Now Reading
Ukuvelela kwezokulingisa akumkhukhumalisi uLeleti
Dark Light

Ukuvelela kwezokulingisa akumkhukhumalisi uLeleti

Nanamuhla uma kuzwakala umnkenenezo wengoma iSarafina eyabe iyisihloko somdlalo weshashalazi owabhalwa yinkakha uMbongeni Ngema, igama elifika kuqala ngelikaLeleti Khumalo. Lo mlingisi odumile emhlabeni wavelela kakhulu kulo mdlalo owabe unomyalezo ocashile ngesimo sezepolitiki esasiqhubeka ezweni ngaleso sikhathi. 

Wawukhuluma ngezidubedube zowe-1976 eSoweto lapho abafundi boHlanga babebhikishela ukufundiswa isiBhunu ezikoleni. Wayedlala nosaziwayo kwezokulingisa uWhoopie Goldberg kulo mdlalo owagcina ukhonjiswa naseBroadway. 

Wayeneminyaka eli-15 vo ngesikhathi elingisa kuSarafina. Yiwo lo mdlalo kaMfo kaMadlokovu owavulela le ntokazi amathuba ngoba abadidiyeli bamafilimu emhlabeni baqala ukumlandela behlatshwa umxhwele ngenxa yekhono lakhe lokulingisa.Wadlala kufilimu iHotel Rwanda, iYesterday ne-Invictus. 

Muva nje uphinde wazibonakalisa emdlalweni wethelevishini owuchungewchunge, Imbewu:The Seed lapho edlala indawo kaNokubonga “MaZulu” Bhengu. Uphinde abe ngumdidiyeli walo mdlalo.Ngaphambi kokulingisa kuMbewu, waba ngabanye babalingisi bokuqala emdlalweni owuchungechunge kuthelevishini uZalo. 

Ngesikhathi eshiya kulo mdlalo kwaba nokuphawula okukhulu kukhona ababethi ukuhamba kwakhe kuzovula igebe elikhulu ngenxa yekhono lakhe ekulingiseni. Usenqobe waphinda wahlonishwa nangemiklomelo eminingi. 

Ngonyaka we-1995 waqokwa ngaphansi komklomelo i-Image Award ku-Outstanding Lead Actress. Ngonyaka we-2005 iDurban international Film Festival yamfaka ohlwini Lwabalingisi Abahamba phambili, kwaba nguye odla umhlanganiso.  

See Also

Ngowe-2017 waqokwa kuBest Supporting  Actress kumaSouth African Film and Television Awards. Ngowe-2006 waqokwa njengoMlingisi Ovelele kuGolden Horn.  Ungomunye wabalingisi bakuleli okuthi noma baziwa emhlabeni, kodwa ozehlisile okungangokuba ngaphansi kwesandla sakhe sekuphume abalingisi abaningi bakuleli. 

Wazalwa zingama-30 kuNdasa we-1970 KwaMashu eThekwini. Waqala ukuzibonakalisa eqenjini lentsha lakuleli lokishi elalaziwa ngokuthi Amajika elalaziwa ngomdanso nomculo nalapho ahlangana khona noTu Nokwe. Wabonakala nasemdlalweni owawubhalwe uSello Maake Ka-Ncube iKoze Kuse. 

Scroll To Top