuyifagugu lesizwe nanjengoba abangabokufika kuleli uma bengena kwelikaMthaniya bakubona kusemqoka ukuthi bakufunde ukukhuluma isiZulu ukuze bakwazi ukuxhumana nathi njengesizwe. Ngizosho nje ngingananazi ukuthi, iSilo uMengameli wezwe uMnu uRamaphosa usesigayele isitifiketi. Akusho ukuthi sekumele sibe mbaxambili ngokolimi kokumele silukhulume njengoba sesiqalile ezinkundleni zokuxhumana sekwanda ukuthi sisebenzise ulimi lwesilungu. Uma sikhuluma ezinkundleni zokuxhumana sisakhuluma nesizwe lesi esithunywe zinyandezulu ukuba sizoselusa. 

See Also

Siyakuqonda ukuthi kunesimomqondo esithi kumele umuntu azibonakalise ukuthi ugogodile kwezemfundo. Kodwa okumele iSilo sikukhumbule ukuthi sona sagogoda sisuka kwelikamoya sithunywa yizinyandezulu ukuba sizokwelusa uZulu. Ngokungena ohlwini lokuholelwa nguHulumeni akumele iSilo sizithole sesinengcindezi yokubeka inkulumo ngesilungu. Ngingaphinda ngikucacise nje ukuthi iSilo siyobe sihlekisile ngesizwe samaZulu uma singezukusithwala lesi sibani sokwethula inkulumo ngesiZulu lapho nezinye izizwe ziyosibuza thina ukuthi sehluke ngani kuzona. 

Kungaqopheka umlando uma kungase iHhovisi leSilo likhiphe utolika ozotolika inkulumo ephume emlonyeni weSilo ngesiZulu ihunyushelwe abezizwe kungabi yithi maZulu esizohunyushelwa ukuthi iSilo sethu sithula inkulumo sithini, lokho kuyosithokozisa siyisizwe samaZulu. Nasezinkundleni zokuxhumana kungasijabulisa singamaZulu uma iSilo singaqala silobe ngesiZulu bese silandelisa ngelokutshelekwa. Ngisho nabahlobo baso iSilo abakwamanye amazwe sekumele bazi ukuthi sesenza umsebenzi esawuthunywa zinyandezulu sesikhuluma ulimi lwenkaba yaso. 

Singathokoza uma iSilo singaqamba usuku lokudlula kwabeNguni ngoNtulikazi wezi-2021 njengosuku okumele silukhumbule njengesizwe kungabi usuku lokufuna ukukhombisa ababulali ukuthi siyabaxolela kodwa kube usuku lwethu njengesizwe lokuxhumana nemimoya yabadlula bekhala. Nanjengoba iSilo sizakhele ugazi ngokukhumbuza isizwe ukuthi eNdlunkulu ilapho kuphethwe khona imisamo yethu.

Scroll To Top