Now Reading
Siyisizwe esikhuluma kuphela singenzi
Dark Light

Siyisizwe esikhuluma kuphela singenzi

Uke wazibuza ukuthi kungani uguquko esilulangazelela kangaka lungenzeki eNingizimu Afrika? Ziningi izinto esikhala ngazo futhi sikhala imihla namalanga, kodwa akuzwakali. Okubuhlungu ukuthi sikhala kubantu bakithi ocabanga ukuthi bazokuzwa uma ukhala. Uma uvakashela ihhovisi eliphethwe ngumuntu wakithi kuvuka ithemba ngoba usuke ucabanga ukuthi kukhona into azoyenza ngoba ungowoHlanga futhi uyalwazi usizi esibhekene nalo singaboHlanga. Uma ufaka isicelo somsebenzi uye ucabange ukuthi ngeke silahlwe nododi uma kushanyelwa.  Umbuzo omkhulu uthi, kwakhala nyonini? Sifike kanjani lapho izinto zonakala phambi kwethu singenzi lutho futhi kungezeki lutho. 

Ngicabanga ukuthi siyisizwe singenelwe umkhuba omubi. Siyakuthanda ukukhuluma futhi okubuhlungu ukuthi izinkulumo zethu aziphumi nezixazululo. Anginankinga futhi angimelene nokuhlala phansi sikhulume ngezinkinga esibhekene nazo. Ngiyakholelwa ekuhlaleni phansi nasekutholeni izixazululo ngokuhlala phansi sixoxe. Okufakazela ukuthi angimelene nokuhlangana sithole isixazululo ngezingxoxo, uhlelo lokuthuthikisa abantu abasha oluqhutshwa yinhlangano yami engenzinzuzo lukhuthaza ukuthi abasha abahlale phansi bathole izixazululo zezinkinga ababhekene nazo. Engimelene nako ukuxoxa unomphela kungabikhona izixazululo. Inkinga yami ukubona izwe lakithi likuhambisa phambili ukuxoxa kanye nemihlangano emikhulu engenamphumela. Uke wazibuza ukuthi mingakhi imihlangano ebanjwa kulelizwe uma kusile? Kuyo yonke leyomihlangano zingakhi izinto eziphathekayo ezenziwayo? 

Ungaphatheka kanjani uma ubaba wakho engathi asihlale phansi sixoxe njalo uma uletha isikhalo esithize noma uzocela into ethize? Angicabangi ukuthi ungaphinde ukholelwe kubazali bakho uma bengakutshela ukuthi basazoxoxa njalo uma ukhala ngezicathulo zesikole ezidabukile. Akuwenzi umqondo ukuthi njalo uma isizwe sikhala ngento ethize, abaphathi bacashe ngokuthi basayoxoxa. Sesikwenze kwaba umkhuba omubi ukuxoxa siyisizwe kangangokuthi sesenza imali ngokuxoxa. Bayazi nje abanikazi bezindawo zokuhlangana kanye nabemboni yokupheka ukuthi bazohlomula njalo ngonyaka kuhulumeni othanda ukuhlangana akhulume okungapheli. 

Abafundi bayafa, bayadlengulwa, babanjwa inkunzi, bayahlukunyezwa, abanamali yokufunda futhi babulawa yindlala ezikhungweni zemfundo ephakeme efaka phakathi iNyuvesi yaKwaZulu-Natal, iDurban University of Technology, i-University of Zululand kanye nezinye izikhungo, kodwa ubuholi balezi zikhungo buzokutshela ukuthi buqoke ithimba elibhekene nalezi zinkinga. Uma ungakhuluma nalelo thimba lizokutshela ukuthi lisaxoxa. Eminyakeni eyishumi ngisenyuvesi, abafundi bakhala ngento eyodwa. Uke wazibuza ukuthi kuyikho yini ukuthi abafundi bengahlukumezeka ezikhungweni zemfundo ephakeme? Ngokucabanga kwami isikhungo semfundo ephakeme kumele kube yindawo yempucuzeko kanye nendawo yezimpendulo zezinkinga izwe elibhekene nazo. 

Okungithusa kakhulu ukuthi umnyango wezemfundo ephakeme ophethwe umuntu ofundile, engicabanga ukuthi kumele ngabe akavumi ukuthi lokhu ngabe kuyenzeka emnyangweni wakhe, uthule uyabuka. Angifisi ukuzwakala sengathi ngikhomba umnumzane Blade Nzimande ngomunywe kulokuhluleka kwabaphathi balezikhungo, kodwa ngiyobe ngiyixoki uma ngingamkhombi emehlweni ngoba izehlakalo abafundi ababhekene nazo zenzeka phambi kwakhe. Ihhovisi lakhe liyayithola yonke imibiko futhi iyaphuma ezindabeni. 

Engizibuza khona, nengifisa ukuthi uzibuze khona, ukuthi yini lena esiyixoxa imihla namalanga siyisizwe? Izwe liyohlanganisa iminyaka engamashumi amathathu lakhululeka kodwa kunezinkinga ezingaxazululiwe. Uma ulandelela kuyavela ukuthi kunamathimba ayela eshumini aqokwa ukuthola izixazululo zezingqinamba umphakathi owawukhale ngazo uthi osakhala ngazo namanje. Kungabe lokhu kusho ukuthi labo abaqokiwe bayahluleka ukuthola izixazululo noma kusho ukuthi izixazululo ezithulwa ilamathimba zishaywa indiva?

See Also

Ngicabanga ukuthi sisifakile isandla, singumphakathi, kulo mkhuba wokukhuluma njalo singenzi lutho. Sigijima sicishe sizephule uma kubizwe imihlangano. Asizibuzi nokuthi ubizwe ngubani, ewubizelani. Uma sike sezwa ukuthi kuzobe kunokudla, sitheleka ngobuningi bethu kulemihlangano engasho lutho kithi. Ziningi izinhlelo ezibuthanisa abantu emahholo kanye nasezindaweni ezibizayo kodwa ayikho imiphumela futhi ayikho into ephathekayo okuphunywa nayo kuleyo mihlangano. Mingakhi imihlangano okubizwa osomabhizinisi kuyo, kuthiwe bayathuthukiswa, kodwa kungenzeki lutho. Kungani singayibuzi injongo yale mihlangano ngaphambi kokuthi sifike kuyo? Kungani singabuzi ukuthi yini ephathekayo esizoyithola kule mihlangano esibuthaniswa kuyo njalo?

Vuka muntu omnyama, asivukeni emaqandeni. Asihlukane nokukhuluma into engapheli, ibe ingekho into ephathekayo esiyenzayo. Lokhu angikusho kuwe kuphela, nami ngithathe isinqumo sokungabizi futhi ngingabi yinxenye yomhlangano onganamphumela futhi okhuluma into eyayikhulunyiwe phambilini. Sesichithe isikhathi eside sikhuluma okungapheli. Ngithuswe ukubona izinga labantu abafuna ukuba izikhulumi ezikhokhelwayo landa. Nginohla lwabantu abasha abafuna ukuba izikhulumi, abafuna ukukhuthaza abanye abantu kodwa anginalo uhla lwabantu abafuna ukwenza. Kulabo abafuna ukwenza, azikho izinsiza ngoba abaqokwe ukuthi balethe izinsiza emphakathini balibelwe izinkulumo ezingapheli.

Scroll To Top